Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/15 k. 16
  • Ukuhlolisisa Ezomndeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlolisisa Ezomndeni
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • E-Afrika
  • ECanada
  • ENetherlands
  • Bazali—Qeqeshani Izingane Zenu Ngothando
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Abantwana “Bayifa Elivela KuJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2026
  • Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?—INgxenye 2
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Bazali—Yibani Isibonelo Esihle Ezinganeni Zenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 10/15 k. 16
Umama usebenza kuyi-computer kuyilapho nengane yakhe ifuna ukunakwa

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Ezomndeni

Imindeni ibhekana nezinselele eziningi, kodwa ukuhlakanipha okungaphelelwa isikhathi okuseBhayibhelini kungayisiza ukuba ibhekane nazo ngokuphumelelayo futhi ichume.

E-Afrika

Ngokwe-World Health Organization, omama kumelwe baqale ukuncelisa izinsana ubisi lwebele phakathi nehora lokuqala zizelwe futhi bazincelise lona izinyanga eziyisithupha ngokukhethekile. Naphezu kwalokhu kusikisela, onguMeluleki Wesifunda Wezokondliwa EMpumalanga naseNingizimu ye-Afrika, we-UNICEF, wabonisa ukuthi ukukhangisa okungamanga kuyaqhubeka kugomela ngokuthi “ubisi lwezingane oluthengwayo luyafana nolwebele.”

OKUSHIWO IBHAYIBHELI: “Ongenalwazi uba nokholo kuwo wonke amazwi, kodwa okhaliphile uyazicabangela izinyathelo zakhe.”​—IzAga 14:15.

ECanada

Abacwaningi baseMontreal basikisele ukuthi izingane ezinabazali abangozwi lakhe​—ababeka imithetho eqinile kodwa babonise uthando oluncane ezinganeni​—angu-30 amaphesenti okuba zikhuluphale ngokweqile, uma ziqhathaniswa nezingane ezinabazali abonombono olinganiselayo ngokuphathelene nokuzibonisa uthando nokuziyala.

INGABE BEWAZI? Indlela ewusizo kakhulu yokukhulisa izingane yembulwa eBhayibhelini emakhulwini amaningi eminyaka edlule.​—Kolose 3:21.

ENetherlands

Ocwaningweni olwenziwa emindenini yamaDashi, okusebenza kuyo bobabili abazali, kuphethwe ngokuthi abazali ababeka imingcele eqinile phakathi komsebenzi nomndeni, basondelene kangconywana nezingane zabo kunabazali abavumela umsebenzi wabo ukuba uthikameze izibopho zomndeni. Ngokwesibonelo, ukuhlanganisa umsebenzi nomndeni ngokushaya izingcingo eziphathelene nomsebenzi usekhaya ngemva kwesikhathi somsebenzi, kungenza abazali bangazinaki ngendlela efanele izingane zabo.

ONGACABANGA NGAKHO: “Kukhona isikhathi esimisiwe sayo yonke into.”​—UmShumayeli 3:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela