Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • kp kk. 6-8
  • Kusho Ukuthini Konke Lokhu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kusho Ukuthini Konke Lokhu?
  • Hlalani Nilindile!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Siphila “Ezinsukwini Zokugcina”?
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Injongo KaNkulunkulu Izofezeka Ngokushesha
    Iyini Injongo Yokuphila? Ungayithola Kanjani?
  • Izindaba Ezinhle Abafuna Ukuba Uzizwe
    OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
  • Kuzofika Nini Ukuphela? Lokho Okwashiwo UJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
Bheka Okunye
Hlalani Nilindile!
kp kk. 6-8

Kusho Ukuthini Konke Lokhu?

UJESU KRISTU wathi: ‘Isiphelo sesimiso sezinto’ siyobonakala ngezimpi, ukuntuleka kokudla, izifo eziwumqedazwe, nokuzamazama komhlaba.—Mathewu 24:1-8; Luka 21:10, 11.

Kusukela ngo-1914 ukuphila kuye koniwa yizimpi eziphakathi kwezizwe ezinkulu nezincane, ngokuvamile ezisuke zibangelwa ukugxambukela kwabefundisi kwezombusazwe, futhi manje zibangelwa ukuhlasela kwamaphekula athé chithi saka.

Naphezu kwenqubekela-phambili kwezesayensi, abantu abangamakhulu ezigidi emhlabeni kabanzi basantula ukudla ngendlela exakile. Njalo ngonyaka kufa izigidi zabantu zibulawa indlala.

Izifo eziwumshayabhuqe, okusho ukuthi izifo ezithelelanayo ezisakazeka yonke indawo, nazo ziyingxenye yesibonakaliso esanikezwa nguJesu. Ngemva kweMpi Yezwe I, umqedazwe womkhuhlane wadlula nabantu abangaphezu kuka-21 000 000. Ngokungefani nezifo ezazihlasela indawo eyodwa kuphela esikhathini sasendulo, wahlasela izizwe emhlabeni wonke kanye neziqhingi ezisemajukujukwini. Manje abantu abaningi embulungeni yonke babhuqabhuqwa ingculaza, kanti izifo ezinjengesifo sofuba, umalaleveva, ubumpumputhe obubangelwa izimpukane ezizalela emfuleni, isifo iChagas, zisabaphatha abantu emazweni asafufusa.

Kubikwa ukuthi njalo ngonyaka kuba nokuzamazama komhlaba okungamashumi ezinkulungwane okushiyashiyanayo ngamandla. Nakuba kunemishini nezindlela ezingcono zokuqwashisa abantu, izinhlekelele ezidalwa ukuzamazama komhlaba ezindaweni ezinabantu abaningi seziyizindaba ezisematheni.

IBhayibheli labikezela nokuthi: “Yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo. Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, abahlambalazi, abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu, abanesimo sokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kodwa bewaphika amandla ako; laba ubafulathele.”—2 Thimothewu 3:1-5.

Awuvumi yini wena ukuthi siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo’?

Uke waphawula ukuthi abantu bazithanda ngezinga eleqile, bathanda imali, futhi bayaqhosha?

Ubani ongaphika ukuthi ezweni kugcwele abantu abafuna izinto ngenkani bebe bengabongi, bengafuni sivumelwano, bengathembeki?

Uyabona yini ukuthi ukungalaleli abazali kanye nokuntula uthando sekwande ngendlela emangalisayo, hhayi nje lapha nalapha kuphela kodwa embulungeni yonke?

Cishe uyaqaphela ukuthi siphila ezweni elisanganiswa ukuthanda injabulo kodwa elingabuthandi ubuhle. IBhayibheli lizichaza kanjalo izimo ezaziyovama “ezinsukwini zokugcina.”

Ingabe kusadingeka okwengeziwe ukuze sisiqonde ngokucacile isikhathi esiphila kuso? UJesu wabikezela nokuthi ngaso lesi sikhathi, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zaziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe. (Mathewu 24:14) Ziyashunyayelwa-ke yini?

INqabayokulinda, umagazini osekelwe eBhayibhelini omemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaJehova, unyatheliswa njalo ngezilimi eziningi kunabanye omagazini.

Njalo ngonyaka oFakazi BakaJehova bachitha amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane beya kwabanye abantu beyofakaza ngoMbuso kaNkulunkulu.

Kumanje nje bakhipha izincwadi ezichaza iBhayibheli ngezilimi ezilinganiselwa ku-400, ngisho nangezilimi ezifundwa amaqembu abantu abahlala emajukujukwini nanabantu abambalwa. OFakazi BakaJehova bafinyelele zonke izizwe ngezindaba ezinhle; futhi bashumayele eziqhingini eziningi nasezindaweni ezincane kakhulu ukuba kungathiwa zibalulekile ngokubheka kwabezombusazwe. Emazweni amaningi banesimiso semfundo yeBhayibheli yasikhathi sonke.

Njengoba kwabikezelwa, izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe hhayi ngenjongo yokuguqula umhlaba, kodwa ngenjongo yokunikeza ubufakazi. Yonke indawo abantu banikezwa ithuba lokubonisa ukuthi banendaba yini nokuthi ubani owadala amazulu nomhlaba nokuthi bazoyihlonipha yini imithetho yakhe futhi bababonise uthando abanye abantu.—Luka 10:25-27; IsAmbulo 4:11.

Maduze nje, uMbuso kaNkulunkulu uzosusa bonke ababi kulo mhlaba, uwenze ube ipharadesi lembulunga yonke.—Luka 23:43.

[Ibhokisi ekhasini 6]

Izinsuku Zokugcina Zani?

Akuzona izinsuku zokuphela kwesintu. Labo abenza intando kaNkulunkulu, iBhayibheli libathembisa ukuphila okuphakade.—Johane 3:16, 36; 1 Johane 2:17.

Akuzona izinsuku zokuphela komhlaba. IZwi likaNkulunkulu lithembisa ukuthi umhlaba owakhiwe uyohlala kuze kube phakade.—IHubo 37:29; 104:5; Isaya 45:18.

Kunalokho, lezi izinsuku zokugcina zalesi simiso sezinto esinobudlova nesingenalo uthando nabo bonke abazibandakanye naso.—IzAga 2:21, 22.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

Ingabe IBhayibheli LiyiZwi LikaNkulunkulu Ngempela?

Abaprofethi beBhayibheli baloba ngokuphindaphindiwe: “Yilokhu uJehova akushilo.” (Isaya 43:14; Jeremiya 2:2) Ngisho noJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, yagcizelela ukuthi ‘yayingakhulumi ngokusuka kuyo.’ (Johane 14:10) Kwalona iBhayibheli lisho ngokucacile: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:16.

Ayikho enye incwadi enyatheliswa ngezilimi eziningi kangaka—ezingaphezu kuka-2 200, njengoba kusho umbiko we-United Bible Societies. Ayikho enye incwadi enyatheliswe ngenani elikhulu kangaka—manje kunyatheliswe amakhophi ayo angaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane ezine. Ubungeke yini ukulindele loko ngomyalezo ovela kuNkulunkulu oya kubo bonke abantu?

Ukuze uthole ingxoxo enabile ngobufakazi obuningi bokuthi iBhayibheli liphefumulelwe uNkulunkulu, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

Uma ufunda iBhayibheli, uliqaphela ukuthi liyiZwi likaNkulunkulu isibili, uyozuza kakhulu.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 8]

Uyini UMbuso KaNkulunkulu?

Unguhulumeni osezulwini omiswe uNkulunkulu weqiniso, uJehova, uMdali wezulu nomhlaba.—Jeremiya 10:10, 12.

IBhayibheli lithi uJesu Kristu uyena uNkulunkulu amnikeze igunya lokubusa. (IsAmbulo 11:15) Ngesikhathi elapha emhlabeni, uJesu wabonisa ukuthi wayesenalo kakade igunya elimangalisayo alinikezwe uNkulunkulu—igunya elamenza wakwazi ukulawula isimo sezulu, ukwelapha zonke izinhlobo zezifo, ngisho nokuvusa abafileyo. (Mathewu 9:2-8; Marku 4:37-41; Johane 11:11-44) Isiprofetho seBhayibheli esiphefumulelwe sabikezela ukuthi uNkulunkulu wayezomnika ‘nobubusi nesithunzi nombuso, ukuze zonke izizwe, amaqembu ezizwe nezilimi zimkhonze.’ (Daniyeli 7:13, 14) Lowo hulumeni ubizwa ngokuthi uMbuso wezulu; uJesu Kristu ubusa esezulwini manje.

[Izithombe ekhasini 7]

Izindaba ezinhle zishunyayelwa embulungeni yonke

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela