Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 7
  • Unjani UJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unjani UJehova?
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Ingabe Uyaqhubeka Umazi Kangcono UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Ungumuntu Onjani UJesu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Qhubeka Ugqoka “Ubuntu Obusha” Ngemva Kokubhapathizwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Isipho SikaJehova Somoya Ongcwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 7
Isifundo 7. Indoda ibuka ulwandle ekushoneni kwelanga, imi phezu kwamatshe asekuqaleni kolwandle.

ISIFUNDO 07

Unjani UJehova?

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Lapho ucabanga ngoJehova uNkulunkulu, yini efika engqondweni? Ingabe ucabanga ukuthi uyamangalisa, kodwa ukude le njengezinkanyezi ezisemkhathini? Noma umbona enamandla amakhulu kodwa engenabo ubuntu, njengesiphepho esihambisana nokuduma kwezulu? Unjani ngempela uJehova? Esebenzisa iZwi lakhe iBhayibheli uJehova uveza ezinye zezimfanelo zakhe, aphinde akutshele ukuthi uyakukhathalela.

1. Kungani singamboni uNkulunkulu?

“UNkulunkulu unguMoya.” (Johane 4:24) UJehova akanawo umzimba ofana nowethu. UnguMoya ohlala ezulwini, indawo esingayiboni.

2. Yiziphi ezinye zezimfanelo zikaJehova?

Nakuba uJehova engabonakali, unguMuntu ongokoqobo onezimfanelo ezibenza bamthande labo abamaziyo. IBhayibheli lithi: “UJehova uyabuthanda ubulungisa, ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho.” (IHubo 37:28) “Unothando olukhulu nesihe,” ikakhulukazi kubantu abahluphekayo. (Jakobe 5:11) “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; uyabasindisa abadangele.” (IHubo 34:18) Ingabe bewazi ukuthi izinto esizenzayo zingamenza ajabule noma adumale? Umuntu okhetha ukwenza izinto ezimbi umzwisa ubuhlungu uJehova futhi uyamdumaza. (IHubo 78:40, 41) Kodwa umuntu owenza okulungile uyamjabulisa.​—Funda izAga 27:11.

3. UJehova ubonisa kanjani ukuthi uyasithanda?

Imfanelo kaJehova evelele kunazo zonke uthando. Empeleni, “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UJehova usembulela uthando lwakhe, hhayi nje kuphela eBhayibhelini kodwa nasezintweni azidalile. (Funda izEnzo 14:17.) Ngokwesibonelo, cabanga indlela asenze ngayo. Usenze sakwazi ukubona imibala emihle, ukuzwa umculo omnandi nokunambitha ukudla okwehla esiphundu. Ufuna sikujabulele ukuphila.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi uJehova uzenza kanjani izinto ezinhle. Ngemva kwalokho ufunde indlela uJehova asibonisa ngayo izimfanelo zakhe ezinhle.

4. Umoya ongcwele ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo

Izithombe ezihlanganisiwe: Izinto ezifezwe umoya ongcwele kaNkulunkulu. 1. Amaplanethi nemithala. 2. Umbhali weBhayibheli ubhala umqondo kaNkulunkulu emqulwini.

Njengoba nje sisebenzisa izandla zethu ukuze sisebenze, noJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele. IBhayibheli liveza ukuthi umoya ongcwele awuyena umuntu, kodwa ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo ukuze enze izinto. Fundani uLuka 11:13 nezEnzo 2:17, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UNkulunkulu ‘uzothululela’ umoya wakhe ongcwele kulabo abawucelayo. Ngakho ucabanga ukuthi umoya ongcwele ungumuntu, noma ungamandla uNkulunkulu awasebenzisayo? Kungani usho kanjalo?

UJehova usebenzisa umoya wakhe ongcwele ukuze enze izinto ezinhle. Fundani iHubo 33:6 neyesi-2 Petru 1:20, 21, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Yiziphi ezinye zezindlela uJehova asebenzise ngazo umoya wakhe ongcwele?

Izithombe ezihlanganisiwe: Izinto ezifezwe umoya ongcwele kaNkulunkulu. 1. Amaplanethi nemithala. 2. Umbhali weBhayibheli ubhala umqondo kaNkulunkulu emqulwini.

5. UJehova unobuntu obukhangayo

UMose wayeyinceku kaNkulunkulu ethembekile, kodwa wayefuna ukwazi okwengeziwe ngoMdali wakhe. Ngakho wathi kuye: “Ngenze ngazi izindlela zakho, ukuze ngikwazi.” (Eksodusi 33:13) UJehova wabe esetshela uMose ukuthi unguMuntu onjani. Fundani u-Eksodusi 34:4-6, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • Yini uJehova ayitshela uMose mayelana nobuntu baKhe?

  • Iyiphi imfanelo kaJehova oyithanda kakhulu wena?

6. UJehova uyabakhathalela abantu

Owesifazane uyathandaza.

Abantu bakaNkulunkulu abangamaHebheru babeyizigqila eGibhithe. Ubunzima ababebhekene nabo bamthinta kanjani uJehova? Dlalani OKULALELWAYO bese nihambisana nakho, noma nifunde u-Eksodusi 3:1-10, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.

OKULALELWAYO: Kwakumkhathaza UJehova Ukuhlupheka Kwabo (2:45)

  • Le ndaba ikutshela ukuthi uJehova uzizwa kanjani lapho ebona abantu besebunzimeni?​—Bheka ivesi 7 no-8.

  • Ucabanga ukuthi uJehova uyafuna ngempela ukubasiza abantu nokuthi uyakwazi ukubasiza? Kungani usho kanjalo?

7. Lokho indalo kaJehova esifundisa kona ngobuntu bakhe

Izithombe ezihlanganisiwe: Umkhomo omkhulu nomncane, izimbali nenyoni i-hummingbird.

UJehova wembula izimfanelo zakhe ezintweni azidala. Dlalani IVIDIYO. Ngemva kwalokho, fundani eyabaseRoma 1:20, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Indalo Yembula Uthando LukaJehova​—Umzimba Womuntu (1:57)

  • Yiziphi izimfanelo zikaJehova ozibonayo ezintweni azenzile?

ABANYE ABANTU BATHI: “UNkulunkulu akayena umuntu, umane nje ungamandla akuyo yonke indawo.”

  • Wena ucabangani?

  • Kungani uzizwa kanjalo?

UKUBUYEKEZA

UJehova unguMoya, unezimfanelo eziningi ezinhle, ikakhulukazi uthando.

Ufundeni?

  • Kungani singeke sikwazi ukubona uJehova?

  • Uyini umoya ongcwele?

  • Yiziphi ezinye zezimfanelo zikaJehova?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe ngezimfanelo zikaJehova ezine eziyinhloko.

“Unjani UNkulunkulu?” (INqabayokulinda No. 1 2019)

Funda ubufakazi bokuthi uJehova akekho kuzo zonke izinto.

“Ingabe UNkulunkulu Ukuyo Yonke Indawo?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Funda ukuthi kungani iBhayibheli libiza umoya ongcwele ngokuthi izandla zikaNkulunkulu.

“Uyini Umoya Ongcwele?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Kwakunzima ngendoda ethile eyimpumputhe ukuba ikholelwe ukuthi uNkulunkulu uyayithanda. Thola ukuthi yini eyayenza yashintsha umqondo.

“Manje Sengingakwazi Ukusiza Abanye” (INqabayokulinda, Okthoba 1, 2015)

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela