Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 12/08 k. 32
  • Waphulukiswa “Incwadi Endala Kakhulu”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Waphulukiswa “Incwadi Endala Kakhulu”
  • I-Phaphama!—2008
I-Phaphama!—2008
g 12/08 k. 32

Waphulukiswa “Incwadi Endala Kakhulu”

◼ Omunye woFakazi BakaJehova eBrazil, eNingizimu Melika, wayeshumayela endlini ngendlu lapho ehlangana nowesifazane othile owamtshela ukuthi uninazala wayephulukiswe yincwadi. Enelukuluku, lo Fakazi wabuza ukuthi iyiphi leyo ncwadi. Lona wesifazane wathi, “Incwadi endala kakhulu,” wabe eseletha incwadi egugile yendodana yakhe eyayinesihloko esithi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.

Lona wesifazane wachaza ukuthi uninazala wayekade ecindezelekile futhi esaba ukufa nokuba sebumnyameni kangangokuba wayengavuki embhedeni. Indodana yalo wesifazane yathola incwadi ethi Izindaba ZeBhayibheli, futhi yaqala ukuyifundela ugogo wayo. Ugogo wakhuthazeka kakhulu futhi kwamakha lokho ayekufundelwa umzukulu wakhe kangangokuba wayinqoba le nkinga.

Lo Fakazi uyalandisa: “Lapho ngimtshela lona wesifazane ukuthi le ncwadi inyatheliswa oFakazi BakaJehova nokuthi ngingamtholela entsha, wangicela ukuba ngiziphathe zibe mbili—enye ekaninazala enye ngeyakhe. Lapho ngibalethela lezi zincwadi, wacela ezinye. Ngokuhamba kwesikhathi, wacelela abangane bakhe ezingu-16!”

Ungazicelela ikhophi yencwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, enezindaba ezingu-116 ekhuluma ngabantu nezenzakalo eziseBhayibhelini. Kule minyaka engu-30 le ncwadi yaqala ukushicilelwa, sekunyatheliswe amakhophi angaphezu kwezigidi ezingu-72.

□ Angizibophi kodwa ngicela ningilethele ikhophi yencwadi eboniswe lapha.

□ Ngicela ningithinte mayelana nesifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela