Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/15 kk. 3-6
  • Ingabe Sekuzokhala Ibhungane Emasontweni?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Sekuzokhala Ibhungane Emasontweni?
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Beyishiya?
  • Ukushiya Kwabantu Inkolo Ehleliwe Kwabikezelwa!
  • “Phumani Kulo”!
  • Liyini IBhabhiloni Elikhulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Kuzokwenzekani Ngenkolo?—Okwembulwa IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
  • IBabiloni Elikhulu—Liwile Futhi Lahlulelwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Ukugqashula Enkolweni Yamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 11/15 kk. 3-6

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe Sekuzokhala Ibhungane Emasontweni?

Umndeni ume ngaphandle kwesonto elivaliwe

UGaffar, owazalwa eTurkey, wayekhathazwa imfundiso yokuthi uNkulunkulu uyaziphindiselela, eyayifundiswa inkolo akuyo. Umkakhe uHediye, waqala eneminyaka engu-9 ukungabaza inkolo yakhe. Wathi, “Ngafundiswa ukuba ngikholelwe enkolelweni yokunqunyelwa komuntu izinto kusengaphambili. Njengentandane, ngazibuza, ‘Ngoneni?’ Ngangivame ukukhala ubusuku bonke. Lapho sengineminyaka engu-15, ngase ngiyikhiphile inkolo yami enhliziyweni.”

INGABE usulilahlile ithemba ngenkolo ehleliwe? Uma kunjalo, awuwedwa neze. Emazweni amaningi, siyanda isibalo sabantu abathi ‘abasonti’​—okusikisela ukuthi ikusasa lenkolo ehleliwe aliqinisekile. Amanye alawo mazwe abonisiwe ngezansi.

E-AUSTRALIA

Izinhlolo-vo zibonisa ukuthi cishe bangamaphesenti angu-50 abantu abathi abasonti. Amanye amaphesenti angu-10 athi “ayaqiniseka ukuthi uNkulunkulu akekho.” Ngo-2010, omunye umholi wenkolo wabalisa ngokuthi “kule minyaka engaba ngu-40 edlule izinkumbi zabantu ziye zayishiya inkolo yobuKristu.”

EFRANCE

Kubantu okwakhulunywa nabo bangamaphesenti angu-37 kuphela abathi bayakholwa. Abanye babethi uNkulunkulu akekho, kanti abanye babengakholwa. Kwezinye izingxenye zaleli zwe elake laba isizinda samaKatolika, inkolo yobuKatolika “isisengcupheni yokuphela,” ngokusho komagazini i-Economist.

E-IRELAND

Abase-Ireland babonakala belahlekelwa ukholo lwabo ngobuningi. Cishe abangamaphesenti angu-45 kulabo okwakhulunywa nabo bathi abakholwa, kanti abanye abangamaphesenti angu-10 bathi uNkulunkulu akekho. Uma kuqhathaniswa amaphesenti, i-Ireland yaba phakathi kwamazwe ayishumi ahamba phambili ngamanani abantu abathi uNkulunkulu akekho. Imibiko yezindaba isikhuluma “ngokuphela kwe-Ireland yamaKatolika.”

EJAPANE

Kubantu baseJapane okwakhulunywa nabo, bangamaphesenti angu-16 kuphela abathi bayakholwa; abangamaphesenti angu-62 bathi abakholwa noma bakholelwa ukuthi uNkulunkulu akekho.

ENINGIZIMU AFRIKA

Phakathi kuka-2005 no-2012 inani labantu baseNingizimu Afrika ababethi bayakholwa lancipha ngamaphesenti angu-19.

ETUNISIA

Ngo-2013, bangamaphesenti angaba ngu-60 abantu baseTunisia okwakhulunywa nabo abathi babengasayi ezindlini zokukhulekela zamaSulumane kunalokho bathandazela ekhaya. Isizathu abasinikeza ukuthi besaba udlame olukhuthazwa khona.

E-UNITED STATES

Kusukela ngo-2005, inani labantu abathi bayakholwa lehla ngamaphesenti angu-13. Oyedwa kwabahlanu okwaxoxwa nabo wayengazihlanganisi nenkolo. Kubantu abadala abangaphansi kweminyaka engu-30, kwaba oyedwa kwabathathu. Unyaka ngamunye, kuvalwa izinkulungwane zamasonto.

EVIETNAM

Phakathi kuka-2005 no-2012, inani labantu abathi bayakholwa lancipha lisuka kumaphesenti angu-53 laya kwangu-30.

Amanani ala mazwe, ngaphandle kweTunisia, athathwe kuyi-Global Index of Religion and Atheism ka-2012, eyanyatheliswa i-Gallup International. Izinhlolo-vo zazihlanganisa amazwe angu-57, amelela amaphesenti angaphezu kuka-73 abantu emhlabeni wonke.

Ibalazwe elibonisa i-Australia, iFrance, i-Ireland, -iJapane, iNingizimu Afrika, iTunisia, i-United States, neVietnam

Kungani Beyishiya?

Ziningi izinto ezidumaza abantu enkolweni ehleliwe. Zihlanganisa ukukhuthaza noma ukwamukela kwenkolo ubudlova nobuphekula, nokuziphatha kabi ngokocansi okubandakanya abaholi benkolo kanye nezinye izinto ezicashile, ezingenza abaningi bayishiye inkolo. Lezo zinto zihlanganisa lokhu okulandelayo:

  • Ukuceba: I-Global Index of Religion and Atheism ithi, “Lapho uchuma ngokwezimali, yilapho nothando lwakho ngenkolo luncipha khona.” Lokho kuyaphawuleka, ngenxa yokuthi emazweni amaningi izinga lokuceba selikhuphuke ngokuphawulekayo. UJohn V. C. Nye, onguprofesa wezomnotho uthi, kwezinye izindawo abantu bajabulela “izinga lokuphila ebelingenza inkosi ehlonishwayo eyayibusa emakhulwini amabili eminyaka edlule, ibe nomona.”

    OKUSHIWO IBHAYIBHELI: IBhayibheli labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina,” uthando lwemali nolwenjabulo, lwaluyothatha isikhundla sothando ngoNkulunkulu nangomakhelwane. (2 Thimothewu 3:​1-5) Eqaphela izingozi ezidalwa ukuthanda ingcebo, umlobi weBhayibheli wathi kuJehova uNkulunkulu: “Unganginiki ubumpofu noma ingcebo.” Kungani ayenalesi sifiso? Waqhubeka, “Ukuze ngingasuthi bese ngikuphika.”​—IzAga 30:​8, 9.

  • Imikhuba yenkolo nokuziphatha kwayo: Abantu abaningi, ikakhulukazi intsha, babheka inkolo ehleliwe njengengabalulekile futhi engasizi ngalutho. Abanye abasayethembi inkolo. UTim Maguire, oyisikhulu sezindaba kuyi-Humanist Society Scotland uthi, “Uma uphawula indlela amasonto aye aziphatha ngayo emakhulwini eminyaka, abantu sebewafulathele ngoba abasakholelwa ukuthi anegunya lokubaqondisa ngokokuziphatha.”

    OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Ngokuphathelene nabafundisi bamanga, uJesu Kristu waxwayisa: “Niyobazi ngezithelo zabo. . . . Yonke imithi emihle ithela izithelo ezinhle, kodwa yonke imithi ebolile ithela izithelo ezingenamsebenzi.” (Mathewu 7:​15-18) “Izithelo ezingenamsebenzi” zihlanganisa ukugxambukela kwezombusazwe nokwamukela imikhuba uNkulunkulu angayithandi, njengobungqingili. (Johane 15:19; Roma 1:​25-27) Ziphinde zihlanganise nokwenza imikhosi engacacile namasiko angathi shú esikhundleni sokufundisa izinto ezinhle ezitholakala emiBhalweni. (Mathewu 15:​3, 9) UJesu wathi, “Yondla amawundlu ami.” (Johane 21:17) Nokho namuhla, abaningi balambile ngokomoya.

  • Inkolo nemali: Ngokwe-Pew Research Center, abantu abaningi banomuzwa wokuthi inkolo igxila kakhulu emalini. Okwenezela kuleyo nkinga, ukuthi ezinye izitatanyiswa zenkolo​—ngokungafani nezimvu zazo​—zikhomba ngophakathi. Ngokwesibonelo, kwelinye idolobha laseJalimane elinamalungu amaningi esonto adla imbuya ngothi, umbhishobhi wakhona uye wasolwa ngokuphila ukuphila okuntofontofo. Lokhu kuye kwawacasula amaKatolika amaningi endawo. Umbiko webhuku elibizwa nge-GEO uthi eNigeria, “lapho abantu abayizigidi eziyikhulu bephila ngemali engaphansi kwe-euro elilodwa (amaRandi angu-13) ngosuku, ukuphila kobukhazikhazi kwabanye abefundisi sekuqala ukuba inkinga.”

    OKUSHIWO IBHAYIBHELI: Umlobi weBhayibheli uPawulu wabhala: “Asibona abathengisi bezwi likaNkulunkulu.” (2 Korinte 2:17) Nakuba uPawulu ayeyisikhonzi esiqavile ebandleni lamaKristu okuqala, wayevame ukwenza umsebenzi wezandla ukuze angabi umthwalo kwabanye. (IzEnzo 20:34) Isimo sakhe sengqondo sabonisa ukuthi wayelalela umyalo kaJesu: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.”​—Mathewu 10:​7, 8.

Ngokuvumelana nalezo zimiso, oFakazi BakaJehova abakhokhisi muntu ngezincwadi zabo noma ngokufundisa iBhayibheli. Abakhokhisi okweshumi noma baqoqe inkongozelo emihlanganweni yabo. Kunalokho, izimali ezidingekayo bazithola ngeminikelo abantu abayenza ngasese ngokuzithandela.​—Mathewu 6:​2, 3.

Ukushiya Kwabantu Inkolo Ehleliwe Kwabikezelwa!

Emashumini eminyaka ambalwa edlule, kwakungaba nzima ukucabanga ukuthi inkolo yayizoba sesimweni ekuso manje. Nokho, uNkulunkulu wakubona kusengaphambili lokhu futhi wakuloba eBhayibhelini. Esebenzisa ulimi olungokomfanekiso, uNkulunkulu wafanisa zonke izinkolo ezingathembekile kuye nesifebe esitamasayo esibizwa ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.”​—IsAmbulo 17:​1, 5.

Le nkulumo iyafaneleka ngoba inkolo yamanga, nakuba ithi ithembekile kuNkulunkulu, iye yazihlanganisa namakhosi omhlaba ukuze izuze amandla nengcebo. IsAmbulo 18:9 sithi, “Amakhosi omhlaba afeba nalo.” Igama elithi “iBhabhiloni” nalo liyafaneleka, ngenxa yokuthi izimfundiso eziningi zenkolo yamanga nemikhuba yayo, njengokungafi komphefumulo, onkulunkulu abangoziqu-zintathu, nokusebenzelana nemimoya, kuvela eBhabhiloni lasendulo, umuzi owawunezinkolelo-ze futhi ungene shí enkolweni yamanga.a​—Isaya 47:​1, 8-11.

IBhabhiloni elinamandla lawa lapho amanzi alo ayisivikelo​—umsele owawuthelelwa uMfula i-Ewufrathe​—‘oma,’ okwavulela ibutho lamaMede namaPheresiya indlela yokunqoba umuzi. (Jeremiya 50:​1, 2, 38) Empeleni, balinqoba ngobusuku obubodwa nje iBhabhiloni!​—Daniyeli 5:​7, 28, 30.

IBhabhiloni Elikhulu nalo ‘lihlezi phezu kwamanzi amaningi.’ IBhayibheli lisitshela ukuthi lawo manzi amelela “abantu nezixuku”​—izigidi ezisekela inkolo yamanga. (IsAmbulo 17:​1, 15) IBhayibheli labikezela ukuthi la manzi angokomfanekiso ayeyokoma​—isenzakalo esasiyoba inkomba yokubhujiswa okuseduze nokusheshayo kweBhabhiloni lanamuhla. (IsAmbulo 16:12; 18:8) Kodwa libhujiswa obani? Abangane balo bezombusazwe, uthando lwabo ngalo luyophenduka inzondo. Bayoliphundla futhi bashwabadele inyama yalo engokomfanekiso.​—IsAmbulo 17:​16, 17.b

Indoda ifunda iBhayibheli bese ibona ngeso lengqondo amanzi ayezungeze iBhabhiloni ebohla nabantu bephuma eBhabhiloni Elikhulu

Ukubohla kwamanzi azungeze iBhabhiloni kumelela ukuphuma kwabantu eBhabhiloni Elikhulu

“Phumani Kulo”!

Ngenxa yokuthi iBhabhiloni Elikhulu lizobhujiswa maduze, uNkulunkulu ngothando uyasixwayisa: “Phumani kulo, bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.” (IsAmbulo 18:4) Yebo, isixwayiso sikaNkulunkulu siqondiswe kubantu abakhathazwa izimfundiso ezilimazayo zenkolo yamanga futhi abafuna ukwamukelwa uNkulunkulu​—abantu abafana noGaffar noHediye okukhulunywe ngabo ekuqaleni.

Ngaphambi kokutadisha iBhayibheli, uGaffar wayebheka uNkulunkulu njengoMuntu okumelwe alalelwe ngoba esatshwa. Wathi: “Kwangikhulula ukufunda ukuthi uJehova unguNkulunkulu wothando nokuthi ufuna simlalele sishukunyiswa uthando ngokuyinhloko.” (1 Johane 4:8; 5:3) UHediye wathola ukuthula kwangaphakathi lapho efunda ukuthi uNkulunkulu akamenzanga intandane, nokuthi isimo sakhe sasinganqunyiwe kusengaphambili. Waduduzwa imiBhalo yeBhayibheli enjengencwadi kaJakobe 1:​13, ebonisa ukuthi uNkulunkulu akabavivinyi abantu ngezinto ezimbi. Yena noGaffar balamukela iqiniso leBhayibheli futhi baphuma ‘eBhabhiloni.’​—Johane 17:17.

Lapho iBhabhiloni Elikhulu libhujiswa, akukho lutho olulimazayo oluyokwehlela labo abalalelile baphuma kulo ukuze ‘bakhulekele uBaba ngomoya nangeqiniso.’ (Johane 4:23) Ithemba labo ukubona umhlaba ‘ugcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.’​—Isaya 11:9.

Yebo, inkolo yamanga nezithelo zayo ezimbi iyophela, ngoba uNkulunkulu ‘akanakuqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Ngakolunye uhlangothi ukukhulekela kweqiniso kuyochuma phakade!

a Ukuze uthole okwengeziwe ngeBhabhiloni Elikhulu nangalokho okushiwo iBhayibheli ngesimo sabafileyo, ngoNkulunkulu, nangokusebenzelana nemimoya, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Iyatholakala engosini ethi www.jw.org/zu.

b Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli​—Ukuphela Kwezwe,” kuyo le Phaphama!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela