Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/15 kk. 14-15
  • Lapho Ugulelwa Othandekayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Ugulelwa Othandekayo
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Esibhedlela
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuvakashela Isiguli—Indlela Yokusiza
    I-Phaphama!—1991
  • Odokotela Bacindezelekile
    I-Phaphama!—2005
  • Ukududuza Abagulela Ukufa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 10/15 kk. 14-15

Lapho Ugulelwa Othandekayo

“Lapho uBaba esezokhishwa esibhedlela, sacela udokotela ukuba asichazele ngemiphumela yokuhlolwa kwegazi likaBaba. Udokotela wasiqinisekisa ukuthi imiphumela ibe mihle, kodwa ngomusa waphinde wayibheka. Wamangala lapho ethola ukuthi emibili yemiphumela yayingemihle! Waxolisa futhi wabiza udokotela onguchwepheshe. UBaba useluleme. Kodwa siyajabula ngokuthi sabuza imibuzo.”​—UMaribel.

Inkosikazi isiza umyeni wayo ukuba abhale izimpawu zokugula nemithi ayisebenzisayo

Ngaphambi kokubona udokotela, bhalani izimpawu zokugula nemithi isiguli esiyisebenzisayo

Ukubona udokotela nokulala esibhedlela kungethusa ngempela. Ukusekela komngane noma isihlobo kungaba usizo olukhulu​—mhlawumbe kusindise ngisho ukuphila, njengoba indaba kaMaribel ibonisa. Ungamsiza kanjani othandekayo wakho?

Ngaphambi kokuya kwadokotela. Siza isiguli sibhale phansi izimpawu ezikhomba ukugula kanye nemithi esiyisebenzisayo. Bhala phansi yonke imibuzo okufanele ibuzwe udokotela. Sisize sikhumbule noma imiphi imininingwane yokugula kwaso noma umlando wokugula wasemndenini. Ungacabangi ukuthi udokotela uyayazi kakade leyo mininingwane noma uzobuza ngayo.

Njengoba udokotela exoxa nabashadile, inkosikazi ibhala akushoyo

Nakisisa, buza imibuzo ngenhlonipho, futhi ubhale phansi okushiwo udokotela

Lapho usufikile kudokotela. Qiniseka ukuthi wena nogulayo niyakuqonda okushiwo udokotela. Buza imibuzo, kodwa gwema ukugomela ngezinto ongaqiniseki ngazo. Vumela ogulayo ukuba abuze imibuzo futhi azikhulumele. Nakisisa, futhi ubhale ngokucophelela okushiwo udokotela. Buza ngezindlela ezahlukene zokwelapha. Ezimweni eziningi, kungase kube ukuhlakanipha ukusikisela ukuthi ogulayo athole umbono wesibili.

Indoda nomkayo baxoxa ngamaphuzu ashiwo udokotela

Xoxani ngeziyalezo zikadokotela, futhi nihlole imithi

Ngemva kokubona udokotela. Xoxa nogulayo ngezinto ezikhulunywe udokotela. Qiniseka ukuthi uyayithola imithi efanele. Mkhuthaze ukuba aphuze imithi yakhe njengoba eyalelwe futhi azise udokotela ngokushesha uma imphatha kabi. Khuthaza isiguli ukuba sibe nombono omuhle, nokuba silandele noma yiziphi ezinye iziyalezo ezinikeziwe, njengokuphindela kudokotela. Sisize sifunde okwengeziwe ngokugula kwaso.

Esibhedlela

Njengoba owesifazane elele embhedeni wasesibhdlela, ummeleli wakhe wezokwelapha uxoxa nodokotela

Qikelela ukuthi wonke amafomu agcwaliswe kahle

Yiba ozolile futhi uqaphe. Umuntu ogulayo kungase kumkhathaze ukuya esibhedlela, futhi kungase kumenze azizwe engenamandla. Ngokuzola nokulalelisisa, ungasiza bonke ukuba behlise umoya futhi bagweme amaphutha. Qiniseka ukuthi imininingwane yokungena esibhedlela igcwaliswe kahle. Hlonipha ilungelo lesiguli lokuzenzela izinqumo zokwelashwa. Uma sigula kakhulu singakwazi ukuzenzela izinqumo, hlonipha izifiso zaso esizibhalile negunya labameleli baso bezokwelashwa.a

Owesifazane nommeleli wakhe wozokwelapha baxoxa nelungu labezokwelapha esibhedlela

Ngenhlonipho xoxa nezisebenzi ngezinto oziphawulile

Thatha isinyathelo kuqala. Ungesabi ukukhuluma. Ukubukeka kwakho ngendlela ehloniphekile nendlela enhle yokukhuluma kungashukumisela abezokwelapha ukuba babe nesithakazelo kogulayo, bamnake ngisho nangokwengeziwe. Ezibhedlela eziningi, iziguli zibonwa odokotela abahlukahlukene. Ungasiza ngokuxoxa nabo ngalokho okushiwo abanye. Uyasazi isiguli, ngakho veza ushintsho olubonayo emzimbeni waso noma engqondweni.

Njengoba owesifazane elulama embhedeni wasesibhedlela, ummeleli wakhe uxoxa nomhlengikazi

Yenza konke ongakwenza ngaphandle kokuphazamisa

Bonisa inhlonipho nokwazisa. Abantu abasebenza esibhedlela ngokuvamile basebenza ngaphansi kwezimo ezicindezelayo. Baphathe ngendlela ongathanda nawe ukuphathwa ngayo. (Mathewu 7:12) Bonisa inhlonipho ngokuqeqeshwa nolwazi lwabo, lethembe ikhono labo, futhi uyazise imizamo yabo. Ukwazisa okunjalo kungabakhuthaza ukuba benze konke abangakwenza.

Akekho ongagwema ukugula. Kodwa ngokucabanga kusengaphambili nangokumsekela ngokoqobo, ungamsiza umngane noma isihlobo babhekane ngokuphumelelayo nalesi simo esinzima.​—IzAga 17:17.

a Imithetho nezinqubo zokwelashwa ngokuphathelene namalungelo esiguli iyahluka kuye ngezindawo. Qiniseka ngokuthi imininingwane yesiguli ngokuphathelene nezokwelashwa igcwalisiwe futhi iyasebenza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela