Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 21 k. 24
  • UJesu Uyaphila!

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uyaphila!
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abaphostoli Bashumayela Ngesibindi
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • UNkulunkulu Ukhumbula Indodana Yakhe
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UJesu Uyavuswa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJesu Uprofetha Ngezenzakalo Eziyothinta Umhlaba Wonke
    IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 21 k. 24
UJesu ukhuphukela ezulwini

INGXENYE 21

UJesu Uyaphila!

UJesu uvela kubalandeli bakhe ukuze abafundise futhi abakhuthaze

NGOSUKU lwesithathu uJesu efile, abesifazane abathile ababengabafundi bakhe bafika ethuneni bathola ukuthi itshe elalivale umnyango ongena ethuneni lase lisusiwe. Ngaphezu kwalokho, ithuna lalingenamuntu!

Kwaqhamuka izingelosi ezimbili. Enye yathi: “Nifuna uJesu umNazaretha. . . . Uvusiwe.” (Marku 16:6) Laba besifazane abachithanga sikhathi, bagijima bayotshela abaphostoli. Endleleni bahlangana noJesu. Wathi: “Ningesabi! Hambani niyobikela abafowethu, ukuze bahambe baye eGalile; bazongibona khona.”​—Mathewu 28:10.

Kamuva ngalelo langa, abafundi ababili babehamba besuka eJerusalema beya emzini wase-Emawuse. Besahamba, umuntu othile abangamazi wahambisana nabo wababuza ukuthi bakhuluma ngani. Empeleni lo muntu kwakunguJesu ovusiwe, owavela ngesimo esabenza bangakwazi ukumbona ekuqaleni. Bekhathazekile, bamtshela ukuthi bebekhuluma ngoJesu. Lo muntu abangamazi waqala ukuchaza izinto eziphathelene noMesiya kuyo yonke imiBhalo. Ngempela, uJesu wayezigcwalise zonke ngothi lwazo iziprofetho zikaMesiya.a Lapho abafundi beqaphela ukuthi lo muntu abangamazi unguJesu, manje owayesevusiwe kodwa eyisidalwa somoya, wavele wanyamalala.

Laba bafundi ababili babuyela eJerusalema ngaso leso sikhathi. Bafica abaphostoli behlangene behluthulele iminyango. Ngesikhathi laba ababili belandisa okwakwenzekile, uJesu wangena. Abalandeli bakhe ababemangele abakholwanga! Wababuza: “Kungani kuvela ukungabaza ezinhliziyweni zenu na? Kulotshiwe ukuthi uKristu uyohlupheka futhi avuke phakathi kwabafileyo ngosuku lwesithathu.”​—Luka 24:38, 46.

Ezenzakalweni ezihlukahlukene, uJesu wavela kubafundi bakhe izinsuku ezingu-40 ngemva kokuba evusiwe. Kwesinye isenzakalo wavela kubantu abangaphezu kuka-500! Cishe kulesi senzakalo wabanikeza isabelo esinzima: “Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho. Bhekani! Nginani izinsuku zonke kuze kube isiphelo sesimiso sezinto.”​—Mathewu 28:19, 20.

Mhla ehlangana okokugcina nabaphostoli bakhe, uJesu wabathembisa: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) UJesu wabe esephakanyiselwa phezulu, wasithwa yifu bangabe besambona njengoba ayenyukela ezulwini.

​—Isekelwe kuMathewu isahluko 28; Marku isahluko 16; Luka isahluko 24; Johane isahluko 20 no-21; 1 Korinte 15:5, 6.

a Ukuze uthole izibonelo zeziprofetho ezagcwaliseka ezibonisa ukuthi uJesu unguMesiya, bheka amakhasi 17-19 ale ncwajana namakhasi 199-201 encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

  • Abafundi bakaJesu bathola kanjani ukuthi uNkulunkulu umvusile?

  • UJesu wabachazelani abafundi ababili ababesendleleni eya e-Emawuse?

  • Yiziphi iziqondiso uJesu azinika abafundi bakhe ngaphambi kokuba enyukele ezulwini?

UMOYA ONGCWELE

Umoya ongcwele kaNkulunkulu ungamandla amakhulu kunawo wonke kuyo yonke indawo. UJehova uNkulunkulu wasebenzisa umoya wakhe noma amandla akhe asebenzayo ukuze adale amazulu nomhlaba futhi aqondise ukulotshwa kweBhayibheli. Lo moya yiwona owabangela zonke lezi zimangaliso esesifunde ngazo, kuhlanganise nesimangaliso esikhulu kunazo zonke​—ukuvuswa kukaJesu Kristu eseyisidalwa somoya esinamandla.​—Genesise 1:2; 2 Samuweli 23:2; IzEnzo 10:38; 1 Petru 3:18.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela