Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bh k. 221-k. 222 isig. 2
  • Ingabe UJesu Wazalwa Ngo-December?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe UJesu Wazalwa Ngo-December?
  • Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu
    I-Phaphama!—2013
  • Ukuzalwa KukaJesu​—⁠Kuphi, Nini?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wazalwa Nini UJesu?
    I-Phaphama!—2008
  • Ukuzalwa KukaJesu—Kuphi Futhi Nini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
bh k. 221-k. 222 isig. 2

ISITHASISELO

Ingabe UJesu Wazalwa Ngo-December?

IBHAYIBHELI alisitsheli ukuthi uJesu wazalwa nini. Kodwa liyasinikeza isizathu esizwakalayo sokuphetha ngokuthi akazalwanga ngo-December.

Cabanga ngesimo sezulu sango-December eBhetlehema, lapho uJesu azalelwa khona. Inyanga yamaJuda uChislev (engu-November/December) kwakuyinyanga yamakhaza nemvula. Inyanga elandela leyo kwakunguTebeth (December/January). Amakhaza ayeshubisa umnkantsha ngale nyanga, ngezinye izikhathi likhithike ezinkangala. Ake sizwe ukuthi iBhayibheli lithini ngesimo sezulu sale ndawo.

Umlobi weBhayibheli u-Ezra uveza ukuthi uChislev ngempela wawuyinyanga eyaziwa ngamakhaza nemvula. Ngemva kokuba ethe isixuku sasikade sibuthene eJerusalema “ngenyanga yesishiyagalolunye [uChislev] ngosuku lwamashumi amabili lwenyanga,” u-Ezra ubika ukuthi abantu ‘babeqhaqhazela ngenxa yezihlambi zemvula.’ Mayelana nesimo sezulu ngaleso sikhathi sonyaka, kwabona abantu ababebuthene bathi: “Yinkathi yezihlambi zemvula, asikwazi ukuma ngaphandle.” (Ezra 10:9, 13; Jeremiya 36:22) Yingakho abelusi ababehlala kule ndawo babeqiniseka ukuthi bona nemihlambi yabo abekho ngaphandle ebusuku ngo-December!

Nokho, iBhayibheli lithi abelusi babesendle beluse imihlambi yabo ngobusuku uJesu azalwa ngabo. Eqinisweni, umlobi weBhayibheli uLuka uthi ngaleso sikhathi, abelusi ‘babehlala ngaphandle belinda imihlambi yabo ebusuku’ eduze kwaseBhetlehema. (Luka 2:8-12) Phawula ukuthi abelusi babehlala ngaphandle, akukhona ukuthi bebezihambahambela nje ngaphandle emini. Babenemihlambi yabo endle ebusuku. Ingabe leyo ncazelo yokuthi babehlala ngaphandle iyafanelana nesimo sezulu semvula saseBhetlehema ngo-December? Cha, ayifanelani. Ngakho okwenzeka ngesikhathi uJesu ezalwa kubonisa ukuthi akazalwanga ngo-December.a

IZwi likaNkulunkulu lisitshela ngokunembile ukuthi uJesu wafa nini, kodwa kuncane elikushoyo ngokuthi wazalwa nini. Lokhu kusikhumbuza amazwi eNkosi uSolomoni: “Igama lingcono kunamafutha amahle, nosuku lokufa lungcono kunosuku lokuzalwa komuntu.” (UmShumayeli 7:1) Akumangazi-ke ukuthi iBhayibheli lisho okuningi ngenkonzo nokufa kukaJesu kodwa okumbalwa ngesikhathi sokuzalwa kwakhe.

Abelusi basendle ebusuku nemihlambi yabo eduze kwaseBhetlehema

Ngesikhathi kuzalwa uJesu, abelusi nemihlambi yabo babesendle ebusuku

a Ukuze uthole okwengeziwe, bheka amakhasi 35-9 encwadi Ukubonisana NgemiBhalo, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela