Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/12 kk. 25-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
  • Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
  • Abantu Namazwe
  • Izingane Zifuna Izithombe
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 4/12 kk. 25-31

Ukubukeza Komkhaya

Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?

Funda uJohane 2:13-17. Iziphi izici ezine ezinganembile kulo mdwebo? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese uqedela isithombe ngokusifaka imibala.

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

4. ․․․․․

ENINGAXOXA NGAKHO:

Kungani uJesu awaxosha la madoda ethempelini?

UMKHONDO: Funda uMarku 11:17.

Kungani kwakungalungile ukuba athenge futhi athengise ethempelini?

UMKHONDO: Funda eyesi-2 Korinte 2:17.

Ukuze sijabulise uJehova, kufanele sibe yini isisusa sethu sokumkhonza?

UMKHONDO: Funda uMathewu 22:36-40; 1 Petru 5:2.

OKUNGENZIWA UMKHAYA:

Ephepheni, bhala noma udwebe into ongayenza engabonisa uthando lokuzidela ngoJehova nangabanye abantu. Libonise abomkhaya, bese nihlela isikhathi lapho nonke ningahlanganyela ekwenzeni lokho.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

Wasike, uwasonge bese uwabeka

IKHADI LEBHAYIBHELI 16 UTHIMOTHEWU

IMIBUZO

A. Gcwalisa izikhala. Unina kaThimothewu, u- ․․․․․, nogogo wakhe u- ․․․․․ bamfundisa “imibhalo engcwele” kusukela ․․․․․.

B. UThimothewu osemncane wamukela siphi isimemo esikhethekile?

C. UPawulu washo lokhu ngoThimothewu: “Njengomntwana osebenza noyise . . . ”

[Ishadi]

4026 B.C.E. Ukudalwa kuka-Adamu

Waphila ngekhulu lokuqala C.E.

1 C.E.

98 C.E. Kwalotshwa incwadi yokugcina yeBhayibheli.

[Ibalazwe]

Wayehlala eListra kodwa futhi wayekhulunyelwa kahle nangabazalwane base-Ikoniyu

IListra

I-Ikoniyu

IJerusalema

UTHIMOTHEWU

UMLANDO

Nakuba uyise ayengakholwa, waba “isibonelo kwabathembekile ekukhulumeni, ekuziphatheni, othandweni, okholweni, ngobumsulwa.” (1 Thimothewu 4:12) Wasebenzisa iseluleko seBhayibheli: “Ziqeqeshe unomgomo wokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” (1 Thimothewu 4:7) UThimothewu wasiza umphostoli uPawulu iminyaka engaba ngu-15.

IZIMPENDULO

A. U-Evnike, uLowisi, esewusana.—2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15.

B. Ukuba ajikeleze futhi akhonze nomphostoli uPawulu.—IzEnzo 16:1-5.

C. “. . . wazigqilaza kanye nami ekuqhutshekiselweni phambili kwezindaba ezinhle.”—Filipi 2:22.

Abantu Namazwe

5. Igama lami nginguGabriela, ngineminyaka eyisithupha, nginoRaul oneminyaka engu-9. Sihlala eBrazil. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eBrazil? Ingabe bangu-467 000, 607 000 noma 720 000?

6. Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neBrazil.

A

B

C

D

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe esithi “Ukubukeza Komkhaya,” yiya engosini ethi www.jw.org

● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 25

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31

1. UJesu wasebenzisa isiswebhu hhayi inkemba.

2. Amadoda ayedayisa izinkomo nezimvu, hhayi izingulube.

3. Amadoda ayedayisa amajuba, hhayi izikhova.

4. Abashintshi bemali babenezinhlavu, hhayi imali engamaphepha.

5. 720 000.

6. C.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela