Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/10 kk. 10-12
  • Lena Imbila Okuthiwa I-alpine

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lena Imbila Okuthiwa I-alpine
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ziyabambisana Futhi Ziqaphile Njengomkhaya
  • Indlela Ezizigcina Ngayo Zipholile Nezilala Ngayo
  • Ubuhle bezindawo ZoMbuso Zokulondoloza Imvelo Ezisezintabeni
    I-Phaphama!—1997
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2010
  • Indawo Yokucashela Umoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2003
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 10/10 kk. 10-12

Lena Imbila Okuthiwa I-alpine

Kwakuzwakala ikhwela yonke indawo. Kwakusengathi umfana obiza umngane wakhe—kodwa umsindo walo wawumkhulu kakhulu. Leli khwela lalizwakala nangalé kwegquma, kungezwakali kahle ukuthi liqhamukaphi. Ngabe sengibona imbila encane ithi tshobe emgodini oseduze. Ngaphenya incwadi yami futhi ngaqiniseka ukuthi ngangibone futhi ngezwa umsindo wembila okuthiwa i-alpine.

EZINSUKWINI ezimbalwa ngemva kwalokho, ngazazi kangcono lezi zimbila ezinoboya obukhulu. Ngabona ukuthi imaphi amadwala ezithanda ukuthamela kuwo isigcaki, ukuthi yayikuphi imigodi yazo nokuthi ziphila kanjani kule ndawo okunzima ukuphila kuyo ephezulu emagqumeni.

Ziyabambisana Futhi Ziqaphile Njengomkhaya

Akulula ukuphila kwezimbila ezihlala emagqumeni. Ebusika kuyabanda, kanti indawo yazo ingambozwa yiqhwa izinyanga eziningi. Kukhona nezilwane nezinyoni ezizingelayo eziwusongo. Ngakho lezi zimbila kufanele zibambisane, zihlele futhi ziqaphe ukuze zisinde.

Izimbila ziphila njengomkhaya, zivame ukuba amaqoqo akhiwa ezimbili ezizalayo kanye nenzalo yazo. Umkhaya ngamunye unemigodi embalwa—owodwa uyikhaya kanti eminye iyisiphephelo ezikhathini zengozi. Ngezinye izikhathi izimbila zimba imigodi emifantwini engaphansi kwamadwala amakhulu. Lezi zindawo ezinjengenqaba zenza izimbila zibe phezulu embhoshongweni ukuze ziqaphe futhi ziyindawo yokunethezeka lapho zithamele isigcaki.

Lezi zimbila zingamanono. Kunomgodi oseceleni oyindlu yangasese ukuze umgodi okuhlalwa kuwo uhlale uhlanzekile. Ekupheleni kwalo mgodi oyikhaya, kunomphandu omkhulu ondlalelwe ngotshani. Lo mphandu uyisiphephelo lapho insikazi izala khona. Uphinde ube indawo ethokomele lapho wonke umkhaya ubuthana khona ebusika.

Cishe ukuqapha ingozi kuwumsebenzi obaluleke kakhulu emkhayeni. Imbila esikhulile iba unogada kuyilapho amanye amalungu omkhaya edla eduze. Ukuze ibheke ukuthi akunangozi yini, imbila ngezinye izikhathi ima ngemilenze yangemuva ukuze ikwazi ukubona kahle. Izinkozi, izimpungushe nabantu, kuwusongo olukhulu kulezi zimbila. Ukuba khona kwabantu noma ukubona nje enye yezinyoni ezinkulu ezizingelayo kwenza imbila ihlabe umkhosi. Ngokuthakazelisayo, umkhosi eziwuhlabayo lapho kuqhamuka izinkozi—ezingabazingeli abakhulu bezimbila—uhluke ngendlela ephawulekayo. Lapho zizwa umkhosi, izimbila ziyabaleka ziyocasha. Kuba sengathi lezi zimbila zibaleka zonke ngokuphazima kweso!

Ukulalela kuyindaba yokufa nokuphila, ikakhulukazi ezimbileni ezisencane, eziwukudla kwezinkozi okuyintandokazi. Uma kubonakala sengathi usongo luseduze, unogada uyasuka angene emgodini njengoba nezinye zibaleka. Ngemva kwemizuzu embalwa, uyalunguza ngokuqapha okukhulu abheke ukuthi ingozi isidlulile yini.

Indlela Ezizigcina Ngayo Zipholile Nezilala Ngayo

Phezulu ezimfundeni ezisemagqumeni lapho izimbila zihlala khona, kunotshani obuningi ezingabudla, kanti ehlobo isimo sezulu sithokomele. Uma kupholile, izimbila zithamela isigcaki edwaleni ezilithandayo. Ukushisa kuzibangela izinkinga eziningi, ngoba azikwazi ukukhumula isikhumba sazo esinoboya. Ngenxa yalokho izimbila zivame ukuba matasa kakhulu ekuseni nalapho seliyoshona.

Lezi zimbila azinayo inkinga yokuqwasha; ebusika zihlala emgodini zingaphumi izinyanga ezingaba yisithupha. Olunye uhlobo lwazo, okuthiwa ama-hoary, ebusika kungase kuphele izinyanga ezingaba ngu-9 lungaphumi emgodini. Ngaleso sikhathi, ukushaya kwenhliziyo yalesi silwane kuyehla ize ishaye kanye noma kabili ngomzuzu, futhi izinga lokushisa komzimba lehla lize libe ama-degree Celsius amahlanu. Kuyaqondakala ukuthi ukuzila ukudla isikhathi eside kangako kudinga ukuzilungiselela. Ehlobo nalapho sekuqala ikwindla, izimbila zizigxisha ngokudla ukuze zibe namafutha anele phakathi naso sonke isikhathi zisemgodini ebusika.

Izimbila ezisencane ziyathanda ukudlala nokuxoshana. Ngabukela elinye iqembu lezimbila ezintathu ezisencane ligingqika emthambekeni lidlala. Zonke izimbila zibingelelana ngokuthintana amakhala; amalungu omkhaya ahlangana ndawonye ukuze afudumale phakathi nenkathi ebandayo.

Izimbila ziyalilungiselela ikusasa futhi ziyayiqaphela ingozi. (Jobe 12:7) Mhlawumbe nemikhaya yabantu ingafunda kula magundane.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

Ukuba khona kwezimbila kwenza izimfunda ezisemagqumeni zikhange, futhi ukubambisana kwazo njengomkhaya kufakazela ukuhlakanipha koMdali.—IHubo 50:10

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]

Imbila esikhulile iba unogada kuyilapho amanye amalungu omkhaya edla eduze

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela