Intsha Iyabuza
Kungani Abafana Bengangithandi?
Uyazi ukuthi ngiyisilomo ngoba ngimtshelile ukuthi abanye abafana bayazifela ngami. Uhlekile lapho ngimtshela indlela abanye babangane bami abayizithutha ngayo. Uyazi ukuthi ngihlakaniphile ngoba ngike ngambuyisa kwezinye izinto ake wazisho. Kazi usebanjwe yini ukuba aphumele obala.
Yena uyakhanga kodwa ubonakala engakhaliphile! Akanginiki nelincane ithuba lokuvula umlomo uma nginaye. Uma kwenzekile ngasho okuthile, uyakulungisa! Uma ngimbona ngifisa sengathi kungavuleka umgodi ngingene.
INGABE kuyakukhathaza ukuthi abafana abanaso isithakazelo kuwe? Amantombazane amaningi ayakhathazeka, ngisho nalowo ongase ucabange ukuthi awanandaba! Ngokwesibonelo, cabanga ngoJoanne. Muhle, uhlakaniphile futhi uyiqaphuqaphu. Kodwa uthi: “Ngihlale nginomuzwa wokuthi abafana abangithandi. Abambalwa balabo engangibathanda babonisa isithakazelo okwesikhashana kodwa kamuva bayeka ngokuphelele ukukhuluma nami!”
Yiziphi izinto ezikhanga abafana entombazaneni? Yiziphi ezingabakhangi? Yini ongayenza ukuze ukhange insizwa ehloniphekile ngaphandle kokuzehlisa?
Okufanele Ukwenze
● Yazi ingqondo nenhliziyo yakho. Kungenzeka wazizwa ukhangwa kakhulu abafana ngokushesha nje ngemva kokuthomba. Kungenzeka wawukhangwa abangaphezu koyedwa. Yinto evamile leyo. Kodwa ukube wavele wawela kumfana wokuqala owakukhanga, ngabe wazivalela ithuba lokukhula ngokomzwelo nangokomoya. Kuthatha isikhathi ukuthuthukisa izimfanelo ezinhle, ‘ukushintshela ingqondo yakho’ ezintweni ezibalulekile nokufinyelela eminye yemigomo yakho.—Roma 12:2; 1 Korinte 7:36; Kolose 3:9, 10.
Yiqiniso, abafana abaningi bakhangwa amantombazane angakavuthwa kahle futhi asenobuntwana. Ngokuyinhloko abafana abanjalo bakhangwa umzimba wentombazane, hhayi lokho intombazane eyikho. Iqiniso liwukuthi, insizwa ehluzekile iyobheka intombazane enezimfanelo eziyoyiphelelisa.—Mathewu 19:6.
Lokho okushiwo abafana: “Iyangikhanga intombazane ekwaziyo ukuveza imibono futhi uma iqiniseka ngokuthile ikumele.”—UJames.
“Ngingaba nesithakazelo entombazaneni ekwaziyo ukuveza imibono yayo ngokwethembeka, ngendlela enenhlonipho futhi engeke ivume yonke into engiyishoyo. Ngisho noma iyinhle, angikhululeki ngentombazane ethenga ubuso bami. Lokho kuyangethusa!”—UDarren.
“Ngiyavuma ukuthi ngivame ukukhangwa amantombazane amahle. Kodwa lokho kuphela ngokushesha uma ingenayo imigomo emihle neqinisekile. Ngakolunye uhlangothi, uma yazi ukuthi ifunani ekuphileni futhi eminye yemigomo yayo isiyifinyelele—lokho kuyenza ikhange nakakhulu.”—UDamien.
● Hlakulela inhlonipho ngabanye abantu. Njengoba nawe unesidingo sokuthandwa, nabafana banesifiso esijulile sokuhlonishwa. Akwenzekanga ngephutha ukuthi iBhayibheli lithi amadoda kufanele athande omkawo nokuthi abafazi babe “nenhlonipho ejulile” ngabayeni babo. (Efesu 5:33) Ngokuvumelana nalokhu kuqonda, okunye ukuhlola okwenziwa ezinsizweni eziningi kwathola ukuthi zingaphezu kwamaphesenti angu-60 ezathi zikhetha kakhulu ukuhlonishwa kunokuthandwa. Emadodeni asekhulile okwenziwa lokhu kuhlola kuwo, amaphesenti angu-70 akhetha okufanayo.
Ukuhlonipha akusho ukuhoxa—unikele ngelungelo lakho lokuba nombono ohlukile futhi ungawuvezi. (Genesise 21:10-12) Kodwa indlela oveza ngayo imibono yakho iyona eyokwenza uthandeke noma ungathandeki ezinsizweni. Uma njalo uhlale uphikisa noma ulungisa lokho ekushoyo, ingase izizwe sengathi awuyihloniphi. Yiqiniso, insizwa enokuqonda iyophawula futhi uma uphatha abakini nabanye ngenhlonipho.a
Lokho okushiwo abafana: “Abafana bacabanga ukuthi imibono yabo ibalulekile kothile, ikakhulukazi entombazaneni abayithandayo.”—U-Anthony.
“Ngicabanga ukuthi inhlonipho ibaluleke kakhulu ekwakhekeni kobuhlobo. Uthando luyokwakheka kamuva.”—U-Adrian.
“Uma intombazane ingihlonipha, ngiba nomuzwa wokuthi ingangithanda.”—UMark.
● Gqoka ngesizotha, ulondoloze nenhlanzeko. Indlela ogqoka futhi uzilungise ngayo injengesikhulisa-zwi esimemezela lokho okucabangayo nesimo sakho sengqondo. Ungakakhulumi nakukhuluma nomfana, indlela ogqoke ngayo isuke isisho okuningi ngawe. Ukugqoka kahle nangesizotha, kuyothumela umyalezo omuhle. (1 Thimothewu 2:9) Uma ugqoka ngendlela evusa inkanuko noma ewubudlabha, kuyodlulisela umyalezo ocace bha nongemuhle!
Lokho okushiwo abafana: “Indlela intombazane egqoka ngayo isho okuningi ngesimo sayo sengqondo ekuphileni. Uma igqoka izingubo ezivusa inkanuko noma eziwubudlabha, lokho kungitshela ukuthi ifuna ukunakwa.”—U-Adrian.
“Iyangikhanga intombazane ezinakekelayo izinwele zayo, enephunga elimnandi, futhi enezwi elipholile. Ngakolunye uhlangothi, nakuba ngangikhangwa intombazane ethile enhle, ukuba kwayo yinuku kwakuqeda lokho.”—URyan.
“Iyangikhanga intombazane engenawo umuzwa wokuthi kufanele ifake kakhulu izimonyo futhi engagqoki izinto eziyimpintshayo noma eziveza umzimba ukuze inakwe.”—U-Ethan.
“Uma intombazane igqoka ngendlela evusa inkanuko, ingawadonsa amehlo ekuqaleni. Kodwa akulona uhlobo lwentombazane engifuna ukwakha ubuhlobo nayo.”—UNicholas.
Okungafanele Ukwenze
● Ungadlali ngothando. Abesifazane banekhono elikhulu lokuthonya abantu besilisa. Lelo khono lokukhanga lingasetshenziswa kahle noma kabi. (Genesise 29:17, 18; IzAga 7:6-23) Uma usebenzisa lelo khono kubo bonke abafana ohlangana nabo, cishe uyoba nedumela lokuthi udlala ngothando.
Lokho okushiwo abafana: “Ukuhlala nje eceleni kwentombazane ekhangayo nokugudlana nayo ngamahlombe kungaba yinto ethakazelisayo kumfana futhi kungamjabulisa ngokomzwelo. Ngakho ngicabanga ukuthi intombazane ekuthintayo lapho nikhuluma isuke idlala ngothando.”—UNicholas.
“Uma intombazane ihlale ithola izindlela zokuba ithinte ingalo yanoma imuphi umfana ehlangana naye noma uma ilokhu ibuka bonke abantu besilisa abadlulayo ngamehlo ayengayo, ngiba nomuzwa wokuthi idlala ngothando, futhi angikuthandi lokho.”—UJosé.
“Uma intombazane ithinta bonke abafana ehlangana nabo futhi ngokushesha inake noma yimuphi umfana oyinaka kakhudlwana bengingathi idlala ngothando.”—U-Ethan.
● Unganamatheli kakhulu ngokomzwelo. Lapho umbhangqwana ushada, uba yilokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ukuba “nyamanye.” (Genesise 2:24) Kulelo qophelo lobuhlobo, bobabili indoda nomkayo balahlekelwa inkululeko ababenayo lapho bengakashadi; ngempela bazibophezela komunye nomunye. (1 Korinte 7:32-34) Kodwa, uma usamfunda umfana, akufanele ulindele ukuzibophezela okunjalo kuyena, naye akufanele alindele lokho kuwe. Uma ushesha ukufuna ukunakwa ngaso sonke isikhathi, ungase ulimaze ubuhlobo benu.b
Lokho okushiwo abafana: “Ngicabanga ukuthi intombazane isuke isinginamathele kakhulu uma isifuna ukwazi yonke into engiyenzayo futhi isibonakala ingasakwazi ukwenza izinto nabanye abantu ngaphandle kwami.”—UDarren.
“Uma intombazane engisanda kuthandana nayo ingithumelela umyalezo futhi ifuna ukwazi ukuthi nginobani, ikakhulukazi amagama anoma yimaphi amantombazane alapho ngikhona, ngicabanga ukuthi lokho kuwuphawu oluyisixwayiso.”—URyan.
“Intombazane engakuvumeli ukuba uchithe isikhathi nabanye abafana abangabangane bakho futhi icasuka uma ungayimemi ukuba ibe nawe ngaso sonke isikhathi iyisinama esingathandeki.”—U-Adrian.
Zihloniphe
Cishe uyawazi amantombazane angenza noma yini ukuze anakwe noma athandwe umfana. Amanye angaze ehlise nezindinganiso zawo ukuze athole isoka noma umyeni. Kodwa, isimiso esithi ‘uyokuvuna okutshalayo’ siyasebenza kule ndaba. (Galathiya 6:7-9) Uma ungakuboni ukubaluleka kwakho nezindinganiso ophila ngazo, cishe uyokhanga abafana abangakwazisi wena nezindinganiso zakho.
Iqiniso liwukuthi akubona bonke abafana abayokuthanda—futhi lokho kungaba yinto enhle! Kodwa uma ubunaka ubuhle bakho bangaphakathi nobangaphandle, uyoba ‘nenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu’—futhi uyokhanga uhlobo lwezinsizwa olukufanele.—1 Petru 3:4.
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isahluko 3 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 2, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
b Yiqiniso, uma umbhangqwana usuthembisene, usuke usuzibophezele ngokufanele komunye nomunye.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
● Ungabonisa kanjani ukuthi uyayihlonipha imibono nemizwa yensizwa?
● Ungabonisa kanjani ukuthi uyazihlonipha?
[Isithombe ekhasini 27]
Uthando nenhlonipho kufana namasondo amabili ebhayisikili—womabili abalulekile