Ingabe Zaklanywa?
Izinzwa Zakho Zokunambitha
◼ Uma udla ukudla okuthandayo, ngokushesha nje izinzwa zakho zokunambitha ziqala ukusebenza. Kodwa le nqubo emangalisayo isebenza kanjani ngempela?
Cabanga ngalokhu: Ulimi lwakho—kanye nezinye izingxenye zomlomo nomphimbo—kunamaqoqo amangqamuzana esikhumba okuthiwa izinzwa zokunambitha (taste buds). Amaningi angaphakathi kuma-papilla asolimini. Lezi zinzwa zinamangqamuzana azwelayo angaba yikhulu, ngalinye elikwazi ukuzwa ukunambitheka kwezinto ezine—ezimuncu, ezinosawoti, ezinoshukela, noma ezibabayo.a Izinto ezinongiwe zingena emkhakheni ohluke ngokuphelele. Izinongo zishukumisa izinzwa zobuhlungu—hhayi ezokunambitha! Kunoma ikuphi, amangqamuzana azwelayo okunambitha axhumene nezinzwa okuthi uma zishukunyiswa amakhemikhali asekudleni, zidlulisele izimpawu ngokushesha esiqwini sobuchopho.
Kodwa ukunambitha into ethile akuhileli nje umlomo kuphela. Amangqamuzana ephunga ayizigidi ezinhlanu asemakhaleni—akusiza ukuba uhlukanise amaphunga angaba ngu-10 000—anendima ebalulekile enqubweni yokunambitha. Kulinganiselwa ukuthi amaphesenti angaba ngu-75 alokho esikubiza ngokuthi ukunambitha empeleni awumphumela walokho esikuhogelayo.
Ososayensi baye benza ikhala lomshini elisebenzisa izinzwa zokuhogela zamakhemikhali egesi. Noma kunjalo, isazi sokusebenza kwesimiso sezinzwa uJohn Kauer sacashunwa kuyi-Research/Penn State sithi: “Noma isiphi isitho sokwenziwa sizoba sezingeni eliphansi kakhulu uma siqhathaniswa nomzimba womuntu omangalisayo noyinkimbinkimbi.”
Akekho ongaphika ukuthi izinzwa zokunambitha zinezela ubumnandi ekudleni. Nokho, abacwaningi basadidekile ngokuthi yini eyenza abantu bathande izinto ezinokunambitheka okuthile kodwa bangazithandi ezinye. I-Science Daily ithi: “Isayensi ingase iziqonde izinto eziningi eziyisisekelo ngomzimba womuntu, kodwa izinzwa zethu zokunambitha nokuhogela ziseyimfihlakalo.”
Wena ucabangani? Ingabe izinzwa zakho zokunambitha zaba khona ngengozi? Noma ingabe zinikeza ubufakazi bokuthi zaklanywa?
[Umbhalo waphansi]
a Eminyakeni yamuva nje ososayensi abathile banezele ukunambitheka okuthiwa i-umami kulolu hlu. Elithi umami lichaza osawoti abangavamile be-glutamic acid. Phakathi kwezinye izinhlobo zalo sawoti kunesithako esithuthukisa ukunambitheka kokudla okuthiwa i-monosodium glutamate.
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 26]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ingxenye evundlile yolimi
[Umdwebo]
Ama-papilla
[Umthombo]
© Dr. John D. Cunningham/Visuals Unlimited