Isethulo Sengxenye 1
IBhayibheli liqale likhulume ngokudalwa kwendalo esikwazi ukuyibona, lisenza sibone izinto ezinhle uJehova azenzile, ezulwini nasemhlabeni. Uma ungumzali, siza ingane yakho ibone izinto eziningi ngokubabazekayo uNkulunkulu azidalile. Yibonise indlela uNkulunkulu adale ngayo abantu bahlakanipha kunezilwane, wabanika ikhono lokukhuluma, lokucabanga, lokusungula izinto, lokucula nelokuthandaza. Siza ingane yakho iwahloniphe amandla kaJehova nokuhlakanipha kwaKhe, ikakhulukazi indlela ayithanda ngayo yonke indalo yakhe—kuhlanganise nathi njengabantu.