Ukuzimisela Ngokuceba—Indlela Okungakuthinta Ngayo
EZWENI elinabantu abangaphezu kwezigidi ezingu-850 abalambayo, kungase kube nzima ukucabanga ukuthi ukuba nezinto eziningi kakhulu kungaba inkinga. Kodwa uqaphelile yini ukuthi umbhalo ocashunwe esihlokweni esandulele awuzange uxwayise ngemali noma ngengcebo, kodwa kunalokho, uxwayise ngothando lwemali nangokuzimisela ngokuceba? Kwenzekani lapho abantu bephilela ingcebo nezinto ezithengwa ngemali? Okokuqala, cabangela ithonya okungaba nalo ezinganeni zabo.
Ithonya Ezinganeni
Kulinganiselwa ukuthi ngonyaka nje, ingane evamile yaseMelika ibona izikhangiso ezingu-40 000 kuyithelevishini. Ngaphezu kwalokho, cabanga ngemidlalo ye-video, izidlali-mculo ezisezingeni eliphakeme, izinhlelo ze-computer nezingubo zokugqoka ezibizayo izingane ezizibona ezitolo nasemakhaya abangane bazo, bese uzama ukucabanga ngezicelo ababeleselwa ngazo abazali ngenxa yalokhu. Abanye abazali baye bazinika konke ezikufunayo izingane zabo. Kungani?
Njengoba babengenazo izinto zekhethelo lapho besebancane, abanye abazali bafuna ukuqiniseka ukuthi izingane zabo azikhuli zinomuzwa wokuthi zincishwa okuthile. Kanti abanye abazali besaba ukuthi uma bethi cha, izingane zabo ngeke zisabathanda. Omunye wabasunguli beqembu elisekela abazali eBoulder, eColorado, e-U.S.A., wathi: “Bafuna ukuba abangane abakhulu bezingane zabo futhi bafuna ukuqiniseka ukuthi zithola injabulo.” Abanye abazali banethemba lokuthi izipho eziningi zizovala isikhala sesikhathi esiningi abasichitha emsebenzini, bekude nezingane zabo. Kanti-ke kungenzeka nokuthi, ngemva komsebenzi ocindezelayo isonto lonke, umzali usuke engazimisele neze ukubhekana nempikiswano eyolandela impendulo ethi “Cha, awunakuyithola leyo nto.”
Kodwa ingabe abazali abanikeza izingane zabo konke ezikufunayo bayazisiza noma bayazilimaza? Okudidayo ukuthi, okuhlanganwe nakho kubonisa ukuthi kunokuba zibathande kakhulu umama nobaba, izingane ezitotoswayo zivame ukungabongi. Azizazisi ngisho nezipho ezibancenga kangaka abazali bazo ngazo. Omunye umqondisi wesikole esiphakathi wathi: ‘Esengikubonile mina ukuthi uma izingane zizithola ngokushesha zonke izinto ezizifunayo, zona lezo zinto ezifunwa kangaka zivame ukuntshingwa lé kude ngemva kwamasonto amabili.’
Kwenzekani ezinganeni ezitotoswayo lapho zikhula? Ngokukamagazini i-Newsweek, ukuhlola kubonisa ukuthi ziba abantu abadala “abakuthola kunzima ukubhekana nokudumala okuvamile ekuphileni.” Njengoba zingazange zifunde ukuzisebenzela kanzima izinto ezizitholayo, eziningi zazo ziyahluleka esikoleni, emsebenzini nasemshadweni, futhi ngemva kwalokho zincika kakhulu kubazali bazo ngokwezimali. Zingase zihlale zikhathazekile futhi zicindezeleke.
Ngakho-ke, izingane ezitotoswayo empeleni zisuke zincishwa okuthile. Zincishwa ithuba lokuqonda ukubaluleka komsebenzi, umuzwa wokuthi zibalulekile nekhono lokuzizwa zicebile ngaphakathi. Umelaphi uJessie O’Neill uyaxwayisa: “Ngokufundisa izingane ukuthi zingathola ezikufunayo noma nini lapho zikufuna, uzibekela isisekelo sokuba lusizi kukho konke ukuphila kwazo.”
Kwenzekani Kubantu Abadala?
Uma ushadile, “kungakhathaliseki ukuthi seninesikhathi eside kangakanani nindawonye noma ninemali eningi kangakanani, impi yenu elandelayo iyosuswa imali,” kubika iphephabhuku i-Psychology Today. Labuye laphawula ukuthi “indlela umbhangqwana osingatha ngayo ukungavumelani kwawo ezindabeni zemali nezinto ezidumazayo ingabonisa kusengaphambili ukuthi ubuhlobo bawo buyohlala isikhathi eside yini noma uyohlukana.” Kusobala-ke ukuthi umbhangqwana ogxile kakhulu emalini nasezintweni ezibonakalayo ubeka umshado wawo engcupheni enkulu. Empeleni, kuye kwasikiselwa ukuthi amaphesenti angu-90 ezehlukaniso abangelwa ngokuyinhloko izingxabano zemali.
Nokho, ngisho noma umbhangqwana uhlala ndawonye, umshado wawo ungase uwohloke uma ugxile kakhulu emalini nasezintweni zokunethezeka ezilethwa yiyo. Ngokwesibonelo, umbhangqwana onesikweleti ungase ucasukelane kalula nje futhi uhluthuke, ngamunye esola omunye ngezinkathazo zabo zezimali. Kwezinye izimo ngamunye kulo mbhangqwana unaka kakhulu izinto zakhe ezibonakalayo kangangokuthi siba sincane kakhulu isikhathi sokuba ndawonye. Kwenzekani uma omunye ethenga into ebizayo abese emfihlela omunye? Ukwenza kanjalo kukhuthaza ukufihlelana izinto, ukudliwa unembeza nokungathembani—konke okuwuqeda nyá umshado.
Abantu abadala abambalwa, beshadile noma bengashadile, baye bakudela ngokoqobo ukuphila kwabo ngenxa yezinto ezibonakalayo. Abanye eNingizimu Afrika baye bazama ukuzibulala ngenxa yokucindezeleka okubangelwa ukwamukela ukuphila kwaseNtshonalanga kokuthanda izinto ezibonakalayo. E-United States, enye indoda yabulala umkayo, indodana yayo eneminyaka engu-12 yabe isizibulala nayo, ngenxa yezinkinga zayo zemali.
Yiqiniso, abantu abaningi abafi ngenxa yokuphishekela ingcebo. Kodwa bangase baphuthelwe izinto ezibalulekile ekuphileni besalibele yilokho abakuphishekelayo. Kanti nokuphila kwabo kungase kuwohloke uma ukucindezela komsebenzi noma kwezimali kubabangela ukuba bahlaselwe imizwa yokwesaba, baqwashe, bahlale bephethwe ikhanda noma benezilonda ngaphakathi—okuyizinkinga zempilo ezinganciphisa ukuphila komuntu. Ngisho noma umuntu engase aphaphame abone isidingo sokushintsha izinto eziza kuqala ekuphileni kwakhe, kungenzeka ukuthi sekwephuzile. Kungenzeka ukuthi umuntu ashade naye akasamethembi, izingane zakhe sezilimele ngokomzwelo, futhi nempilo yakhe isiwohlokile. Mhlawumbe omunye walo monakalo ungalungiseka, kodwa kuyodingeka umsebenzi omkhulu. Ngempela, abanjalo ‘bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.’—1 Thimothewu 6:10.
Yini Oyifunayo?
Abantu abaningi bafuna ukuphila komkhaya okujabulisayo, impilo enhle, umsebenzi onenjongo nemali eyanele yokuphila ngokunethezeka. Ukuze ube nazo zonke lezi zinto ezine kudingeka ukulinganisela, kodwa uma umuntu ehlala ekhathazeke kakhulu ngemali, lokho kulinganisela kuyaphazamiseka. Kubantu abaningi, ukubuyela endleleni efanele kungasho ukwamukela umsebenzi oneholo eliphansi, umuzi omncane, imoto engabizi kakhulu noma izinga eliphansi lokuphila. Bangaki-ke kubo abazimisele ukudela zonke lezo zinto zokunethezeka ngenxa nje yezindinganiso eziphakeme zokuphila? Omunye wesifazane wavuma: ‘Ngiyazi ukuthi angizidingi lezi zinto, kodwa kunzima ukuhlukana nazo!’ Abanye bayafuna ukuhlukana nazo, kodwa abafuni ukuba ngabokuqala.
Kuthiwani ngawe? Kumelwe utuswe kakhulu uma usuyitholile kakade indlela yokugcina imali nezinto ezibonakalayo zisendaweni yazo efanele. Ngakolunye uhlangothi, ingabe njengamanje usikha phezulu lesi sihloko ngoba izinga lakho lokuphila lidla isikhathi esiningi? Ingabe uphakathi kwalabo abezwa isidingo sokunciphisa izinto ezibonakalayo ukuze babe ngconywana ngokwempilo nangokomzwelo? Khona-ke yenza isinqumo esiwujuqu ngaphambi kokuba izinto ezibonakalayo zithole ithuba lokwenza umsebenzi wazo owonakalisayo emzini wakho. Ibhokisi elikuleli khasi lisikisela ezinye izindlela ongaqala ngazo.
Uma izinto ezibonakalayo zibekwa endaweni yazo efanele, wonke amalungu omkhaya ayozuza ngokwenyama nangokomzwelo. Kodwa amaKristu anokunye okumelwe akhathazeke ngako—awafuni ukuvumela izinto ezibonakalayo ziphazamise ubuhlobo bawo noNkulunkulu. Izinto ezibonakalayo zingayisongela kanjani impilo yomuntu engokomoya, futhi umuntu angakuvimbela kanjani lokho ukuba kungenzeki? Isihloko esilandelayo sizochaza.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]
Ngokuvamile, izingane ezitotoswayo azibongi, futhi izinto ezizifuna kangaka zisheshe zintshingwe lé kude
[Isithombe ekhasini 6]
Ukuzimisela ngokuceba kungabangela ukucindezeleka emshadweni
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]
Ukuphila Ngokulinganisela
Ukunciphisa izinto ezibonakalayo kuyodinga ukuzimisela nokuhlela ngokucophelela. Nakhu ukusikisela okuye kwabasiza abanye.
◼ HLAZIYA ISIMO. Yini ongayeka ukuyithenga? Yini ongayilahla? Izikhokhelo zomagazini? Ama-CD omculo? Izinto zokuhlobisa imoto ezingadingekile?
◼ ZAMA UKUPHILA NGENDLELA ELULA. Uma ukungabaza ngempela ukuphila ngendlela elula, kunganjani ukuzame izinyanga eziyisithupha noma unyaka. Zama ukuthola ukuthi sonke leso sikhathi ebesichithwa ekuqongeleleni imali nasezintweni ezibonakalayo besikwenza ujabule ngempela yini—noma besikwenza ungajabuli nhlobo.
◼ HLANGANISA NEZINGANE ZAKHO EZINGXOXWENI ZOMKHAYA ZOKWENZA UKUPHILA KUBE LULA. Ngaleyo ndlela ziyokusekela futhi ngeke ukuthole kunzima ukuthi cha lapho kumelwe usho kanjalo.
◼ CABANGELA UKUNIKA IZINGANE ZAKHO IMADLANA ETHILE. Kungakhathaliseki ukuthi zikhetha ukuyibeka imali yazo ukuze zizithengele okuthile noma zinquma ukungabi nakho, ziyofunda ukubekezela nokwazisa izinto ezinazo. Ziyofunda nokwenza izinqumo.
◼ FUNDA IZINDLELA EZIYOKUSIZA UKUBA WONGE. Funa izinto ezisendalini. Hlela imali onayo. Hlela ukuhamba nabathile ngemoto. Nciphisa ukusebenzisa izinto zikagesi. Boleka izincwadi emtatsheni wezincwadi kunokuba uzithenge.
◼ VALA IGEBE. Khumbula, injongo yakho yokunciphisa izinto onazo ayikona nje ukuba nezinto ezimbalwa kodwa iwukuba ugxile ezintweni ezibaluleke kakhulu, njengabantu ophila nabo. Ingabe uyakwenza lokho?