Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bh kk. 222-223
  • Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?
  • Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengawagubhi Amanye Amaholide?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Amaholide
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • Ama-Easter Noma ISikhumbuzo—Ikuphi Okufanele Ukugubhe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ingabe Yonke Imicimbi Egujwayo Iyamjabulisa UNkulunkulu?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
bh kk. 222-223

ISITHASISELO

Kufanele Yini Sigubhe Amaholide?

AMAHOLIDE amaningi adumile, awenkolo nangewona awenkolo agujwa emazweni amaningi namuhla, awasekelwe eBhayibhelini. Kusukaphi-ke pho ukugujwa kwalawo maholide? Uma kunomtapo wezincwadi ongaya kuwo, uyomangala uma uzwa izinto ezishiwo izincwadi ngamaholide athandwayo lapho uhlala khona. Nazi izibonelo ezimbalwa.

Ama-Easter. “Akukho okubonisa ukuthi kwake kwagujwa umkhosi wama-Easter eTestamenteni Elisha,” kusho i-Encyclopædia Britannica. Aqala kanjani ama-Easter? Asuka ekukhulekeleni kwamaqaba. Nakuba leli holide kuthiwa elokukhumbula ukuvuswa kukaJesu, amasiko enziwa ngesikhathi sama-Easter awawona awobuKristu. Ngokwesibonelo, ngokuqondene “nonogwaja wama-Easter” odumile, i-Catholic Encyclopedia ithi: “Unogwaja uwuphawu lobuqaba futhi ubulokhu uwuphawu lwenzalo.”

Imikhosi KaNcibijane. Usuku lokugubha uNcibijane nemikhuba yawo kuyahlukahluka emazweni ahlukene. Mayelana nomsuka walo mkhosi, i-World Book Encyclopedia ithi: “Umbusi waseRoma uJulius Caesar wamisa u-January 1 njengoSuku LukaNcibijane ngo-46 B.C. AmaRoma anikezela lolu suku kuJanus, unkulunkulu wamasango, izicabha, neziqalo. Inyanga ka-January yethiwa ngoJanus, owayenobuso obubili—obunye bubheke phambili obunye bubheke emuva.” Ngakho imikhosi kaNcibijane isekelwe emikhubeni yobuqaba.

I-Halloween. I-Encyclopedia Americana ithi: “Amasiko ahlangene neHalloween asuka emkhosini wamaDruid [abapristi basendulo bamaCelt] wangaphambi kwezikhathi zobuKristu. AmaCelt ayenemikhosi yonkulunkulu ababili abakhulu—unkulunkulu welanga nonkulunkulu wabafileyo . . . , omkhosi wakhe wawenziwa ngo-November 1, okwakuqala ngawo uNcibijane wamaCelt. Umkhosi wabafileyo wafakwa kancane kancane enkonzweni yamaKristu.”

Amanye Amaholide. Ngeke sikwazi ukuxoxa ngayo yonke imikhosi egujwa emhlabeni wonke. UJehova akawamukeli amaholide adumisa abantu noma izinhlangano zabo. (Jeremiya 17:5-7; IzEnzo 10:25, 26) Khumbula nokuthi umsuka wemikhosi yenkolo iwona oyonquma ukuthi iyamthokozisa yini uNkulunkulu noma cha. (Isaya 52:11; IsAmbulo 18:4) Izimiso zeBhayibheli ezishiwo eSahlukweni 16 kule ncwadi ziyokusiza ukuba unqume ukuthi uNkulunkulu ukubheka kanjani ukugubha amaholide angewona awenkolo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela