Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jt kk. 27-31
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa Abantu Abathakazelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evame Ukubuzwa Abantu Abathakazelayo
  • OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa Abantu Abathakazelayo
    OFakazi BakaJehova Ekhulwini Lamashumi Amabili
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha”
    Incwajana Ethi “Bheka” (Lmn)
  • Inkolo Eyamukelwa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
Bheka Okunye
OFakazi BakaJehova—Bangobani? Yini Abayikholelwayo?
jt kk. 27-31

Imibuzo Evame Ukubuzwa Abantu Abathakazelayo

Uma uNkulunkulu eluthando, kungani evumela ububi?

UNKULUNKULU uyabuvumela ububi, futhi izigidi emhlabeni zibenza umkhuba ngamabomu. Ngokwesibonelo, zibangela izimpi, zibhubhisa abantwana ngamabhomu, zichitha umhlaba futhi zibangela indlala. Izigidi ziyabhema futhi ziphathwe umdlavuza wamaphaphu, ziyaphinga bese zingenwa yizifo ezithathelwana ngobulili, ziphuza ngokweqile futhi ziphathwe yisifo sokuqina kwesibindi, njalonjalo. Abantu abanjalo abafuni ngempela ukuba bonke ububi buqedwe. Bamane nje bafuna ukuba kuqedwe inhlawulo yabo. Lapho bevuna abakuhlwanyele, bayakhala, “Kungani kwehlela mina?” Futhi basola uNkulunkulu, njengoba izAga 19:3 zisho: “Ubuwula bomuntu buwohloza ukuphila kwakhe, abese ebambela INKOSI amagqubu.” (The New English Bible) Futhi uma uNkulunkulu ebengaqeda ukwenza kwabo okubi, bebeyokhala ngokuthi abasenayo inkululeko yokukwenza!

Isizathu sikaJehova esiyinhloko sokuvumela ububi siwukuphendula inselele kaSathane. USathane uDeveli wathi uNkulunkulu wayengenakubeka emhlabeni abantu ababeyothembeka kuYe ngaphansi kovivinyo. (Jobe 1:6-12; 2:1-10) UJehova uvumela ukuba uSathane aqhubeke ekhona ukuze abe nethuba lokufakazela inselele yakhe. (Eksodusi 9:16) USathane uyaqhubeka eletha omaye manje, ehlubula abantu kuNkulunkulu, njengoba ezama ukufakazela inselele yakhe. (IsAmbulo 12:12) Nokho, uJobe wabugcina ubuqotho. NoJesu ngokufanayo. AmaKristu eqiniso ayabugcina manje.—Jobe 27:5; 31:6; Mathewu 4:1-11; 1 Petru 1:6, 7.

Ngingathanda ukukholelwa epharadesi lasemhlabeni lapho abantu bephila khona phakade, kodwa ingabe akukhona nje ukuzikhohlisa loko?

Akunjalo ngokweBhayibheli. Kubonakala kungakholeki ngenxa nje yokuthi sekungamakhulu eminyaka isintu sibhekana nobubi. UJehova wadala umhlaba futhi watshela isintu ukuba siwugcwalise ngamadoda nabesifazane abalungile ababeyonakekela izitshalo zawo nezilwane futhi balondoloze ubuhle bawo esikhundleni sokuwonakalisa. (Bheka amakhasi 12 no-17.) Kunokuba lelo Pharadesi elithenjisiwe lingakholeki, isimo samanje esidabukisayo sibi kakhulu ukuba siqhubeke. IPharadesi liyothatha indawo yaso.

Ngingabaphendula kanjani abantu abaklolodayo abathi iBhayibheli liyinganekwane futhi alivumelani nesayensi?

Ukholo kulezi zithembiso alukona ukuthatheka. “Ukholo lulandela into ezwiweyo.” Ngokutadisha iZwi likaNkulunkulu, ukuhlakanipha kwalo kuba sobala futhi ukholo luyakhula.—Roma 10:17; Heberu 11:1.

Imivubukulo engokweBhayibheli iqinisekisa amaqiniso amaningi okunemba komlando weBhayibheli. Isayensi yangempela ivumelana neBhayibheli. Amaqiniso alandelayo ayeseBhayibhelini isikhathi eside ngaphambi kokuba izazi zezwe ziwathole: uhlelo lwezigaba umhlaba owadlula kuzo ekudalweni kwawo, ukuthi umhlaba uyisiyingelezi, ukuthi uphanyekwe ezeni emkhathini nokuthi izinyoni ziyafuduka ngezikhathi ezithile.—Genesise isahluko 1; Isaya 40:22; Jobe 26:7; Jeremiya 8:7.

