Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/12 k. 20
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “IZinkinga” Zishiya Izibazi
  • Izinkinga Zesimo Sezulu Esibi “Ziyinto Entsha Esivamile”
  • Izimo Zezulu Ezimbi—Ingabe IBhayibheli Lingakusiza Ukwazi Ukubhekana Nazo?
    Izihloko Ezengeziwe
  • Kukhulunywa Ngesimo Sezulu
    I-Phaphama!—1998
  • Ubuciko Nesayensi Yokubikezela Izulu
    I-Phaphama!—2001
  • Ukuhlasela Kwesomiso—Lithini IBhayibheli?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 7/12 k. 20

Ukubuka Okwezwe

“Omakhalekhukhwini bangasiza ekugwemeni ukukhuluma nabantu ongathandi ukukhuluma nabo—abantu abangamaphesenti angu-13 abasebenzisa omakhalekhukhwini [sebake] benza sengathi bakhuluma nothile ukuze bagweme ukukhuluma nabantu abaseduze kwabo.”—I-PEW RESEARCH CENTER, E-U.S.A.

Phakathi nezikhathi zasehlobo ezinhlanu ezidlule kube nendawo encane kakhulu embozwe yiqhwa olwandle i-Arctic.—I-BBC NEWS, EBRITHANI.

“Cishe indawo engamaphesenti angu-47 elimekayo e-Afrika ayilinyiwe.”—I-WITNESS, ENINGIZIMU AFRIKA.

“Eminyakeni eyishumi edlule, amazwe ayishumi (iNetherlands, iBelgium, iCanada, iSpain, iNingizimu Afrika, iNorway, iSweden, iPortugal, i-Iceland ne-Argentina) asenemithetho evumela imishado yemibhangqwana yobulili obufanayo.”—I-FAMILY RELATIONS, E-U.S.A.

“IZinkinga” Zishiya Izibazi

Ucwaningo olwenziwa eNyakatho Ireland lubonisa ukuthi izimpi ezingokwenkolo ezaba kuleli zwe zashiya izibazi. Ingxabano, eyaziwa kule ndawo ngokuthi “iZinkinga (the Troubles),” yathatha iminyaka engaba ngu-30 futhi yabangela ukuba izingxenye ezimbili kwezintathu zabantu bakuleli zwe zibhekane nezenzakalo ezikhwantabalisayo. I-University of Ulster’s Bamford Centre for Mental Health and Wellbeing yathola ukuthi phakathi nengxenye yesikhathi sokuphila umuntu oyedwa kwabayishumi eNyakatho Ireland, uyophathwa ukucindezeleka kwangemva kwesenzakalo esibuhlungu—“okungelinye lamazinga aphakeme kakhulu” kunanoma iyiphi indawo kusho i-Irish Times. Liyanezela leli phephandaba, “Ngokwesibalo sabantu abathintwa yile mpi, izingxabano ezibizwa ngokuthi “iZinkinga,” ziphakathi kwezingxabano ezimbi kunazo zonke ezake zaba khona emhlabeni, zabulala umuntu oyedwa kwabangu-500.”

Izinkinga Zesimo Sezulu Esibi “Ziyinto Entsha Esivamile”

I-United States isivame ukuba nesimo sezulu esingavamile. Okwakubhekwa njengokubi kakhulu—izikhukhula, isomiso esibulalayo nokuduma kwezulu okuhambisana nokukhithika—manje “kuyinto entsha esivamile.” Emcimbini owawuhlelwe yi-Union of Concerned Scientists, uKatharine Hayhoe, isazi sesimo sezulu eTexas Tech University, watshela ozakwabo: “Kunezimo ezithile esesizijwayele, kodwa sekunokuningi okwenzekayo kulezi zinsuku okuyizinto esingazijwayele.” UHayhoe nabanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi izinto ezenziwa ngabantu yizo ezibhebhezela ukushintsha kwesimo sezulu nezenzakalo ezingavamile emhlabeni.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela