ISIFUNDO 53
Izilaleli Zikhuthaziwe Futhi Zaqiniswa
KUNGAKHATHALISEKI ukuthi izinceku zikaNkulunkulu zibhekene naziphi izinkinga, kufanele zikwazi ukuthola isikhuthazo ebandleni lobuKristu. Ukuze zikhuthazeke, abadala ikakhulu kumelwe baqikelele ukuthi izinkulumo zabo nezeluleko zabo ziyakhuthaza. Abadala kufanele bazibonise ‘beyindawo yokucashela umoya nesivikelo esivunguvungwini njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.’—Isaya 32:2.
Uma ungumdala, ingabe izinkulumo zakho ziyaqabula futhi ziduduze? Ingabe ziyabanika amandla labo abazama ukukhonza uJehova ngokwethembeka? Ziyabaqinisa yini ukuba benze intando kaNkulunkulu ngokukhuthazela naphezu kokunganaki noma ukuphikisa kwabantu? Kuthiwani uma abathile ezilalelini zakho becindezelekile, behlushwa izinkinga zomnotho, noma belwa nesifo esingathi sína elingakatholakali ikhambi laso? ‘Ungabaqinisa abafowenu ngamazwi omlomo wakho.’—Jobe 16:5.
Sebenzisa ithuba onalo njengesikhulumi ukuze usize abafowenu bathole ithemba namandla kuJehova nasemalungiselelweni awenzile.—Roma 15:13; Efe. 6:10.
Bakhumbuze Lokho UJehova Akwenzile. Indlela ebalulekile yokukhuthaza iwukubonisa indlela uJehova ábasiza ngayo abantu bakhe ebunzimeni endulo.—Roma 15:4.
UJehova watshela uMose ukuba ‘akhuthaze’ uJoshuwa futhi ‘amqinise’ ngaphambi kokuba u-Israyeli angene eZweni Lesithembiso, okwakungelezizwe ezaziyizitha ngaleso sikhathi. Wakwenza kanjani lokho uMose? Phambi kukaJoshuwa, uMose wakhumbuza sonke isizwe izinto uJehova ayesenzele zona lapho sisuka eGibithe. (Dut. 3:28; 7:18) UMose wabukeza nendlela uJehova abasiza ngayo ukuba banqobe ama-Amori. UMose wabe esekhuthaza uJoshuwa: “Qina, ume isibindi.” (Dut. 31:1-8) Lapho uzama ukukhuthaza abafowenu, uyabasiza yini bathole amandla ngokubakhumbuza izinto uJehova asebenzele zona kakade?
Ngezinye izikhathi abantu bashukwa izinkinga zabo baze bazibuze ukuthi bayoke bazithole yini izibusiso zoMbuso. Bakhumbuze ukuthi izithembiso zikaJehova zinokwethenjelwa.—Josh. 23:14.
Kwamanye amazwe abafowethu bavinjwe yimithetho kahulumeni ebenqabela ukuba bashumayele izindaba ezinhle. Ezimweni ezinjalo, abadala abanothando bangasiza amakholwa abakanye nawo ukuba athole amandla kokwenzeka kubaphostoli bakaJesu Kristu. (IzE. 4:1–5:42) Ukuqokomisa indlela uNkulunkulu ajika ngayo izinto njengoba kulotshwe encwadini ka-Esteri nakanjani kuyobamisa isibindi abazalwane.
Kuye kwenzeke ukuba abantu beze ezifundweni kodwa bangenzi ntuthuko etheni. Kungenzeka ukuthi banomuzwa wokuthi uNkulunkulu ngeke abathethelele nanini ngoba indlela yabo yokuphila yangaphambili yayiyimbi kabi. Mhlawumbe ungase ubaxoxele ngendlela uJehova asebenzelana ngayo neNkosi uManase. (2 IziKr. 33:1-16) Noma ungase uxoxe ngabantu baseKorinte lasendulo abashintsha indlela yabo yokuphila, baba amaKristu, uNkulunkulu wathi balungile.—1 Kor. 6:9-11.
Ingabe kunabathile abanomuzwa wokuthi izinkinga ezibakhungethe zibonisa ukuthi uNkulunkulu akasabenameli? Ungase ubakhumbuze ngalokho okwehlela uJobe, nendlela abusiswa ngokucebe ngayo ngoba wahlala eqotho kuJehova. (Jobe 1:1-22; 10:1; 42:12, 13; IHu. 34:19) Abaduduzi-mbumbulu bakaJobe baqamba amanga bathi kumelwe ukuba uJobe wayenze isono esithile. (Jobe 4:7, 8; 8:5, 6) Ngakolunye uhlangothi, lapho beqinisa abafundi futhi ‘bebakhuthaza ukuba bahlale okholweni,’ uPawulu noBarnaba bathi: “Kumelwe singene embusweni kaNkulunkulu ngezinsizi eziningi.” (IzE. 14:21, 22) Nanamuhla, ungabaqinisa labo abavivinywayo ngokuveza ukuthi wonke amaKristu kudingeka akhuthazele ngaphansi kovivinyo nokuthi lokho kuyigugu kakhulu kuNkulunkulu.—IzAga 27:11; Math. 24:13; Roma 5:3, 4; 2 Thim. 3:12.
Khuthaza izilaleli zakho ukuba zicabange ngezindlela uJehova afeze ngazo izithembiso zakhe ekuphileni kwazo. Uma zikhunjuzwa, zingase zibone ukuthi uJehova uye wazisiza njengoba ayethembisile. KumaHubo 32:8 siyafunda: “Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.” Ngokusiza izilaleli zakho zikhumbule indlela uJehova aziqondise ngayo noma aziqinise ngayo, uyozenza zibone kahle ukuthi uJehova uyazikhathalela nokuthi uyozisiza ngempela kunoma yikuphi ukulingwa ezibhekene nako.—Isaya 41:10, 13; 1 Pet. 5:7.
Bonisa Ukukujabulela Lokho UNkulunkulu Akwenzayo Manje. Uma ufuna ukukhuthaza abafowenu, khuluma ngalokho uJehova akwenzayo manje. Ukukhuluma ngalezo zinto ngendlela ebonisa ukuthi ziyakuthokozisa, kuyozithokozisa nezinhliziyo zezilaleli zakho.
Cabangela indlela uJehova asisiza ngayo ukuba sikwazi ukukhuthazelela izingcindezi zokuphila. Usibonisa indlela engcono kakhulu yokuphila. (Isaya 30:21) Uyazichaza izizathu zokuba khona kobugebengu, ukuntuleka kobulungisa, ubumpofu, ukugula, nokufa, abese esitshela indlela azoziqeda ngayo zonke lezi zinto. Usihaqe ngabazalwane abanothando. Usiphe ilungelo eliyigugu lokuthandaza. Usiphathise ilungelo lokuba oFakazi bakhe. Usenza siqonde ukuthi uKristu usebekiwe esihlalweni sobukhosi emazulwini, nokuthi izinsuku zokugcina zalesi simiso esidala ziyaphela masinyane.—IsAm. 12:1-12.
Kulezo zibusiso, faka nemihlangano yebandla, eyesifunda neyesigodi. Uma ukhuluma ngala malungiselelo ngendlela ebonisa ukuthi uyawazisa ngempela, uyokwenza nabanye bazimisele nakakhulu ukuba bangakushayi indiva ukuhlangana nabafowabo.—Heb. 10:23-25.
Imibiko eveza ukuthi uJehova uyayibusisa imizamo yethu enkonzweni yasensimini nayo iwumthombo wamandla. Ekhulwini lokuqala, ngesikhathi uPawulu noBarnaba belibangise eJerusalema, babangela “injabulo enkulu kubo bonke abazalwane” ngokulandisa ngokuningiliziwe ngokuguquka kwabantu bezizwe. (IzE. 15:3) Nawe ungabajabulisa abafowenu ngokubaxoxela okuhlangenwe nakho okwakhayo.
Bayokhuthazeka futhi uma besizwa ukuba babone ukubaluleka kwaloko abakwenzayo. Bancome ngengxenye yabo enkonzweni yobuKristu. Bancome labo abankonzo yabo ikhinyabezwa ukukhula ngeminyaka nokugula, kodwa bebe bekhuthazela ngokwethembeka. Bakhumbuze ukuthi uJehova akalukhohlwa uthando abalubonise egameni lakhe. (Heb. 6:10) Ukholo oluvivinyiwe luyinto eyigugu. (1 Pet. 1:6, 7) Abafowethu kudingeka bakukhunjuzwe lokhu.
Khuluma Ngentshiseko Ngethemba Eliphambi Kwethu. Izithembiso eziphefumulelwe zezinto ezizayo ziwumthombo omkhulu wesikhuthazo kubo bonke abathanda uNkulunkulu. Mhlawumbe abaningi ezilalelini zakho sebekuzwe kaningi lokhu. Kodwa uma ukhuluma ngokwazisa ngalezi zithembiso, ungazenza ziphile, ungabenza baqiniseke ukuthi zizogcwaliseka, wenze izinhliziyo zabo zigcwale ukubonga. Ukusebenzisa okufunde eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini kungakusiza ukwazi ukwenza lokho.
UJehova ngokwakhe unguMkhuthazi Omkhulu noMniki-mandla wabantu bakhe. Noma kunjalo, ungabambisana naye ekudluliseleni lezi zibusiso. Lapho ukhuluma nebandla, lisebenzise ngokunenzuzo ithuba lokwenza kanjalo.