Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/09 k. 5
  • Imfihlo 3: Ukubambisana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imfihlo 3: Ukubambisana
  • I-Phaphama!—2009
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 2 Ukubambisana
    I-Phaphama!—2018
  • Indlela Yokuzehlisa
    I-Phaphama!—2014
  • Lapho Ubungane Sebudlulele
    I-Phaphama!—2013
  • Lapho Imibono Ingafani
    Usizo Lomndeni
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 10/09 k. 5

Imfihlo 3: Ukubambisana

“Ababili bangcono kunoyedwa . . . uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.”—UmShumayeli 4:9, 10.

Okushiwo yilokhu. Imibhangqwana ephumelelayo ihlonipha ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko njengoba lilotshwe eBhayibhelini. (Efesu 5:22-24) Noma kunjalo, bobabili umyeni nomkakhe babheka umshado wabo ngomuzwa wokuthi “okwethu” nokuthi “thina” kunokuthi “okwami” nokuthi “mina.” Uma bebambisene, umyeni nomkakhe ngeke besazibheka njengomuntu ngamunye. ‘Banyamanye’—inkulumo yeBhayibheli engachazi nje ukuhlala njalo kwesibopho somshado kodwa nesobunye.—Genesise 2:24.

Kungani kubalulekile? Uma wena noshade naye ningabambisene, izinto ezincane zingase ziphenduke indaba enkulu ngokushesha, omunye ehlasela omunye kunokuhlasela inkinga enibhekene nayo. Ngokuphambene, uma nibambisene, niba njengomshayeli wendiza onomsizi wakhe abanezinhlelo ezifanayo ngohambo kunabashayeli ababili abasezindizeni ezimbili ezizongqubuzana. Uma ningavumelani ngokuthile, nicabanga ngesixazululo esisebenzayo kunokuchitha isikhathi namandla angokomzwelo nisolana.

Zama lokhu. Hlaziya izinga enibambisana ngalo ngokuphendula lemibuzo elandelayo.

◼ Ingabe ngibheka imali engiyiholayo ‘njengeyami,’ ngoba isetshenzwa yimi?

◼ Ingabe ngiyazigwema izihlobo zengishade naye, ngisho noma yena esondelene nazo?

◼ Ukuze ngikhululeke ngokugcwele, ingabe kufanele ngibe kude nowakwami?

Zenzele isinqumo. Cabanga ngendlela eyodwa noma ezimbili ongabonisa ngazo umoya wokubambisana noshade naye.

Kungani ungaceli uvo lwakhe?

[Isithombe ekhasini 5]

Ukubambisana kusho ukuthi ungumshayeli onomsizi onezinhlelo zokuhamba kwendiza ezifanayo nezakho

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela