Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 2 k. 10-k. 11 isig. 1
  • UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abantu Bokuqala
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Kungani Siguga Futhi Sifa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
  • Isitha Sokugcina, Ukufa, Senziwa Ize
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ukufa Nokuvuswa KukaJesu—Indlela Okungakuzuzisa Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 2 k. 10-k. 11 isig. 1
U-Adamu no-Eva engadini yase-Edene

ISIFUNDO 2

UNkulunkulu Wadala Indoda Yokuqala Nowesifazane Wokuqala

UJehova watshala ingadi endaweni ebizwa ngokuthi i-Edene. Le ngadi yayigcwele izimbali, izihlahla nezilwane. UNkulunkulu wabe esedala indoda yokuqala, u-Adamu, ngothuli lomhlabathi wafuthela umoya emakhaleni ayo. Uyazi ukuthi kwenzekani? Umuntu waqala ukuphila! UJehova wabe esethi u-Adamu makanakekele ingadi futhi aqambe zonke izilwane.

UJehova wanika u-Adamu umthetho obalulekile. Wathi kuye: ‘Ungazidla izithelo zazo zonke izihlahla kodwa kunesihlahla esisodwa okungamelwe udle kuso. Uma udla isithelo saleso sihlahla uzofa.’

Ngokuhamba kwesikhathi, uJehova wathi: ‘U-Adamu ngizomenzela umsizi.’ UNkulunkulu wabe esebangela ukuba u-Adamu alale zwi, ngemva kwalokho wathatha ubambo luka-Adamu wakha inkosikazi ka-Adamu. Igama le nkosikazi yakhe kwakungu-Eva. U-Adamu no-Eva baba umndeni wokuqala. U-Adamu wazizwa kanjani ngokuba nenkosikazi? U-Adamu wajabula kakhulu waze wathi: ‘Yaze yayinhle intombi eyenziwe ngobambo lwami. Ekugcineni sengimtholile ongowami.’

UJehova watshela u-Adamu no-Eva ukuba babe nezingane bagcwalise umhlaba. Wayefuna bakujabulele ukusebenza ndawonye, benze wonke umhlaba ube yipharadesi noma ipaki elihle njengengadi yase-Edene. Kodwa lokho akwenzekanga. Kungani? Sizofunda okuningi esahlukweni esilandelayo.

“Lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane.”—Mathewu 19:4

Imibuzo: Yimuphi umsebenzi uJehova awunika u-Adamu? Yini eyayizokwenzeka uma u-Adamu no-Eva bedla isithelo sesihlahla uNkulunkulu ayethe bangasidli?

Genesise 1:27-31; 2:7-9, 15-23; IHubo 115:16; Mathewu 19:4-6

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela