Ukunyathelisa Izincwadi ZeBhayibheli Ukuze Kudunyiswe UNkulunkulu
OFakazi BakaJehova baziwa kahle ngokushumayela kwabo ngoMbuso kaNkulunkulu ngezincwadi. Kusukela ngo-1920 iWatch Tower Society iye yasebenzisa izisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ukuze ikhiqize omagazini nezincwadi zokusakazwa. Lokhu kuye kwenziwa ukuze kuqinisekiswe ukukhiqizwa kwezincwadi okungathenjelwa kukho ngezindleko eziphansi ngangokunokwenzeka.
Cishe eminyakeni engama-60, iNhlangano iye yaqalisa futhi yandisa ukukhiqiza kwayo izincwadi zeBhayibheli, okwaqala eBrooklyn kwase kuba nakwamanye amazwe. Wonke umsebenzi uye wenziwa inani elandayo lezisebenzi zokuzithandela.
Ngasekupheleni kwawo-1970 izindlela zakudala zokugcina ukwaziswa emshinini nokunyathelisa emaphepheni zayekwa kwase kusetshenziswa indlela yamacomputer, iphototypesetting, kanye nokunyathelisa ngeoffset. Inkinga lapha kwakuwukuthi imishini yezentengiselwano eyayikhona yayikwazi ukunyathelisa izilimi ezimbalwa kuphela. Nokho, iNhlangano kakade yayisinyathelisa izincwadi cishe ngezilimi eziyi-160, futhi kwakunesidingo sezengeziwe.
Ngakho, kwasetshenziswa izisebenzi zokuzithandela ukuba zizoklama imultilanguage electronic phototypesetting system. Imiphumela yayijabulisa. Kwenziwa intuthuko edingekayo kwezobuchwepheshe, futhi kwaqaliswa indlela yokufaka ukwaziswa emshinini wecomputer, ukuhlela ukwaziswa ngokwamakhasi, kanye neyephototypesetting, ebizwa ngokuthi iMEPS. Lena inganyathelisa cishe izilimi ezingama-200. Kunganezelwa nezengeziwe.
Namuhla ukufakwa kokwaziswa kumaMEPS kanye nokubhala ngendlela ye-graphics, okwakhiwa oFakazi BakaJehova, kusetshenziswa emazweni angama-25, futhi kuhlelwa ukuba kwenziwe okwengeziwe. Izisebenzi zokuzithandela zakulamazwe ziye zaqeqeshwa ukuba zisebenzise futhi zilungise lemishini. INhlangano manje inyathelisa omagazini ngezilimi ezingaphezu kwe-100 emazweni angama-36, futhi amazwe ayi-5 kulawa anyathelisa izincwadi namaBhayibheli.
Ukwenziwa kwalomsebenzi kudinga abantu—abalobi, abahumushi, abahloli bamaphutha okulotshiwe, abanyathelisi, abahlanganisi bezincwadi, nezisebenzi zokuthumela izincwadi. Abanye kumelwe basingathe izincwadi ezibhalelwa amabandla. Abanye balima ukudla balungiselele ukudla okuzodliwa, benze umsebenzi wokuhlanza, basebenze elondolo, njalonjalo. Konke lokhu kwenziwa izisebenzi zokuzithandela ezizenza zitholakale emazweni ahlukahlukene. Phakathi no-1985 kuwo wonke umhlaba, kwakunezisebenzi zokuzithandela eziyizi-8 438 ezazikhonza emahhovisi, ezimbonini, emakhaya, nasemapulazini ahlukahlukene.
Bangobani labantu? Bangamadoda nabesifazane, abangashadile nabashadile, abancane nabadala, bonke bangoFakazi BakaJehova abazinikezele. Abanye sebeneminyaka engama-40, 50, ngisho nengama-60 bekulomsebenzi. Besebenzisa okungenani isilinganiso samahora angama-44 ngesonto ezabelweni zabo zomsebenzi, nesikhathi esingaphezulu uma kudingekile. Isikhathi sasebusuku nesangezimpelasonto sinikelwa ekushumayeleni izindaba ezinhle endlini ngendlu, nakweminye imisebenzi yebandla.
Kuwo wonke umhlaba lezisebenzi zilungiselelwa indawo yokuhlala efanelekile nokudla kwezinye zezikhungo zeNhlangano ezinezindawo zokuhlala, ezibizwa ngokuthi aMakhaya AseBethel. Ngaphezu kwalokhu zamukela imali elinganiselwe yokuhlangabezana nezindleko zokuhamba lapho zisenkonzweni yazo kanye nemali encane yezidingo zomuntu siqu.
Kusukela ngo-1920, lezisebenzi zokuzithandela ziye zakhiqiza amaBhayibheli, izincwadi, omagazini, namapheshana okungaphezu kwezigidi eziyizinkulungwane eziyisishiyagalolunye ngezilimi ezingaba ama-200 ukuze kusakazwe emhlabeni wonke. Bafeza ingxenye yabo ukuze izindaba ezinhle zaphakade zimenyezelwe njengezindaba ezijabulisayo kuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.—IsAmbulo 14:6, 7.
• Yimiphi imisebenzi yokunyathelisa eyenziwa yiWatch Tower Society, futhi ngani?
• Obani abenza wonke lomsebenzi, futhi baphila kanjani?
[Izithombe ekhasini 24]
Izisebenzi zokuzithandela ezenza imisebenzi ehlangene nokukhiqizwa kwezincwadi zeBhayibheli efekthri, ekhaya, ehhovisi, nasepulazini, eBrooklyn naseWallkill, eNew York, U.S.A.
[Izithombe ekhasini 25]
Izisebenzi zokuzithandela zenza imisebenzi ehlukahlukene ehilela ngokuqondile noma ngenye indlela ukukhiqizwa kwamaBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli
ESpain
EJalimane
EFinland
ECanada
EDenmark
ESweden
ENingizimu Afrika
EBrazil
ENetherlands
EAustralia