Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 4 k. 7
  • UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Wambiza Ngokuthi “Umngane Wami”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Wayengubani U-Abrahama?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • U-Abrahama noSara—Ungalulingisa Ukholo Lwabo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • U-Abrahama NoSara Balalela UNkulunkulu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 4 k. 7
U-Abrahama ubuka izinkanyezi

INGXENYE 4

UNkulunkulu Wenza Isivumelwano No-Abrahama

U-Abrahama ulalela uNkulunkulu ngokholo, futhi uJehova uthembisa ukumbusisa nokwandisa inzalo yakhe

SEKUDLULE iminyaka engaba ngu-350 ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Inzalamizi engu-Abrahama yayihlala ezweni elichumayo lase-Uri, indawo namuhla ebizwa ngokuthi i-Iraq. U-Abrahama wayeyindoda enokholo oluphawulekayo. Kodwa manje ukholo lwakhe lwavivinywa.

UJehova watshela u-Abrahama ukuba ashiye izwe azalelwa kulo aye ezweni angalazi, okwaba yiKhanani. U-Abrahama walalela ngaphandle kokungabaza. Wathatha umkhaya wakhe, owawuhlanganisa umkakhe uSara, umshana wakhe uLoti, futhi ngemva kohambo olude, wahlala ematendeni eKhanani. Esivumelwaneni uJehova asenza no-Abrahama, wamthembisa ukuthi kwakuyovela isizwe esikhulu kuye, ukuthi yonke imindeni yomhlaba yayiyobusiswa ngaye nokuthi inzalo yakhe yayiyonikwa izwe laseKhanani.

U-Abrahama noLoti bachuma, baba nemihlambi emikhulu yezimvu nezinkomo. Ngaphandle kobugovu, u-Abrahama wathi uLoti akakhethe noma iyiphi indawo ayithandayo. ULoti wakhetha isifunda esivundile saseMfuleni iJordani futhi wahlala eduze nomuzi waseSodoma. Kodwa abantu baseSodoma babengaziphethe kahle—beyizoni ezinkulu phambi kukaJehova.

Kamuva uJehova uNkulunkulu wabuye waqinisekisa u-Abrahama ngokuthi inzalo yakhe yayizoba ningi njengezinkayezi zezulu. U-Abrahama waba nokholo kuleso sithembiso. Kepha umka-Abrahama othandekayo, uSara, wayelokhu engenabantwana. Kwathi lapho u-Abrahama eneminyaka engu-99 ubudala, uSara esecela eminyakeni engu-90, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuthi yena noSara babezoba nendodana. Njengoba uNkulunkulu ayeshilo, uSara wazala u-Isaka. U-Abrahama waba nezinye izingane, kodwa uMkhululi owayethenjiswe e-Edene wayezovela ngo-Isaka.

Phakathi naleso sikhathi, uLoti nomkhaya wakhe babehlala eSodoma, kodwa uLoti olungile akazange afane nabantu bakulowo muzi ababengaziphethe kahle. Lapho uJehova enquma ukwahlulela iSodoma, waqale wathuma izingelosi ukuba ziyoxwayisa uLoti ngembubhiso eyayizofika. Izingelosi zanxusa uLoti nomkhaya wakhe ukuba babaleke eSodoma futhi bangabheki emuva. UNkulunkulu wayesenza ukuba kune umlilo nesibabule eSodoma nasemzini owonakele owawuseduzane, iGomora, wabhubhisa bonke ababehlala khona. ULoti namadodakazi akhe amabili baphunyuka. Kodwa umkaLoti wabheka emuva, mhlawumbe efisa izinto ayezishiyile. Ngenxa yalokhu kungalaleli, wakhokha ngokuphila kwakhe.

​—Isekelwe kuGenesise 11:10–19:38

  • Kungani u-Abrahama athuthela eKhanani?

  • Yisiphi isivumelwano uJehova asenza no-Abrahama?

  • Kungani uJehova abhubhisa iSodoma neGomora?

UNKULUNKULU WEZIVUMELWANO

Ezikhathini zeBhayibheli, isivumelwano sasifungelwa. Ngohlu lwezivumelwano, ezaziyizithembiso ezingathí sina, uJehova wembula kancane kancane ukuthi yayiyogcwaliseka kanjani injongo yakhe mayelana noMkhululi owathenjiswa e-Edene. Isithembiso esenziwa no-Abrahama sabonisa ukuthi oThenjisiwe wayezovela ohlwini lozalo luka-Abrahama. Izivumelwano zakamuva zaziyokukhanyisa ngokwengeziwe ukuthi ungubani Lowo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela