I-Tabàky—Isimonyo Esenziwe Ngokhuni
◼ Endaweni eyomile eseningizimu-ntshonalanga yeMadagascar, abesifazane bagcwala ogwini befuna amagobolondo asolwandle ukuze bawadayisele izivakashi. Ubuso babo bugcotshwa isitaputapu esimhlophe okuthiwa i-tabàky. Lesi sitaputapu esithakazelisayo esigcotshwa ebusweni asivikeli nje isikhumba emisebeni yelanga eyingozi kuphela, kodwa siyisimonyo.
I-tabàky iyinhlanganisela yesihlahla se-masonjoany nese-fihamy (esibizwa nangokuthi i-aviavy). Indlela yokuyenza ilula: Owesifazane ukhuhla ucezwana lokhuni etsheni eliyisicaba, abese ethela amaconsi amanzi kancane kancane ukuze enze isitaputapu. Angabe esegcobhoza ngothi lokhuni noma lwepulasitiki kulesi sitaputapu azidwebe ngaso ebusweni.
Abanye besifazane bagcoba i-tabàky kubo bonke ubuso, bashiye izindawo ezizungeze amehlo kuphela. Abanye bakhetha ukuyigcoba esiphongweni, ezihlathini noma esilevwini kuphela. Ingasetshenziselwa nokufihla izisihla noma ukunciphisa amafutha esikhunjeni, noma njengesimonyo. Ngenxa yokwenezelwa kwezinye izithako, kuba lula ukwenza imidwebo ehlukahlukene, ukwenza imibala eminingi nezinhlobo ezihlukahlukene ze-tabàky.
Ubani obengacabanga ukuthi okhunini kungavela isimonyo esinje? EMadagascar, kude le nezindawo zemfashini iParis neNew York, i-tabàky iyisimonyo esingavamile, kodwa esisebenzayo.