Umbono WeBhayibheli
Busho Ukuthini Ngempela Ubunhloko Emshadweni?
EMAZWENI amaningi imikhosi yomshado ivame ukuhlanganisa nezifungo lapho umakoti ethembisa khona ukuthobela umyeni wakhe. Noma kunjalo, abesifazane abaningi abawuthandisisi umqondo wobunhloko bendoda emshadweni. Cabangela lokho iBhayibheli elikufundisayo ngale ndaba. Uzothola ukuthi umbono walo uyalinganisela futhi uwusizo.
Ubunhloko Ngokwendlela KaNkulunkulu
Incazelo yeBhayibheli eyisisekelo ngobunhloko itholakala kweyabase-Efesu 5:22-24: “Abafazi mabazithobe kubayeni babo njengokungathi bazithoba eNkosini, ngoba indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla . . . Eqinisweni, njengoba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele abayeni babo kuzo zonke izinto.” Njengoba indoda “iyinhloko yomkayo,” kufanele ihole emkhayeni, inkosikazi ilandele ukuhola kwayo futhi ihloniphe ubunhloko bayo.—Efesu 5:33.
Igunya lendoda lilawulwa ukuzithoba kwayo kuNkulunkulu noKristu. Ayinalo igunya lokuyala umkayo ukuba aphule imithetho kaNkulunkulu noma enze okuphambene nonembeza wakhe oqeqeshwe yiBhayibheli. Kodwa nakuba ibekelwe le mingcele, uNkulunkulu uyinikeze umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo ezibalulekile emkhayeni.—Roma 7:2; 1 Korinte 11:3.
IBhayibheli liyala indoda ukuba isebenzise ubunhloko bayo ngendlela engenabugovu, icabangele kuqala inzuzo yomkayo kuneyayo. Eyabase-Efesu 5:25 ithi: “Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla futhi wazinikela ngenxa yalo.” Indoda elandela isibonelo sikaKristu sothando esivelele ayibusebenzisi ubunhloko ngendlela enobugovu.
Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli liyala indoda ukuba ihlale nomkayo “ngokolwazi.” (1 Petru 3:7) Lokhu kuhilela okungaphezu nje kokuqaphela umahluko ongokomzimba nongokomzwelo phakathi kwamadoda nabesifazane. Kufanele iqonde izidingo zomkayo.
‘Ungumngane Wakho’
Ingabe ukuzithoba kwenkosikazi kusho ukuthi kufanele ivume konke? Cabanga ngoSara, okukhulunywa ngaye eBhayibhelini njengesibonelo sokuzithoba kumyeni wakhe, u-Abrahama. (1 Petru 3:5, 6) Wazithoba kuye ezindabeni ezinkulu nezincane, kusukela ekushiyeni umuzi onethezekile ayohlala ematendeni njengomhambuma kuya ekulungiseleleni ukudla ngokushesha. (Genesise 12:5-9; 18:6) Kodwa lapho kuphakama indaba ethile engathí sina, wawuveza ngokuphindaphindiwe umbono wakhe owawungafani noka-Abrahama. Lokhu kwenzeka lapho uSara efuna ukuba u-Abrahama axoshe isancinza sakhe, uHagari, nezibulo lakhe, u-Ishmayeli, emzini wabo. Esikhundleni sokuthethisa uSara, uNkulunkulu watshela u-Abrahama ukuba ‘alalele izwi lakhe.’ Kodwa uSara waqhubeka ezithoba ku-Abrahama ngokumlinda ukuba athathe isinyathelo esikhundleni sokuzama ukubaxosha yena ngokwakhe oHagari no-Ishmayeli.—Genesise 21:8-14.
Isibonelo sikaSara sibonisa ukuthi esikhundleni sokuba uvumazonke, owesifazane kufanele abe ‘umngane’ womyeni wakhe, afeze indima ehloniphekile. (Malaki 2:14) Njengomngane wakhe, uba usizo olukhulu ezinqumweni zomkhaya futhi unikwa igunya elithile ekhaya, ngokuvamile anakekele izindaba eziningi zomkhaya ngisho nezindaba ezithile zezimali. Kuyiqiniso ukuthi njengenhloko yomkhaya, indoda inomthwalo wokwenza izinqumo zokugcina.—IzAga 31:10-31; 1 Thimothewu 5:14.
Ukuhlonipha UMsunguli
UJehova uNkulunkulu wadala indoda nowesifazane, futhi wasungula umshado njengesibopho esingcwele phakathi kwabo. (Genesise 2:18-24) Wachaza nendima ekhethekile yendoda nowesifazane eyayizobalethela injabulo enkulu.—Duteronomi 24:5; IzAga 5:18.
NjengoMsunguli womshado, uJehova unelungelo nekhono lokubeka izindinganiso zelungiselelo lomshado. Abangane bomshado abafeza izindima zabo futhi balandele ilungiselelo likaNkulunkulu lobunhloko, hhayi nje ngenxa yokuthi liyasiza kodwa nangenxa yokuthi bahlonipha igunya laphezulu, ubabonisa umusa futhi abasekele.
WAKE WAZIBUZA?
◼ Ubani owabeka isibonelo esiphelele sobunhloko?—Efesu 5:25.
◼ Ingabe uNkulunkulu ulibekele umngcele igunya lendoda?—1 Korinte 11:3.
◼ Iyini injongo yomshado nelungiselelo lobunhloko?—IzAga 5:18.
[Isithombe ekhasini 28]
Ubunhloko obusetshenziswa ngokuvumelana nesibonelo sikaKristu bulethela bobabili abangane bomshado injabulo nokwaneliseka