Ukuphefumulelwa kweBhayibheli kuboniswa yiziprofetho ezigcwalisekile. UDaniyeli wabikezela kusengaphambili ngokuvela nokuwa kwemibuso yezwe, nesikhathi uMesiya ayeyofika ngaso futhi abulawe. (Daniyeli izahluko 2 no-8; 9:24-27) Namuhla ezinye iziprofetho zisagcwaliseka, ezibonisa ukuthi lezi ‘izinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu isahluko 24) Ulwazi olunjalo lwezinto ezisengaphambili lungaphezu kwamandla omuntu. (Isaya 41:23) Ukuze uthole isiqinisekiso esengeziwe, bheka incwadi ethi IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu? nethi Is There a Creator Who Cares About You?, ezinyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society.

Ngingakwazi kanjani ukuphendula imibuzo ephathelene neBhayibheli?

Kumelwe utadishe iBhayibheli futhi uzindle ngalo, ngesikhathi esifanayo ucele umoya kaNkulunkulu ukuba ukuqondise. (IzAga 15:28; Luka 11:9-13) “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha,” kusho iBhayibheli, “makaqhubeke ecela kuNkulunkulu, ngoba unika bonke ngokuphana ngaphandle kokusola; futhi uyonikwa kona.” (Jakobe 1:5) Futhi, kunezinsiza-kufunda zeBhayibheli okuyinto enhle ukuzifunda. Ngokuvamile luyadingeka usizo lwabanye, njengalapho uFiliphu etadisha nomTopiya. (IzEnzo 8:26-35) OFakazi BakaJehova baqhubela abantu abathakazelayo izifundo zeBhayibheli mahhala emizini yabo. Zizwe ukhululekile ukucela lolo sizo.

Kungani abaningi bebaphikisa oFakazi BakaJehova futhi bethi ngingatadishi nabo?

UJesu wayephikiswa lapho eshumayela, futhi wathi nabalandeli bakhe babeyophikiswa. Lapho abanye behlatshwa umxhwele ukufundisa kukaJesu, abaphikisi abangokwenkolo bathetha: “Anidukisiwe nani, akunjalo? Akekho noyedwa kubabusi noma kubaFarisi oye wabeka ukholo lwakhe kuye, akunjalo?” (Johane 7:46-48; 15:20) Abaningi abakuxwayisa ukuba ungatadishi noFakazi abanalwazi noma banobandlululo. Tadisha noFakazi futhi uzibonele ngokwakho ukuthi indlela oliqonda ngayo iBhayibheli iyakhula yini noma cha.—Mathewu 7:17-20.

Kungani oFakazi beya kubantu abanezinkolo zabo?

Ngokwenza lokhu balandela isibonelo sikaJesu. Waya kumaJuda. AmaJuda eyenenkolo yawo, kodwa ngezindlela eziningi yayinhlanhlatha eZwini likaNkulunkulu. (Mathewu 15:1-9) Zonke izizwe zinezinkolo zohlobo oluthile, kungakhathaliseki ukuthi zibizwa ngokuthi ezobuKristu noma akuzona ezobuKristu. Kubaluleke kakhulu ngabantu ukuba babambelele ezinkolelweni ezivumelana neZwi likaNkulunkulu, futhi imizamo yoFakazi yokubasiza ekwenzeni lokhu iwukubonisa uthando ngomakhelwane.

Ingabe oFakazi bakholelwa ukuthi inkolo yabo iyona kuphela elungile?

Noma ubani ozimisele ngenkolo yakhe kufanele acabange ukuthi ilungile. Ngaphandle kwalokho, kungani ebengazihilela kuyo? AmaKristu ayayalwa: “Qinisekani ngazo zonke izinto; bambelelani niqinise kokuhle.” (1 Thesalonika 5:21) Umuntu kumelwe aqiniseke ukuthi izinkolelo zakhe zingasekelwa ngemiBhalo, ngoba kunokholo olulodwa kuphela lweqiniso. Eyabase-Efesu 4:5 iyakuqinisekisa lokhu, ithi ‘kuneNkosi inye, ukholo lunye, ubhapathizo lunye.’ UJesu akazange avumelane nombono wanamuhla wokuyekethisa wokuthi kunezindlela eziningi, izinkolo eziningi, zonke eziholela ensindisweni. Kunalokho, wathi: “Liwumngcingo isango futhi unyinyekile umgwaqo oholela ekuphileni futhi bambalwa abawutholayo.” OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi bawutholile. Ngalé kwalokho, bebeyofuna enye inkolo.—Mathewu 7:14.

Ingabe bakholelwa ukuthi yibona kuphela abayosindiswa?

Cha. Izigidi eziningi eziye zaphila emakhulwini eminyaka adlule ezazingebona oFakazi BakaJehova ziyobuya ngovuko futhi zibe nethuba lokuphila. Abaningi abaphilayo manje basengalimelela iqiniso nokulunga ngaphambi ‘kosizi olukhulu,’ futhi bayozuza insindiso. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi akumelwe sahlulelane. Sibheka ukubonakala kwangaphandle; uNkulunkulu ubheka enhliziyweni. Ubona okungokoqobo futhi wahlulela ngomusa. Ukwahlulela ukuphathisé uJesu, hhayi thina.—Mathewu 7:1-5; 24:21; 25:31.

Yimiphi iminikelo yemali elindeleke kulabo ababa khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova?

Ngokuqondene neminikelo yemali, umphostoli uPawulu wathi: “Yilowo nalowo makenze njengoba enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokungathandi noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.” (2 Korinte 9:7) EmaHholo OMbuso nasemahholo omhlangano oFakazi BakaJehova, akuthathwa nkongozelo. Kubekwa amabhokisi ukuze noma ubani ofisa ukunikela kube lula ukuba enze kanjalo. Akekho owaziyo ukuthi abanye banikela okungakanani noma ukuthi bayanikela yini noma cha. Abanye banikela ngaphezu kwabanye; abanye bangase bangakwazi nhlobo ukunikela. UJesu wabonisa umbono ofanele lapho ekhuluma ngebhokisi lemali ethempelini eJerusalema nangalabo ababenikela: Amandla omuntu okunikela nomoya wokunikela yikona okubalulekile, hhayi ubuningi bemali.—Luka 21:1-4.

Uma ngiba omunye woFakazi BakaJehova, ingabe kuyolindeleka ukuba ngishumayele njengoba benza?

Lapho umuntu egcwala ulwazi oluphathelene nePharadesi lasemhlabeni elithenjisiwe ngaphansi koMbuso kaKristu, ufuna ukuluhlanganyela nabanye. Kuyoba njalo nangawe. Luyizindaba ezinhle!—IzEnzo 5:41, 42.

Ukwenza lokhu kuyindlela ebalulekile yokubonisa ukuthi ungumfundi kaJesu Kristu. EBhayibhelini, uJesu ubizwa ngokuthi “ufakazi okholekileyo noqinisileyo.” Lapho esemhlabeni washumayela, ethi: “Umbuso wamazulu ususondele,” futhi wathuma abafundi bakhe ukuba benze okufanayo. (IsAmbulo 3:14; Mathewu 4:17; 10:7) Kamuva, uJesu wayala abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise.” Futhi wabikezela ukuthi ngaphambi kokuphela, “lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke.”—Mathewu 24:14; 28:19, 20.

Kunezindlela eziningi zokumemezela lezi zindaba ezinhle. Ngokuvamile ukuxoxa nabangane nabantu obajwayele kuvula ithuba lokwenza kanjalo. Abanye bakwenza ngokubhala izincwadi noma ngokusebenzisa ucingo. Abanye bathumela ngeposi izincwadi eziqukethe ukwaziswa abacabanga ukuthi umngane angaba nesithakazelo esikhethekile kukho. Ngenxa yesifiso sokuthola wonke umuntu, oFakazi bayisa lesi sigijimi endlini ngendlu.

IBhayibheli liqukethe lesi simemo esifudumele: “Umoya nomlobokazi bayaqhubeka bethi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani ozwayo makathi: ‘Woza!’ Futhi noma ubani owomile makeze; nanoma ubani othandayo makathathe amanzi okuphila mahhala.” (IsAmbulo 22:17) Ukutshela abanye ngomhlaba oyiPharadesi nezibusiso zawo kumelwe kwenziwe ngokuzithandela, ngenhliziyo egcwele isifiso sokuhlanganyela lezi zindaba ezinhle nabanye.

Siyaqiniseka ukuthi uneminye imibuzo ngoFakazi BakaJehova nezinkolelo zabo. Mhlawumbe eminye yayo iyimpikiswano. Singathanda ukuphendula imibuzo yakho. Incane indawo kule ncwajana, ngakho sikumema ukuba ubuze oFakazi bendawo. Lokhu ungakwenza emihlanganweni yabo eHholo LoMbuso noma lapho bekuvakashela ekhaya. Noma ungathumela imibuzo yakho koFakazi BakaJehova, usebenzisa ikheli elifanele kwangezansi.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela