Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 1/15 k. 16
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2015
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amazwe Omhlaba
  • ENgilandi
  • E-Australia
  • Ukubhekisisa Inkolo
    I-Phaphama!—1989
  • Ngingayithola Kanjani Inkolo Yeqiniso?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ingabe Noma Iyiphi Inkolo Ilungile?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe Sekuzokhala Ibhungane Emasontweni?
    I-Phaphama!—2015
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2015
g 1/15 k. 16

UKUBUKA OKWEZWE

Ukuhlolisisa Ezenkolo

Inkolo kufanele ibe yimbangela yobunye. Kodwa, ngokuvamile iye yaba yimbangela yezimpi nokungethembani.

Amazwe Omhlaba

Abantu abangaphezu kwezingxenye ezintathu kwezine emhlabeni bahlala emazweni lapho inkolo ivinjelwe khona kakhulu, kungaba ngenxa yemithetho ebekwe yiziphathimandla noma ngenxa yokungamukeleki kwayo emphakathini. Eminyakeni emihlanu yamuva, inani lamazwe abe nezigameko zokuhlukunyezwa kwezinkolo ezincane liye lacishe laphindeka kabili.

ONGACABANGA NGAKHO: Yiziphi izizathu ezihlukahlukene ezenza abantu bangayithandi inkolo?—Mathewu 23:27, 28; Johane 15:19.

ENgilandi

UTony Blair, owayenguNdunankulu uyabhala ephephandabeni i-Observer, uthi: “Ukusebenzisa kabi inkolo” kuyisisusa esivamile sezenzo zobuphekula eziqhubekayo muva nje. Uyenezela, “Mancane amathuba okuba izimpi zaleli khulu leminyaka zibangelwe imibono eyeqisayo yezombusazwe—njengalezo zekhulu lama-20—kodwa kalula nje zingase zilwelwe egameni lokwehluka kwezinkolo namasiko.”

ONGACABANGA NGAKHO: Kungani inkolo ivame kangaka ukuba yimbangela yokwehlukana?—Marku 7:6-8.

E-Australia

Umnyango Wokubalwa Kwabantu wase-Australia ubika ukuthi umuntu oyedwa kwabahlanu kulelo zwe uthi akukho nkolo ayilungu layo. Ngisho nalabo “abangamalungu enkolo abahlanganyeli njalo emisebenzini yenkolo,” kusho lo mbiko. Bangamaphesenti angu-15 abesilisa kanti bangamaphesenti angu-22 abesifazane abangamalungu enkolo abathi bona bahlanganyela njalo ezintweni zenkolo nezingokomoya.

ONGACABANGA NGAKHO: Yiziphi izimfanelo ezingezinhle ezisobala ezinkolweni eziningi zanamuhla?—Mathewu 7:15-20.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela