Umehluko Omkhulu Obonwa Othisha
● U-Irena, umfundi webanga lesithupha, uhlala eKurtovo Konare, idolobhana laseBulgaria. Unina wanika uthisha incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo emhlanganweni wabazali nothisha.
Ngemva kwesikhathi esithile, uthisha wabizela u-Irena phambi kwekilasi ephethe le ncwadi wathi kuye: “Namuhla nguwe ozofundisa ikilasi. Ngikukhethele isihloko ozosifunda, futhi ngifuna uchaze indlela umkhaya wakini okusebenzisa ngayo ukusikisela okukuso.” Wakhetha isihloko esithi “Kungani Kufanele ‘Ngazise UBaba NoMama’?”
Lapho u-Irena esukuma eya phambili, abanye abafundi bakhuluma ngendlela abazali bakhe abahluke ngayo. Uthisha wabaphazamisa ethi: “Niyazi yini ukuthi kungani umkhaya wakubo uhlukile? Kungenxa yokuthi ufunda iBhayibheli. Ngafundisa abafowabo abadala, futhi angikaze ngibone inhlonipho nokukhuliswa okuhle kangaka selokhu ngaba uthisha.”
Uthisha wabe esecela u-Irena ukuba afunde. Ngemva kokufunda isigaba esasichaza ukuthi uNkulunkulu unike abazali ilungelo lokushaya imithetho, uthisha wabuza: “Irena, kusebenza kanjani lokho kini? Ingabe yonke into abazali benu abanitshela yona niyibheka njengomthetho?”
U-Irena wachaza: “Ngamunye wethu angase abe nombono wakhe, kodwa iBhayibheli lithi izingane kufanele zihloniphe abazali futhi zizithobe kubo, futhi senza kanjalo. Kodwa sivunyelwe ukuba sixoxe ngezinto ndawonye, futhi ngamunye wethu uyalinikwa ithuba lokuveza umbono wakhe.” Lapho kuphuma ikilasi, wonke umuntu wayenelisekile.
Ungacela ikhophi yale ncwadi ngokugcwalisa lesi sigqebhezana bese usithumela ekhelini elibonisiwe noma ekhelini elifanele kwasekhasini 5 lalo magazini.
□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.
□ Bonisa ulimi.
□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.