Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb kk. 2-3
  • INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lingisa Ukholo Lwabo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Okufunde Engxenyeni 2
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Indlela Yokusebenzisa Incwajana Ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Isethulo
    I-Phaphama!—2019
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb kk. 2-3
Umndeni usebenzisa iBhayibheli njengoba ufunda incwadi ethi Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini

INcwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo

Zikhonzi Ezithandekayo:

Siyalithanda iZwi likaJehova, iBhayibheli, ngoba siyizikhonzi zakhe. Siyaqiniseka ukuthi umlando okulo unembile futhi lisinikeza isiqondiso esingasethemba liphinde lisibonise ubufakazi obuthinta inhliziyo bokuthi uJehova uyabathanda abantu. (IHubo 119:105; Luka 1:3; 1 Johane 4:19) Sinesifiso esijulile sokusiza abanye bafunde amaqiniso ayigugu aseZwini likaNkulunkulu. Yingakho sijabula ukukhulula le ncwadi ethi Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini. Kafushane nje ake sikuchazele ngayo.

Le ncwadi yenzelwe izingane. Nokho, ingaba usizo nakubantu abadala abafuna ukufunda okwengeziwe ngeBhayibheli. IBhayibheli liyincwadi yawo wonke umuntu, ngakho asingabazi ukuthi sonke sizozuza ngokuhlola izifundo ezikulo, ezingasisiza sijabule ngempela.

Le ncwadi ichaza umlando wabantu kusukela ekudalweni kwabo kuye phambili, isebenzisa izindaba eziseBhayibhelini. Kwenziwe umzamo omkhulu wokuchaza lezi zindaba eziseBhayibhelini ngendlela elula necacile nangendlela ezilandelana ngayo.

Nokho, le ncwadi yenza okungaphezu nje kokulandisa izindaba eziseBhayibhelini. Amagama nezithombe okukule ncwadi kwenziwe ngendlela yokuthi kuthinte inhliziyo futhi kwenze izindaba eziseBhayibhelini ziphile.

Le ncwadi isisiza sibone ukuthi iBhayibheli likhuluma ngabantu abalalela uNkulunkulu nangalabo abangazange bamlalele. Liphinde lisikhuthaze ukuba sifunde ezibonelweni zabo. (Roma 15:4; 1 Korinte 10:6) Le ncwadi ihlukaniswe yaba yizingxenye ezingu-14. Ekuqaleni kwengxenye ngayinye, kunencazelo emfushane yalokho esizokufunda kuleyo ngxenye.

Uma ungumzali, ungase ufunde isifundo nengane yakho bese nixoxa ngezithombe ezilapho. Ngemva kwalokho ningafunda amavesi eBhayibheli okusekelwe kuwo isifundo. Siza ingane yakho ixhume lokho ekufunda eBhayibhelini nesifundo esithola encwadini. Ngisho nomuntu osekhulile ingamsiza le ndlela ukuze athole umongo weBhayibheli.

Sithemba ukuthi le ncwadi izosiza bonke abafuna ukwazi ngoNkulunkulu—abancane nabadala—bafunde eZwini lakhe futhi basebenzise izifundo abazitholayo ekuphileni kwabo. Lokho kuyobenza nabo bakhonze uNkulunkulu njengamalungu omndeni wakhe awuthandayo.

Abafowenu,

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela