Amagugu Amancane AseNiihau
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EHAWAII
NJALO ebusika, amagagasi abangelwa yisiphepho ahlasela ugu “lwesiQhingi Okungangenwa Kuso” saseHawaii, iNiihau. La magagasi aphonsa inqwaba yamagobolondo amancane eminenke angenalutho ogwini awagcwalise ezingxenyeni ezithile zalo. INiihau—engamakhilomitha-skwele angu-180 kuphela—iyisiqhingi esincane kunazo zonke kwezingu-7 zaseHawaii okuhlalwa kuzo. Akuve kufaneleka-ke ukuthi lesi siqhingi sentaba-mlilo sibe yikhaya lezinye zezilwane ezincane kunazo zonke emhlabeni—amagobolondo amahle aseNiihau.
Ngokungafani nesiqhingi esakhelene neNiihau, iKauai, esiqhele ngamakhilomitha angu-27 ngasenyakatho-mpumalanga, ingxenye enkulu yeNiihau iphansi futhi yomile. Kodwa kungani kuthiwa iyisiQhingi Okungangenwa Kuso? INiihau inabanikazi abayithenga futhi azifuneki izivakashi ezingavunyelwe. Abantu abenelisekile abahlala kulesi siqhingi abanaso isikhungo sikagesi, ompompi bamanzi, izitolo neposi. Ngomzamo wokulondoloza isiko labo lasendulo, abomdabu baseHawaii abangaba ngu-230 abahlala lapho bakhuluma isiHawaii. Uma bengalusi izimvu nezinkomo, abaningi basebenza “emayini yegolide” yamagobolondo amancane.a
Phakathi nezinyanga ezifudumele zasebusika eHawaii, imikhaya ihambahamba noma igibele amabhayisekili emigwaqweni yebhuqu iye ogwini oluhle nasemihumeni yamadwala, lapho ichitha khona lonke usuku ibutha amagobolondo. Uma esebuthiwe, la magobolondo anekwa ethunzini ukuze ome. Kamuva azohlungwa, ahlukaniswe kwenziwe imigexo entekenteke. Eziqhingini ezinohlaza, imigexo eminingi yenziwa ngezimbali. ENiihau, la magobolondo emigexo aba “yizimbali.”
“Amagugu” Asolwandle
Sekuyisikhathi eside amagobolondo esetshenziswa njengezinto zokuhloba eHawaii. Ekupheleni kwekhulu le-18, abahloli bamazwe abangamatilosi—kuhlanganise noKaputen’ uJames Cook—babona imihlobiso yamagobolondo lapha base bebhala ngayo ezincwadini zabo zohambo. Baphindela emuva namasampula, okungenzeka amanye ayethathwe eNiihau. Ngokuhamba kwesikhathi, abesifazane abadumile baseHawaii, kuhlanganise abadansi nabasebukhosini, baqala ukufaka imigexo yaseNiihau emihle. Ekhulwini lama-20, ngenxa yezitolo ezidayisela izivakashi, ezokuvakasha namasosha ayedlula eHawaii phakathi neMpi Yezwe II, la “magugu” ekhethelo atholakala nakwamanye amazwe. Namuhla le migexo emihle eyayingeyezicukuthwane zaseHawaii ifakwa abantu abayithandayo emazweni aseduze nakude.
Amagobolondolo avame ukusetshenziswa ekwenzeni imigexo yaseNiihau abizwa ngokuthi ama-momi, ama-laiki nangokuthi ama-kahelelani ngesiHawaii. Ukuhluka kwemibala nokwakheka kwawo kuyinselele ejabulisayo kubenzi bemigexo—ngokuvamile okungabesifazane—abahlanganisa la magobolondo benze izinto zobuciko. Kusetshenziswa izinhlobo ezingaba ngu-20 zama-momi ayindilinga anjengamaparele, anombala osukela komhlophe qwa kuya konsundu. Uma enziwe ngesitayela esibizayo okuthiwa i-Lei Pikake, ukucwebezela kwama-momi nobuncane bawo—obungaba amamilimitha ayishumi kuphela—kuphuma imigexo efana nemicu ye-jasmine elimhlophe elinephunga elimnandi, noma i-pikake.
Omakoti baseHawaii bavame ukuhloba ngemicu eminingi ye-laiki ecwebezelayo enjengelayisi. La magobolondolo acwazimulayo anemibala ehlukahlukene kusukela kwamhlophe qwa kuya kwathanda ukuba phuzi ngokuphaphathekile, kanti amanye anemidwa ensundu. Amagobolondo angama-kahelelani, okungenzeka ethiwa ngenkosi yasendulo yaseHawaii, angaba amamilimitha amahlanu ubude. La magobolondo antekenteke, ame njengesigqoko kunzima kakhulu ukwenza ngawo umgexo, futhi leyo migexo imba eqolo. Imibala yawo iyahlukahluka kusuka kobubende kuya embaleni oyivelakancane, obomvana ngokugqamile, obiza inani eliphindwe kathathu kuneminye imibala.
Ukwenza Umgexo Wamagobolondo AseNiihau
Lapho umenzi wemigexo esenqumile ukuthi umklamo uzoba njani, ususa sonke isihlabathi emagobolondweni abese ewabhoboza ngosungulo olucijile. Nakuba ecophelela njengoba esebenza, kuphuka igobolondo elilodwa kwamathathu. Ngakho, kumelwe kube namagobolondo amaningi eduze ukuze akwazi ukuqeda umgexo owodwa, okungase kuthathe iminyaka! Ukuze ahlanganise lo mgexo, usebenzisa intambo yenayiloni eqiniswe ngosimende owoma ngokushesha noma ngengcina yezinyosi. Ngokuvamile, kuboshelwa igobolondo elincane elisankinobho, njenge-puka, echosheni ngalinye, bese kunezelwa igobolondo elilodwa noma amabili e-cowrie lapho umgexo uhlangana khona.
Kunezindlela eziningi zokuhlanganisa umgexo njengoba kunezinhlobonhlobo zamagobolondo. Izitayela zihlanganisa umgexo ovamile womucu wama-momi amhlophe ongaba amasentimitha angu-150 kuya kwangu-190 ubude, umgexo oyindophi onamagobolondo amaningi amancane angama-kahelelani, kanye nemiklamo ephothwe ngezindlela ezihlukahlukene—eminye exube amagobolondo nezinhlamvu. Ukwenza imigexo kuwumsebenzi onzima, odla isikhathi nokhandla amehlo. Kodwa abenzi bemigexo abanekhono nesineke baseNiihau bavame ukwenza imigexo eyinkimbinkimbi enobuhle obungavamile. Umgexo ngamunye uhlukile, futhi kulula ukuqonda ukuthi kungani intengo yawo ifana neyemigexo yamatshe ayigugu neyasendulo, eminye ebiza izinkulungwane zamaRandi.
INiihau ingase ibe indawo ewugwadule ngandlela-thile, enedlanzana labantu futhi esemajukujukwini aseHawaii. Kodwa ngenxa yabenzi bemigexo abangamaciko, abantu abavela kude nogu lwaseNiihau bangajabulela ubuhle bamagugu alesi “siQhingi Okungangenwa Kuso.”
[Umbhalo waphansi]
a Amagobolondo afanayo ayatholakala nakwezinye iziQhingi zaseHawaii nakwezinye izindawo zasePacific, kodwa ubuhle nobuningi bawo buyahlukahluka kuye ngendawo.
[Isithombe ekhasini 24, 25]
Amagobolondo omile ayahlungwa, ahlukaniswe bese kwenziwa imigexo eyinkimbinkimbi
[Umthombo]
© Robert Holmes
[Isithombe ekhasini 25]
Amagobolondo angama-“momi” enziwe indilinga
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
© drr.net