Ingabe Ukuphishekela Imali Kuyakugulisa?
UKUBE ubungaceba kakhulu kusasa, ubungenzenjani? Ubunganciphisa izinga lokusebenza bese ujabulela ukuphila? Ubungayeka ukusebenza bese uchitha isikhathi esiningi nomkhaya nabangane bakho? Ubungaqala umsebenzi owuthanda ngempela? Kuyathakazelisa ukuthi abantu abagcina sebecebile abazenzi zonke lezo zinto. Kunalokho, banikela konke ukuphila kwabo ekwenzeni imali eyengeziwe—ukuze bakhokhe izikweleti zabo ezintsha noma ukuze nje bacebe kakhulu.
Kodwa abanye abaye balandela le nkambo bayaqaphela ukuthi ukuthanda izinto ezibonakalayo kuye kwalimaza impilo yabo, ukuphila komkhaya nesimo sokuziphatha sezingane zabo. Muva nje, izincwadi, izihloko ezithile, ama-video nezinhlelo zethelevishini ziye zaxwayisa abantu ngokuzitika ngokweqile, futhi esikhundleni salokho zabakhuthaza ukuba “bakhethe ukuphila okulula.” Imithombo eminingi yokwaziswa iveza ukuthi ukugxila kakhulu ekuphishekeleni izinto ezibonakalayo kungenza umuntu agule—ngokwengqondo, ngokomzwelo, ngisho nangokwenyama.
Yiqiniso, ukukhathazeka ngezingozi zokuthanda izinto ezibonakalayo akukusha. Cishe eminyakeni engu-2 000 edlule, iBhayibheli lathi: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.
Kodwa ingabe kuyiqiniso lokho? Ingabe labo abaphilela imali nokuthola izinto ezibonakalayo bayalimala ngempela ngenxa yako? Noma ingabe banakho konke abakudingayo—ingcebo, impilo nemikhaya ejabulayo? Ake sibone.