Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bm ingxenye 5 k. 8
  • UNkulunkulu Ubusisa U-Abrahama Nomndeni Wakhe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UNkulunkulu Ubusisa U-Abrahama Nomndeni Wakhe
  • IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UZamcolo Kuya Ekukhululweni EGibhithe
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJehova—“UNkulunkulu Onika Ukuthula”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Genesise Okuphakathi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • “Ingabe Ngisesikhundleni SikaNkulunkulu?”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?
bm ingxenye 5 k. 8
U-Abrahama uphakamise ummese njengoba u-Isaka elele phezu kwe-altare

INGXENYE 5

UNkulunkulu Ubusisa U-Abrahama Nomkhaya Wakhe

Inzalo ka-Abrahama iyachuma. UNkulunkulu uvikela uJosefa eGibhithe

UJEHOVA wayazi ukuthi Lowo ayemthanda kakhulu wayeyohlupheka futhi afe ngelinye ilanga. Isiprofetho esilotshwe kuGenesise 3:15 salisikisela leli qiniso. Ingabe uNkulunkulu wayengakwazi ukubonisa abantu ukuthi lokho kufa kwakuyomlahlekisela kangakanani? IBhayibheli lisinikeza isibonelo. UNkulunkulu wacela u-Abrahama ukuba anikele ngendodana yakhe ayithandayo u-Isaka.

U-Abrahama wayenokholo olukhulu. Khumbula, uNkulunkulu wayemthembise ukuthi uMkhululi owayebikezelwe, noma iMbewu, wayezovela ku-Isaka. Ethemba ukuthi uNkulunkulu uzomvusa u-Isaka uma kudingeka, u-Abrahama wayezolalela anikele ngendodana yakhe. Kodwa ingelosi kaNkulunkulu yamvimba ngesikhathi esifanele u-Abrahama. Encoma u-Abrahama ngokuzimisela kwakhe ukunikela ngalokho okwakuyigugu kakhulu kuye, uNkulunkulu waphinda izithembiso zaKhe kule nzalamizi ethembekile.

Kamuva, u-Isaka waba namadodana amabili, u-Esawu noJakobe. Ngokungafani no-Esawu, uJakobe wayezazisa izinto ezingokomoya futhi wavuzwa ngalokho. UNkulunkulu washintsha igama likaJakobe waba u-Israyeli futhi amadodana ka-Israyeli angu-12 aba yizinhloko zezizwe zakwa-Israyeli. Kodwa lowo mkhaya waba kanjani isizwe esikhulu?

Uchungechunge lwezenzakalo lwaqala lapho iningi lalawo madodana liba nomona ngomfowabo omncane uJosefa. Amthengisa njengesigqila futhi wayiswa eGibhithe. Kodwa uNkulunkulu wayibusisa le nsizwa enesibindi. Naphezu kobunzima obesabekayo, ekugcineni uJosefa waqokwa uFaro, umbusi waseGibhithe, wanikwa isikhundla esiphakeme. Lokhu kwenzeka ngesikhathi ngoba indlala yabangela ukuba uJakobe athume amanye amadodana akhe eGibhithe ukuba ayothenga ukudla—futhi uJosefa nguye owayephethe konke ukudla! Ngemva kokuhlangana okuthinta inhliziyo kukaJosefa nabafowabo abase bephendukile, uJosefa wabaxolela futhi wahlela ukuba wonke umkhaya uthuthele eGibhithe. Lo mkhaya wanikezwa izwe lekhethelo, lapho wawungaqhubeka wanda futhi uchuma khona. UJosefa waqonda ukuthi uNkulunkulu wayehlele izinto ngale ndlela ukuze agcwalise izithembiso zaKhe.

UJosefa utshela abafowabo ababengasamboni ukuthi ungumfowabo omncane

UJakobe owayesegugile wahlala ukuphila kwakhe konke eGibhithe, ezungezwe umkhaya wakhe owawulokhu wanda. Lapho esezokufa, wabikezela ukuthi iMbewu ethenjisiwe, noma uMkhululi, yayiyoba uMbusi onamandla owayeyozalwa ohlwini lomndeni wendodana yakhe, uJuda. Ngemva kweminyaka eminingi, naye esezokufa, uJosefa waprofetha ukuthi ngelinye ilanga uNkulunkulu wayeyowukhipha umkhaya kaJakobe eGibhithe.

—Isekelwe kuGenesise izahluko 20 kuya ku-50; Hebheru 11:17-22.

  • UNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuba enzeni, futhi ngalokho yini ayeyibonisa isintu?

  • Kwenzeka kanjani ukuba uJosefa abe seGibhithe, futhi waba yini umphumela?

  • Yini uJakobe aprofetha ngayo ngaphambi kokuba afe?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela