Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 52 k. 265-k. 271 isig. 4
  • Isikhuthazo Esiphumelelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isikhuthazo Esiphumelelayo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Feza Ngokugcwele Inkonzo Yakho”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Ukucoceka Nokushisekela Imisebenzi Emihle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Shumayela Unomuzwa Wokuphuthuma!
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
  • Uthando Lobuzalwane Lunamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 52 k. 265-k. 271 isig. 4

ISIFUNDO 52

Isikhuthazo Esiphumelelayo

Yini okudingeka uyenze?

Shukumisela abantu esenzweni ngokubonisana nabo ngendlela ekholisayo noma ngeseluleko esivela emthonjeni othembekile. Lokhu kudinga ukuba ukhulume ngobuqotho.

Kungani Kubalulekile?

Isikhuthazo esiphumelelayo senza abanye bakubone ukuphuthuma kokulandela inkambo enesibusiso sikaJehova.

ABADALA abangamaKristu kumelwe bakwazi “ukukhuthaza ngemfundiso enempilo.” (Thithu 1:9) Ngezinye izikhathi lokhu kumelwe kwenziwe ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Kubalulekile ukunikeza iseluleko esivumelana neziqondiso zemiBhalo. Ngakho, abadala kumelwe balalele lesi seluleko: “Qhubeka uzimisela . . . ekukhuthazeni.” (1 Thim. 4:13) Nakuba ngokuyinhloko le ngxoxo ibhekiswe kwabadala noma kulabo abazama ukufinyelela leli lungelo, ngezinye izikhathi abazali kuye kudingeke bakhuthaze izingane zabo, noma abaqhubi bezifundo zeBhayibheli kuye kudingeke bakhuthaze ababafundela iBhayibheli. Kuyosebenza izimiso ezifanayo nakhona.

Lapho Sidingeka Khona. Ukuze sithole ukuthi isikhuthazo sidingeka nini, kungasisiza ukuhlola izimo ezilotshwe eBhayibhelini lapho kwanikezwa khona isikhuthazo. Umphostoli uPetru wakhuthaza abadala ukuba banake imisebenzi yabo njengabelusi bomhlambi kaNkulunkulu. (1 Pet. 5:1, 2) UPawulu weluleka uThithu ukuba akhuthaze izinsizwa ukuba zibe ‘ezihluzekile engqondweni.’ (Thithu 2:6) UPawulu wanxusa amaKristu akanye nawo ukuba ‘akhulume ngokuvumelana’ futhi abagweme abafuna ukubanga ukuhlukana phakathi kwabazalwane. (1 Kor. 1:10; Roma 16:17; Fil. 4:2) Nakuba uPawulu awancoma amalungu ebandla laseThesalonika ngezinto ezinhle ayezenza, wawakhuthaza ukuba ayisebenzise ngokugcwele imfundo ayeyitholile. (1 Thes. 4:1, 10) UPetru wanxusa amaKristu akanye nawo ukuba ‘aqhubeke ededa ezifisweni zenyama.’ (1 Pet. 2:11) UJude wakhuthaza abafowabo ukuba ‘balulwele kanzima ukholo’ ngenxa yethonya labantu abangamhloniphi uNkulunkulu ababezitika ngokuziphatha okuxekethile. (Jude 3, 4) AmaKristu ewonke anxuswa ukuba akhuthazane ukuze kungabi khona owenziwa abe lukhuni ngamandla okukhohlisa esono. (Heb. 3:13) UPetru wakhuthaza amaJuda ayengakabi nokholo kuKristu: “Sindiswani kulesisizukulwane esigwegwile.”—IzE. 2:40.

Yiziphi izimfanelo ezidingekayo ukuze ukhuthaze ezimweni ezinjalo? Umuntu okhuthazayo angaveza kanjani ukuthi isikhuthazo sakhe siyaphuthuma kodwa abe engabacindezeli abanye noma abakhahle?

“Ngesisekelo Sothando.” Uma isikhuthazo sethu singanikezwa neze “ngesisekelo sothando,” singase sizwakale sibuhlungu. (Filemoni 9) Kuyiqiniso ukuthi uma kudingeka isinyathelo esisheshayo, indlela isikhulumi esikhuluma ngayo kufanele iveze ukuthi isimo siyaphuthuma. Ukukhuluma ngephimbo elithambile kungasenza sizwakale sengathi siyazisola. Ngesikhathi esifanayo, isikhuthazo kufanele sishiwo ngobuqotho nangozwela. Isikhuthazo sothando cishe siyozishukumisa izilaleli. Lapho ekhulumela yena nozakwabo, uPawulu watshela abaseThesalonika: “Nazi kahle ukuthi, njengoba kwenza ubaba kubantwana bakhe, saqhubeka kanjani sikhuthaza ngamunye wenu.” (1 Thes. 2:11) Labo babonisi abangamaKristu babakhuthaza ngothando abafowabo. Isisusa salokho okushoyo makube ukuzikhathalela ngobuqotho izilaleli zakho.

Yiba nesu. Ungakhi ubutha nalabo ozama ukubashukumisela esenzweni. Ngesikhathi esifanayo, ungayeki ukutshela izilaleli zakho “yonke injongo kaNkulunkulu.” (IzE. 20:27) Labo abanokwazisa ngeke bacasuke noma bangabe besakuthanda ngenxa yokuthi ubakhuthaze ngomusa ukuba benze okulungileyo.—IHu. 141:5.

Ngokuvamile, kuyasiza ukwandulelisa isikhuthazo ngokumncoma ngokuqondile nangobuqotho umuntu. Cabanga ngezinto ezinhle ezenziwa abafowenu—izinto okumelwe ukuba zimjabulisa ngempela uJehova: ukholo abalubonisa emsebenzini wabo, uthando olubashukumisela ekutheni bazikhandle, nokukhuthazela kwabo lapho bebhekene nezimo ezivivinyayo. (1 Thes. 1:2-8; 2 Thes. 1:3-5) Ukwenza kanjalo kuyosiza abafowenu bezwe ukuthi uyabazisa futhi uyabaqonda, futhi kuyokwenza isimo sabo sengqondo sisamukele isikhuthazo esisuke sizolandela.

“Ngakho Konke Ukubekezela.” Isikhuthazo kufanele sinikezwe “ngakho konke ukubekezela.” (2 Thim. 4:2) Kuhlanganisani lokhu? Ukubekezela kuhlanganisa ukukhuthazela ngesineke ukhuthazelela iphutha elithile noma ukucasulwa. Umuntu obekezelayo uhlale enethemba lokuthi izilaleli zakhe zizokwenza akushoyo. Ukunikeza isikhuthazo ngalo moya kuyokwenza izilaleli zakho zingacabangi ukuthi unomuzwa wokuthi azisoze zakwenza okuhle. Ukubethemba kwakho abafowenu nodadewenu ukuthi bafuna ukukhonza uJehova ngamandla abo onke kuyobenza babe nesifiso sokwenza okulungileyo.—Heb. 6:9.

“Ngemfundiso Enempilo.” Umdala ‘angakhuthaza’ kanjani “ngemfundiso enempilo”? ‘Ngokubambelela ngokuqinile ezwini elithembekile ngokuqondene nekhono lakhe lokufundisa.’ (Thithu 1:9) Kunokuba usho imibono yakho, sebenzisa iZwi likaNkulunkulu lapho ukhuthaza. Makube yiBhayibheli elikusizayo uqonde ukuthi yini okudingeka uyisho. Yisho izinzuzo zalokho iBhayibheli elikushoyo ngendaba okhuluma ngayo. Mayikukhanyele engqondweni imiphumela—yamanje neyesikhathi esizayo—yokungalilandeli iZwi likaNkulunkulu, uyisebenzisele ukukholisa izilaleli zakho ngesidingo sokuthatha isinyathelo esifanele.

Qiniseka ukuthi uzichazela kucace izilaleli zakho ukuthi yini okufanele ziyenze nokuthi kufanele ziyenze kanjani. Yenza kukhanye ukuthi okushoyo kusekelwe emiBhalweni. Uma imiBhalo inikeza inkululeko ethile esinqumweni okufanele senziwe, chaza ukuthi leyo nkululeko ihamba ifikephi. Esiphethweni sakho, yibe usukhuthaza izilaleli zakho okokugcina ngendlela eyozenza zizimisele nakakhulu ukuthatha isinyathelo.

‘Ngenkululeko Yokukhuluma.’ Ukuze umuntu aphumelele ukukhuthaza abanye, kumelwe abe ‘nenkululeko yokukhuluma okholweni.’ (1 Thim. 3:13) Yini eyenza umuntu akwazi ukukhuluma ngenkululeko? Ukuthi ‘isibonelo sakhe semisebenzi emihle’ sivumelana nalokho akhuthaza abafowabo ukuba bakwenze. (Thithu 2:6, 7; 1 Pet. 5:3) Uma kunjalo, labo abakhuthazwa ukuba benze okuthile bayobona ukuthi lona obakhuthazayo akalindele ukuba benze okuthile yena ngokwakhe angakwenzi. Bayobona ukuthi bangalulingisa ukholo lwakhe njengoba nje naye ezama ukulingisa uKristu.—1 Kor. 11:1; Fil. 3:17.

Isikhuthazo esisekelwe eZwini likaNkulunkulu, nesinikezwa ngomoya wothando siyofeza lukhulu. Labo abaphathiswe ukuba banikeze izikhuthazo kumelwe bakhuthalele ukuzinikeza kahle.—Roma 12:8.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Bonisa uthando nokubekezela, ukhulume ngobuqotho.

  • Sekela isikhuthazo sakho eZwini likaNkulunkulu.

  • Yenza isikhuthazo sakho sibe nesisindo ngokuba ube isibonelo esihle.

ISIVIVINYO: Funda incwadi umphostoli uPawulu ayibhalela uFilemoni. Bheka lezi zici: (1) ukuncoma okufudumele, (2) isizathu esenza uPawulu anxusele u-Onesimu, (3) amaphuzu asetshenziselwa ukukholisa uFilemoni ukuthi kufanele asamukele kanjani isigqila sakhe esesibuya, (4) kanye nendlela uPawulu ayemethemba ngayo uFilemoni ukuthi uzokwenza okufanele. Cabangela ukuthi wena ungasilingisa kanjani lesi sibonelo lapho unikeza isikhuthazo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela