Ikusasa Elilondekile Ngaphansi Kokubusa Kukankulunkulu
MADUZANE ukukhathazeka kwethu ngekusasa kuzophela, ngoba uNkulunkulu uzolawula izindaba kunozungezilanga onguMhlaba ngokumisa uhulumeni wakhe, obizwa ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu. UJesu Kristu wayecabanga ngalelo themba elimangalisayo lapho efundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.
UMbuso kaNkulunkulu ngeke usebenzelane noma usebenzise abaholi bezombangazwe. Kunalokho, uyosusa yonke iminonjana yokuzibusa kwabantu, njengoba kuboniswa esiprofethweni esilandelayo sikaDaniyeli mayelana “nezinsuku zokugcina,” isikhathi esiphila kuso. (2 Thimothewu 3:1) “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso [yabantu], wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Lawo mazwi awayona induduzo futhi awabaniki ithemba abantu abakhetha ukubusa komuntu, kodwa kubo bonke abafuna ubukhosi bukaNkulunkulu obubonakala ngoMbuso wakhe, angamazwi anikeza ithemba eliqhakazile.
Ikusasa Eliqhakazile!
Lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa phezu kwawo wonke umhlaba, izikhonzi zawo ngeke zihlukaniswe ezombangazwe, uhlanga, inkolo noma imingcele yamazwe esebalazweni. Kunalokho, ziyokwakha ubuzalwane bomhlaba wonke obuhlanganiswe yiqiniso elingokomoya nothando lwangempela. (Johane 13:34, 35; 17:3, 17) Yebo, ngaphansi kokubusa koMbuso, “olungile uyohluma,” futhi kuyoba “nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga.”—IHubo 72:7.
Ngaphandle nje kwalezi zinto, uMbuso kaNkulunkulu uyoletha abantu abathobekile ekupheleleni kwengqondo nomzimba, ususe konke ukugula, ukuhlupheka nokufa. (IsAmbulo 21:3, 4) Uyoba yini umphumela? Umhlaba wethu uyoba ipharadesi ngomqondo ophelele, kanjalo kufezeke injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ayisho e-Edene.a—Genesise 1:28.
Izindaba Ezinhle Okuwukuphela Kwazo
Lapho enikeza uphawu oluyinhlanganisela ‘lwesiphelo sesimiso sezinto,’ uJesu wahlanganisa nesici esiphawuleka ngokukhethekile. (Mathewu 24:3-7) Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.”—Mathewu 24:14.
Ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, ngo-2007 oFakazi BakaJehova abangaba yizigidi ezingu-7 emazweni angu-236 batshela omakhelwane babo ngesigijimi soMbuso, banikela ngesikhathi sabo esingaphezu kwamahora ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-1,4 kulo msebenzi. Kungani oFakazi beqiniseka kangaka ngezithembiso eziqukethwe yiBhayibheli? Impendulo ilula ngempela. Njengoba isihloko esilandelayo sibonisa, uNkulunkulu uyazigcina njalo izithembiso zakhe.—Roma 3:4.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: Ingabe Umhlaba Uyoba YiPharadesi?” ekhasini 10.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]
IBhayibheli lithi kuyoba “nokuchichima kokuthula”