Ummeli Uhlola OFakazi BakaJehova
“KUNCANE kakhulu engangikwazi ngoFakazi BakaJehova,” kusho uLes Civin, ongummeli nomqondisi wenkampani yezomthetho eNingizimu Afrika. Kungani ahlola izimfundiso zoFakazi? Waphetha ngokuthini ngokuphathelene nalezo zimfundiso? Nakhu akutshela i-Phaphama!
Wakhulela kuyiphi inkolo?
Ngakhulela enkolweni yobuJuda, kodwa ekuqaleni kwawo-1970, ngashada noCarol owayengumSheshi. Wayengayithandi inkolo, ngakho inkolo yayingakuthinti ukuphila kwethu ngaleso sikhathi. Kodwa-ke, lapho indodana yethu u-Andrew isineminyaka engu-8, uCarol waba nomuzwa wokuthi kufanele senze okuthile ukuze ibe ilungu lenkolo ethile. Urabi wangitshela ukuthi uma uCarol ephendukela ebuJudeni, u-Andrew wayezoba umJuda futhi enzelwe umkhosi we-Bar Mitzvah lapho eseneminyaka engu-13. Ngakho saqala ukuya emakilasini amasonto onke okuguqulelwa ebuJudeni ayeqhutshwa esinagogeni.
Wahlangana kanjani noFakazi BakaJehova?
Lapho oFakazi befika kwami, ngangingabalaleli. Ngangiye ngithi: “NgingumJuda futhi angilikholelwa iTestamente Elisha.” Kodwa uCarol wangitshela ukuthi omunye wabangane bakhe unguFakazi futhi wayelazi kahle iBhayibheli. Wasikisela ukuba sifunde okwengeziwe ngalo. Ngakho ngavuma ngokunqikaza ukufunda noFakazi.
Wawuzizwa kanjani ngesifundo seBhayibheli?
Ngangingathobekile. Ngangisanda kuvuselela izinkolelo zami zobuJuda futhi nginomuzwa wokuthi ngiyilungu lesizwe esikhethiwe. Ngangicabanga, ‘Yini laba bantu abangangifundisa yona?’ Phakathi nengxoxo yethu yokuqala, ngatshela uFakazi owayesivakashele ukuthi: “Ngazalwa ngingumJuda. Ngiyitholile inkolo yami, futhi ngiyokufa ngingumJuda. Akukho ongakusho okuyongenza ngishintshe.” Wawamukela ngomusa umbono wami. Ngakho, ngoLwesihlanu nangoMsombuluko kusihlwa, sasiya emakilasini okuguqulelwa ebuJudeni bese kuthi ngeSonto ekuseni (uma ngingabanga nendlela yokubaleka) sifunde noFakazi. Isifundo sabo sasimahhala, ngokungafani namakilasi asesinagogeni.
Ngangisebenzisa iBhayibheli lami lamaJuda ngoba ngangicabanga ukuthi oFakazi basebenzisa inguqulo evuna imibono yabo. Nokho, ngamangala lapho ngithola ukuthi womabili la maBhayibheli ayevumelana kangakanani. Lokhu kwangenza ngazimisela nakakhulu ukubonisa ukuthi oFakazi abakwazi abakhuluma ngakho.
Ngemva kwezifundo ezimbalwa zikarabi, uCarol wangitshela ukuthi yena ubona sengathi urabi akalazi ngempela iBhayibheli. Wathi uzoyeka ukuya kulezi zifundo futhi ngeke amphike uKristu. Ngikhungathekile, ngacabanga ukumlahla. Kodwa, lapho selehlile igwebu, ngavela necebo elihlukile—ngangizosebenzisa ulwazi lwami lwezomthetho ukuze ngibonise uCarol ukuthi leli ‘hlelo’ linephutha.
Ingabe waphumelela?
Urabi wanginika incwadi eyayiphikisa iziprofetho eziphathelene noMesiya. Kwaphela izinyanga ezingu-18 mina noCarol sifunda leyo ncwadi ndawonye. Nesifundo sethu samasonto onke noFakazi sasiqhubeka. Nokho, njengoba sasihlola isiprofetho ngasinye encwadini karabi, ngaqala ukuba novalo. Ngokuphambene nezizathu ezivezwa yile ncwadi, iziprofetho zikaMesiya eziseBhayibhelini njalo zazibhekisela kumuntu oyedwa vó—uJesu Kristu. Le ndaba yafika emvuthwandaba lapho sifunda isiprofetho esikuDaniyeli 9:24-27, esabikezela ukuthi uMesiya wayeyovela ngonyaka ka-29 C.E.a Lo Fakazi wanginika iBhayibheli lesiHebheru elinenkumusho yesiNgisi phakathi kwemigqa ngezansi kwegama ngalinye. Ngahlola umbhalo, ngenza izibalo zami, ngabe sengithi: “Kuyiqiniso ukuthi lesi siprofetho sikhomba ku-29 C.E. Pho kunani lokho?”
Lo Fakazi wathi: “Yilowo nyaka uJesu abhapathizwa ngawo.”
Ngamangala! Kwangimangaza nokunemba kweziprofetho zeBhayibheli nendlela ezivumelana ngayo.
Abangane bakho bathini lapho ushintsha umbono wakho?
Abanye babekhathazeke kakhulu futhi bathembisa ukuthi bazohlanganisa mina nomkami nabantu abazosibonisa ukuthi siyakhohliswa. Kodwa ukuqiniseka kwethu kwakusekelwe ocwaningweni olunzulu nasezizathwini ezinengqondo—okuyinto ephambene ngokuphelele nokukhohliswa.
Yini eyakwenza wanquma ukuba uFakazi?
Ngaqale ngaya emihlanganweni embalwa eHholo LoMbuso nomkami, ngaleso sikhathi owayesenguFakazi.b Kwangihlaba umxhwele ukuba nobungane koFakazi nendlela abathandana ngayo, kungakhathaliseki uhlanga. Ngangingakaze ngikubone lokhu enkolweni yami. Ngakho ngemva kweminyaka engaba mithathu ngifundelwa, ngabhapathizwa.
Uzizwa kanjani ngesinqumo sakho sokuba uFakazi?
Kuyilungelo elikhulu ukusho ukuthi, “Ngingomunye woFakazi BakaJehova.” Kodwa uma ngicabanga ngendlela engalwa ngayo neqiniso, ngiba nomuzwa wokuthi awangifanelekele amagugu angokomoya uJehova anginike wona. Angisoze ngazisola ngesinqumo sami.
Yiziphi izibusiso ozijabulelayo?
Ziningi. Phakathi kokunye, ngiyalazisa kakhulu ilungelo lokukhonza njengomdala, noma umalusi ongokomoya nothisha ebandleni lakithi. Futhi, ngiye ngakwazi ukusiza uMnyango Wezomthetho ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova laseNingizimu Afrika. Kodwa akungabazeki ukuthi isibusiso esikhulu kunazo zonke esokwazi uJehova neNdodana yakhe nokuqonda ukubaluleka kwangempela kwezikhathi zethu nezenzakalo ezinkulu ezizamazamisa izwe.
[Imibhalo yaphansi]
a Elithi C.E. lisho ukuthi “Common Era [iNkathi Evamile].” Ukuze uthole imininingwane ngesiprofetho sikaDaniyeli esiphathelene noMesiya, bheka ikhasi 197 lencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
b UCarol washona ngo-1994, futhi ngemva kwalokho uLes Civin waphinde washada.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
Kwangimangaza ukunemba kweziprofetho zeBhayibheli nendlela ezivumelana ngayo