Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g18 No. 1 k. 3
  • Indlela Yokuyithola

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokuyithola
  • I-Phaphama!—2018
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bayajabula Abakhonza ‘UNkulunkulu Ojabulayo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Indlela Yokuthola Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Okuphakathi
    I-Phaphama!—2018
  • Injabulo Yeqiniso Ekukhonzeni UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2018
g18 No. 1 k. 3
Indoda ihamba endleleni

INDLELA YOKUTHOLA INJABULO

Indlela Yokuyithola

INGABE UCABANGA UKUTHI UNGUMUNTU OJABULE? Uma kunjalo, yini ekwenza ujabule? Ingabe umndeni wakho, umsebenzi noma inkolo okuyo? Kungenzeka kunokuthile okulangazelelayo okuzokwenzeka maduze, njengokuqeda isikole, ukuthola umsebenzi owuthandayo noma ukuthenga imoto entsha.

Abantu abaningi bayajabula lapho befinyelela umgomo othile, noma bethola okuthile ababekufisa. Leyo njabulo ihlala isikhathi esingakanani? Ngokuvamile ihlala isikhashana nje, okungaba yinto edumazayo.

Abaningi bahlobanisa injabulo nomuzwa wokwaneliseka, ukujabulela ukuphila, nesifiso esingokwemvelo sokuba le mizwa iqhubeke isikhathi eside.

Kanti lapho bechaza injabulo, abanye bathi ayitholakali kuphela lapho usufinyelele okuthile, kodwa iyinto okufanele uyisebenzele ngoqhubekayo. Uma usho amazwi anjengokuthi, “Ngizojabula uma . . . ” empeleni usuke uhlehlisa injabulo yakho.

Ukuthola injabulo kuthi akufane nokuba nempilo enhle. Iziphi izinto esizenzayo ukuze sibe abantu abanempilo? Siyajima, sikhethe ukuthi sidlani, sigade nendlela esiphila ngayo. Ngendlela efanayo, injabulo siyithola ngokuziphatha kahle nangokuphila ngemithetho ezuzisayo.

Yini engasisiza sikwazi ukuthola injabulo ekuphileni? Nakhu okunye kwakho:

  • UKWANELISEKA NOKUPHA

  • IMPILO ENHLE NOKUBEKEZELA

  • UTHANDO

  • UKUTHETHELELA

  • UKWAZI UKUTHI UPHILELANI

  • ITHEMBA

Incwadi ehlonishwa kakhulu inala mazwi anokuhlakanipha: “Bayajabula abangenaphutha endleleni yabo.” (IHubo 119:1) Ake siyibone le ndlela okukhulunywa ngayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela