Ezivela Kubafundi Balo Magazini
Intsha Iyabuza . . . Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kujabulise? (April 2009) Ngingumama oshadile oneminyaka engu-24, futhi bekulokhu kuyinselele ukufunda iBhayibheli. Ngakusebenzisa ukusikisela okukulesi sihloko, futhi ngilisebenzisa kahle iphepha engalisika kuso. Manje sengiba magange ukufunda iBhayibheli. Sengiyayibona indlela izincwadi zeBhayibheli ezivumelana ngayo zakhe isithombe esihle. Akukaze kungijabulise kanje ukufunda iBhayibheli. Ngiyabonga kakhulu!
K. T., United States
Incwadi Ongayethemba—Ingxenye 6 (April 2011) Isihloko esithi “IRoma Emlandweni WeBhayibheli” sathi: “Kwenzekani eJerusalema? Amabutho amaRoma abuya, eseholwa uVespasian nendodana yakhe uTitus—kulokhu sekunamasosha angu-60 000.” Le nkulumo isho ukuthi uVespasian noTitus babehola ibutho lapho kunqotshwa iJerusalema. Kodwa, izincwadi zomlando zibonisa ukuthi uVespasian wayeseRoma phakathi naleyo nkathi.
J. O., Australia
I-“Phaphama!” iyaphendula: Ngokwencwadi ethi “Josephus—The Essential Writings,” kaPaul L. Maier, “uTitus washesha ukufika e-Alexandra, ehamba nebutho Leshumi Nesihlanu, waba noyise ePhetolemayi, lapho uVespasian ayelinde khona nebutho Lesihlanu neLeshumi.” Ngaphezu kwalokho, “i-Encyclopedia of the Roman Empire,” kaMatthew Bunson, isho okulandelayo ngoVespasian: “Enendodana yakhe eceleni kwakhe, wanqoba aBavukeli AbangamaJuda futhi wayelungele ukuqhubeka evimbezela iJerusalema ngo-68 lapho kufika umbiko wokuthi uNero ufile futhi indawo yakhe isithathwe uGalba. . . . Wafika eRoma ekupheleni kuka-70.” Ngakho kubonakala sengathi ekuqaleni uVespasian noTitus babendawonye ekuhlaseleni iJerusalema. Kodwa, ngesikhathi esithile uVespasian wabuyela eRoma washiya uTitus ukuba ahole.
Ingabe Unayo Imigomo Enengqondo? February 2011) Lapho sikhuluma ngezibonelo zemigomo engenangqondo, lesi sihloko sihlanganisa “udumo, ingcebo nomngane womshado ophelele noma impilo ephelele.” Ufakelweni “umngane womshado ophelele?” Kungani umgomo wokuthola umuntu ozoshada futhi uhlale naye ukuphila konke “ungenangqondo”?
S. K., United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Isihloko ngokwaso asizange sithi umshado uwumgomo ongenangqondo. Kunalokho, sakhuluma ngokufuna “umngane womshado ophelele.” Ngokomongo walesi sihloko, umngane “ophelele” ubhekisela kumngane womshado ongenasici, ongenawo neze amaphutha. Ukufuna umuntu onjalo kuyize ngenxa yezizathu ezimbili: Esokuqala, akekho umuntu onjalo. (Roma 3:23) Esesibili, ukufuna umuntu onjalo kugxile kakhulu kulokho umuntu ayokuthola emshadweni kunalokho ayokunikela yena emshadweni. Ngokuphathelene nalokhu, ngisho nabantu abathile abashadile banawo umgomo ongenangqondo wokushintsha lowo abashade naye abe umngane womshado “ophelele” ngokombono wabo. Ngokuphambene nalokhu, umshado oqinile wakhiwa abantu ababili abakubonayo ukungapheleli komunye nomunye, kodwa abakwaziyo ‘ukuqhubeka bebekezelelana futhi bethethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.’—Kolose 3:13.