Umbono WeBhayibheli
Indlela Yokwenza Umshado Uphumelele
KuMathewu 19:4-6, uJesu Kristu wathi: “Lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’ . . . Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu.”
KULELI ZWE lethu elinezindinganiso ezishintshashintshayo, umshado awusahlonishwa. Imibhangqwana eminingi eshadile ihlala ndawonye kuze kube yilapho ukukhangana kuphela noma kuphakama izinkinga—ngisho nezingatheni—bese ihlala ngokwahlukana noma ihlukanise. Ngokudabukisayo, lokhu kushiya abantwana behlukumezekile.
Lokhu akubamangazi abafundi beBhayibheli. Ngokuphathelene ‘nezinsuku zokugcina,’ isikhathi esiphila kuso manje, iBhayibheli labikezela ukuthi abantu bayontula izimfanelo ezenza imikhaya ibumbane, ezinjengokwethembeka nothando lwangempela nolomzwelo. (2 Thimothewu 3:1-5) Ingabe lokhu kuwohloka kwezindinganiso nendlela okuthinta ngayo ukuphila komkhaya kuyakukhathaza? Uyawuhlonipha yini wena umshado?
Uma kunjalo, ungathola induduzo eBhayibhelini ngoba iseluleko salo esisebenzayo siyaqhubeka sisiza abantu abaningi abashadile. Ngokwesibonelo, cabangela izimiso ezinhlanu ezingasiza emshadweni.a
Izihluthulelo Ezinhlanu Zomshado Ophumelelayo
(1) Bheka umshado njengesibopho esingcwele. Njengoba amazwi kaJesu acashunwe ngakwesobunxele ebonisa, yena noMdali, uJehova uNkulunkulu, babheka umshado njengesibopho esingcwele. Lokhu kugcizelelwa iseluleko esiqinile uNkulunkulu asinika amadoda athile endulo ahlukanisa nomkawo ukuze ashade nezintokazi ezisencane. “Usephulile isithembiso owasenza nomkakho owamshada useyinsizwa,” kusho uNkulunkulu. “Wayengumngane wakho kodwa uye wasephula isithembiso sakho kuye, yize wawuthembise phambi kukaNkulunkulu ukuthi uyothembeka kuye.” UJehova wabe esesho la mazwi anamandla: “Ngiyakuzonda lapho omunye wenu enza into eyisihluku kanjalo kumkakhe.” (Malaki 2:14-16, Today’s English Version) Kusobala ukuthi uNkulunkulu akawuthathi kalula umshado; uyayiqaphela indlela amadoda nomkawo abaphathana ngayo.
(2) Yiba umyeni onokwethenjelwa. Ezindabeni zomkhaya ezibalulekile, kunothile okumelwe enze isinqumo sokugcina. IBhayibheli liyinikeza indoda leyo ndima. “Indoda iyinhloko yomkayo,” kusho eyabase-Efesu 5:23. Kodwa ubunhloko abuyigunyazi ukuba ibe umashiqela. Kufanele ikhumbule ukuthi ‘inyamanye’ nomkayo nokuthi kufanele imnike udumo futhi ibonisane naye ezindabeni zomkhaya. (1 Petru 3:7) Iseluleko seBhayibheli sithi “amadoda kufanele athande omkawo njengemizimba yawo siqu.”—Efesu 5:28.
(3) Yiba umfazi osekelayo. IBhayibheli lichaza umfazi ‘njengomphelelisi’ womyeni wakhe. (Genesise 2:18) Kusho ukuthi wengeza izimfanelo ezibalulekile emshadweni. Kanti njengomphelelisi womyeni wakhe, akancintisani naye kodwa umsekela ngothando, ngaleyo ndlela athuthukise ukuthula emkhayeni. “Abafazi mabazithobe kubayeni babo,” kusho eyabase-Efesu 5:22. Kuthiwani-ke uma engavumelani naye kokuthile? Kuleso simo, kufanele azizwe ekhululekile ukuveza imibono yakhe ngesizotha nangenhlonipho, ngendlela naye angathanda ukuba umyeni wakhe akhulume ngayo naye.
(4) Bhekana namaqiniso, ulindele nezinselele. Amazwi angenamusa, izinkinga zemali, ukugula okungathi sina noma ukucindezeleka kokukhulisa abantwana kungase kuwuvivinye umshado. Yingakho iBhayibheli likubeka ngokungagunci ukuthi labo abashadayo “bayoba nosizi enyameni yabo.” (1 Korinte 7:28) Kepha akudingeki ukuba usizi noma izilingo, kuxegise isibopho somshado. Eqinisweni, uma abantu ababili bethandana futhi benokuhlakanipha kukaNkulunkulu, bangakwazi ukuxazulula izinkinga ezingabangela ukuhlukana. Unakho yini ukuhlakanipha okudingekayo okungakusiza ukuba ubhekane nezinkinga ezingase ziphakame emkhayeni wakho? IBhayibheli lithi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.”—Jakobe 1:5.
(5) Thembekani komunye nomunye. Zimbalwa izinto ezibhidliza umshado ngaphezu kobufebe, noma ubulili ngaphandle komshado, nokuwukuphela kwesizathu sesehlukaniso esamukelekayo kuNkulunkulu. (Mathewu 19:9) IBhayibheli lithi: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.” (Hebheru 13:4) Yini engenziwa abantu abashadile ukuze bagweme isilingo sokufuna ukwaneliseka ngokobulili ngaphandle komshado? IBhayibheli lithi: “Indoda mayinikeze umkayo okumfanele; kodwa nomfazi makenze ngokufanayo kumyeni wakhe.”—1 Korinte 7:3, 4.
Abanye bangase bathi la maphuzu amahlanu ayisidala. Kodwa imiphumela ibonisa okuphambene. Empeleni, imiphumela ifana netholwa umuntu obheka kuNkulunkulu ukuze athole isiqondiso kuzo zonke izici zokuphila: “Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.” (IHubo 1:2, 3) Elithi “konke” lihlanganisa nokuphumelela emshadweni.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-February 1, 2011.
INGABE WAKE WAZIBUZA?
● Uyini umbono kaNkulunkulu ngesehlukaniso?—Malaki 2:14-16.
● Indoda kufanele imphathe kanjani umkayo?—Efesu 5:23, 28.
● Okukabani ukuhlakanipha okuletha impumelelo emshadweni?—IHubo 1:2, 3.