Isimemo Sethu Esiqondiswe Kuwe
Siye sakujabulela ukuxoxa nawe ngale ncwajana. Sithemba ukuthi uye wakujabulela ukufunda okwengeziwe ngoFakazi BakaJehova. Sicela wamukele isimemo sethu sokuba usivakashele eHholo lethu loMbuso eliseduze nawe. Uyobona indlela imihlangano yethu eqhutshwa ngayo. Uyobona indlela esizama ngayo ukuhlanganyela nabanye izindaba ezinhle zomhlaba oyipharadesi ngaphansi koMbuso kaKristu.
UNkulunkulu uthembisile. “Kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Sekudlule amakhulu amaningi eminyaka. Isikhathi sokulinda sesiya ngasekupheleni. Izimo zezwe ziyakubonisa lokhu.
“Njengoba nibona usuku lusondela,” kusho umphostoli uPawulu, “masicabangelaneni ukuze sivuselelane othandweni nasemisebenzini emihle, singakuyeki ukubuthana kwethu ndawonye.” (Heberu 10:24, 25) Siyakumema ukuba ulalele iseluleko sikaPawulu ngokuhlangana nathi.