Isethulo Sengxenye 2
Kungani uJehova aletha uzamcolo owabhubhisa abantu bangaleso sikhathi? Ekuqaleni komlando wabantu, uSathane wavukela uJehova. Abantu abathile, njengo-Adamu no-Eva nendodana yabo uKhayini, bakhetha uhlangothi lukaSathane. Abanye abambalwa, njengo-Abela noNowa, bakhetha ukuba sohlangothini lukaJehova. Abantu abaningi benza izinto ezimbi kangangokuthi uJehova wanquma ukubabhubhisa labo bantu ababi. Le ngxenye izosisiza sibone ukuthi uJehova uyalubona uhlangothi esilukhethayo nokuthi akasoze avumela ububi bunqobe ubuhle.