INGOMA 73
Sinikeze Isibindi
1. Njengoba sishumayela,
Njengoba sifakaza,
Baning’ abas’phikisayo
Abasihlazisayo.
Kunokwesab’ abantu,
Kumelwe s’lalele wena.
Manje s’cela umoya wakho;
O Jehova, s’yakhuleka.
(CHORUS)
Sinikeze isibindi
Sinqobe ukwesaba.
Siphe ukuqiniseka
Ukuze bezwe bonke.
I-Armagedon’ iyeza,
Ngaphambi kwalolo suku,
Sinikeze isibindi.
S’yakhuleka.
2. Ngisho noma singesaba,
Uyazi siluthuli.
Siyazi uzosiphasa
Futhi siyakwethemba.
Lalela izinsongo
Zabasihlambalazayo.
Sisize sonke siqhubeke
Sikhulume ngesibindi.
(CHORUS)
Sinikeze isibindi
Sinqobe ukwesaba.
Siphe ukuqiniseka
Ukuze bezwe bonke.
I-Armagedon’ iyeza,
Ngaphambi kwalolo suku,
Sinikeze isibindi.
S’yakhuleka.
(Bheka neyoku-1 Thes. 2:2; Heb. 10:35.)