Ukubukeza Komkhaya
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda uJohane 2:13-17. Iziphi izici ezine ezinganembile kulo mdwebo? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese uqedela isithombe ngokusifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
4. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani uJesu awaxosha la madoda ethempelini?
UMKHONDO: Funda uMarku 11:17.
Kungani kwakungalungile ukuba athenge futhi athengise ethempelini?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 Korinte 2:17.
Ukuze sijabulise uJehova, kufanele sibe yini isisusa sethu sokumkhonza?
UMKHONDO: Funda uMathewu 22:36-40; 1 Petru 5:2.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Ephepheni, bhala noma udwebe into ongayenza engabonisa uthando lokuzidela ngoJehova nangabanye abantu. Libonise abomkhaya, bese nihlela isikhathi lapho nonke ningahlanganyela ekwenzeni lokho.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 16 UTHIMOTHEWU
IMIBUZO
A. Gcwalisa izikhala. Unina kaThimothewu, u- ․․․․․, nogogo wakhe u- ․․․․․ bamfundisa “imibhalo engcwele” kusukela ․․․․․.
B. UThimothewu osemncane wamukela siphi isimemo esikhethekile?
C. UPawulu washo lokhu ngoThimothewu: “Njengomntwana osebenza noyise . . . ”
[Ishadi]
4026 B.C.E. Ukudalwa kuka-Adamu
Waphila ngekhulu lokuqala C.E.
1 C.E.
98 C.E. Kwalotshwa incwadi yokugcina yeBhayibheli.
[Ibalazwe]
Wayehlala eListra kodwa futhi wayekhulunyelwa kahle nangabazalwane base-Ikoniyu
IListra
I-Ikoniyu
IJerusalema
UTHIMOTHEWU
UMLANDO
Nakuba uyise ayengakholwa, waba “isibonelo kwabathembekile ekukhulumeni, ekuziphatheni, othandweni, okholweni, ngobumsulwa.” (1 Thimothewu 4:12) Wasebenzisa iseluleko seBhayibheli: “Ziqeqeshe unomgomo wokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu.” (1 Thimothewu 4:7) UThimothewu wasiza umphostoli uPawulu iminyaka engaba ngu-15.
IZIMPENDULO
A. U-Evnike, uLowisi, esewusana.—2 Thimothewu 1:5; 3:14, 15.
B. Ukuba ajikeleze futhi akhonze nomphostoli uPawulu.—IzEnzo 16:1-5.
C. “. . . wazigqilaza kanye nami ekuqhutshekiselweni phambili kwezindaba ezinhle.”—Filipi 2:22.
Abantu Namazwe
5. Igama lami nginguGabriela, ngineminyaka eyisithupha, nginoRaul oneminyaka engu-9. Sihlala eBrazil. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala eBrazil? Ingabe bangu-467 000, 607 000 noma 720 000?
6. Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelezele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi ukude kangakanani neBrazil.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe esithi “Ukubukeza Komkhaya,” yiya engosini ethi www.jw.org
● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 25
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. UJesu wasebenzisa isiswebhu hhayi inkemba.
2. Amadoda ayedayisa izinkomo nezimvu, hhayi izingulube.
3. Amadoda ayedayisa amajuba, hhayi izikhova.
4. Abashintshi bemali babenezinhlavu, hhayi imali engamaphepha.
5. 720 000.
6. C.