Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/12 k. 23
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2012
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuzimonyonga Ngaphambi Kokubeletha
  • Yenza Imisebenzi Evivinya Umzimba Ukuze Uhlale Unempilo
  • Omama Abanempilo, Abantwana Abanempilo
    I-Phaphama!—2009
  • Ingabe Uyakudinga Ngempela Ukuvivinya Umzimba?
    I-Phaphama!—2005
  • Indlela Ongalonda Ngayo Impilo Yakho
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Ithelevishini Ikushintshile?
    I-Phaphama!—1991
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2012
g 4/12 k. 23

Ukubuka Okwezwe

“Engakabikho ama-computer, kwakunzima kakhulu [kososayensi bezimila] ukwenza umsebenzi okhandlayo wokuphenya izincwadi ngaphambi kokuba baqambe uhlobo olusha lwesitshalo, ngakho kwaqala ukuba namagama amaningi afanayo.” Manje sekutholakele ukuthi emagameni angaba yisigidi asohlwini, okungenani angu-477 601 ayefana.—I-SCIENCE, E-U.S.A.

“Bangamaphesenti ayisithupha kuphela abantu baseChina abathi bajabule.” Ucwaningo luthi abangamaphesenti angu-39 okwaxoxwa nabo bakholelwa ukuthi “into eyinhloko endabeni yenjabulo umcebo.”—I-CHINA DAILY, ECHINA.

“Uphenyo . . . mayelana nokunemba kwezilinganiso zobugebengu eRussia luthole ‘amanga amaningi’ ezibalweni ezenziwe kulo lonke lelo zwe.” Izikhungo ezibhekele ezomthetho zinecala “lokufihla isimo sangempela sobugebengu” nokwenza ihaba ngezinga lobugebengu obunqotshiwe.—I-RIA NOVOSTI, ERUSSIA.

“Umfundi waseyunivesithi oyedwa kwabathathu enhloko-dolobha yaseJalimane [iBerlin] uzocabangela umsebenzi ohilela ukuthengisa umzimba [ohlanganisa ukuthengisa umzimba nokwenza umdanso ovusa inkanuko] ukuze athole imali yokukhokhela izifundo zakhe.”—I-REUTERS NEWS SERVICE, EJALIMANE.

Ukuzimonyonga Ngaphambi Kokubeletha

Ezokuxhumana zithonya indlela omama abakhipha ngayo isaziso sokuthi sebebelethile. Njengoba ogogo babo babesebenzisa ucingo olubhalwayo, “omama abasha bafaka lezi zindaba ezijabulisayo kuyi-Internet,” kusho umbiko wesiteshi sethelevishini saseMelika i-ABC. Ngokuvamile lesi saziso sihlanganisa izithombe zikamama nomntwana ngemva nje kokubeletha. Isizukulwane esisha sabesifazane abakhathalela indlela ababukeka ngayo siyazilungisa ngaphambi kokubeletha, okuhlanganisa ukuzimonyonga, ukulungisa izinzipho zezandla nezezinyawo. “Abanye baze bahlele nokuba bahambe nomuntu olungisa izinwele lapho sebeya esibhedlela,” kusho lo mbiko. Kungani? Ukuze babukeke kahle uma sebebeletha, kusho uToni, umqondisi wezokwelapha egumbili lababelethayo eBoston’s Beth Israel Deaconess Medical Center.

Yenza Imisebenzi Evivinya Umzimba Ukuze Uhlale Unempilo

Abacwaningi bathi ukuhlala isikhathi eside ungenzi lutho oluvivinya umzimba emsebenzini, esikoleni noma ubukele i-TV kuhlobene nezifo ezingamahlala khona. “Njengoba uhleli, ukusebenza kwe-lipoprotein lipase, isakhi esenza izicubu zimunce amafutha asegazini bese ziwasebenzisa, kwehla ngokushesha,” kusho i-Vancouver Sun. Ngokwaleli phephandaba, “sidinga okungaphezu nje kokuvocavoca umzimba” okuhloselwe ukwenza inhliziyo ishaye kahle ukuze sihlale siphila. “Kudingeka sihlale senza imisebenzi elula nethe ukuqina evivinya umzimba ukuze isimiso sokugaya ukudla siqhubeke sisebenza.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela