Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 20 k. 23
  • UJesu Kristu Uyabulawa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Kristu Uyabulawa
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Usuku Lokugcina Lokuphila KukaJesu Kobuntu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • UKristu Uyakhashelwa Futhi Uyaboshwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 20 k. 23
UJesu

INGXENYE 20

UJesu Kristu Uyabulawa

UJesu umisa umkhosi omusha; uyakhashelwa, abethelwe

NGEMVA kweminyaka emithathu nengxenye eshumayela futhi efundisa, uJesu wayazi ukuthi isikhathi sakhe esemhlabeni sisondela ekupheleni. Abaholi benkolo abangamaJuda babemakhela uzungu lokumbulala, kodwa babesaba ukuthi abantu bazobanga isiyaluyalu ngoba babembheka njengomprofethi. Ngaleso sikhathi, uSathane wenza ukuba omunye wabaphostoli bakaJesu abangu-12​—uJuda Iskariyothe—​abe imbuka. Abaholi benkolo bamkhokhela izinhlamvu zesiliva ezingu-30 ukuze akhaphele uJesu.

Ngobusuku bakhe bokugcina, uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe ukuze bagubhe iPhasika. Ngemva kokuxosha uJuda, uJesu wamisa umkhosi omusha, iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Wathatha isinkwa, wathandaza, wayesesinikeza abaphostoli abangu-11 ababesele, wathi kubo: “Lokhu kusho umzimba wami ozonikelwa ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” Wenza okufanayo nangendebe yewayini, ethi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami.”​—Luka 22:19, 20.

Kuningi uJesu akutshela abafundi bakhe ngalobo busuku. Wabanika umyalo omusha​—wokuba babonisane uthando olungenabugovu. Wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.” (Johane 13:34, 35) Wabanxusa ukuba bangavumeli izinhliziyo zabo zikhathazwe izenzakalo ezishaqisayo ezase zizokwenzeka. UJesu wabathandazela ngobuqotho. Bahlabelela izingoma ndawonye base bephumela ngaphandle.

Ensimini yaseGetsemane, uJesu waguqa wathandaza ngokusuka enhliziyweni. Ngokushesha, kwafika iviyo lamasosha, abapristi nabanye bezombopha. UJuda wasondela, walibonisa uJesu ngokumanga. Njengoba amasosha ebamba uJesu, abaphostoli babaleka.

Emi phambi kwenkantolo ephakeme yamaJuda, uJesu wathi uyiNdodana kaNkulunkulu. Inkantolo yambeka icala lokuhlambalaza futhi yathi ufanelwe ukufa. UJesu wayiswa kuMbusi ongumRoma uPontiyu Pilatu. Nakuba uPilatu athola uJesu engenacala, wamnikela esixukwini esasifuna ukumbulala.

UJesu wayiswa eGolgotha, lapho amasosha angamaRoma afike ambethelela khona esigxotsheni. Kwenzeka isimangaliso, ukukhanya kwasemini kwaphenduka ubumnyama. Kamuva ngalolo suku, uJesu wafa futhi kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba. Umzimba wakhe wangcwatshwa ethuneni elaliqoshwe edwaleni. Ngosuku olulandelayo, abapristi balivala ithuna base bebeka unogada emnyango walo. Ingabe uJesu wayezohlala kulelo thuna? Cha. Kwase kuzokwenzeka isimanga sezimanga.

​—Isekelwe kuMathewu izahluko 26 no-27; Marku izahluko 14 no-15; Luka izahluko 22 no-23; Johane izahluko 12 kuya ku-19.

  • Yimuphi umkhosi omusha uJesu awumisa?

  • Yiziphi izenzakalo ezaholela ekufeni kukaJesu?

INDIMA KAJESU EBALULEKE KAKHULU

Ukufa kukaJesu kwenza lukhulu ekufezekeni kwenjongo kaJehova. Ngenxa yokuthi uJesu wayezelwe ngomoya ongcwele kaNkulunkulu, wazalwa ephelele, engakutholanga njengefa ukufa. Noma kunjalo, wanikela ngokuphila kwakhe ukuze isintu sibe nethuba lokuphila phakade futhi sibe nokuphila u-Adamu ongalaleli akulahlekisela inzalo yakhe.a​—Mathewu 20:28; Luka 1:34, 35; Johane 3:16, 36; 2 Petru 3:13.

a Ukuze uthole ingxoxo eyengeziwe ngenani lomhlatshelo wokufa kukaJesu, bheka amakhasi 47-56 encwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela