Usuku Lokuvakashela EChernobyl
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! E-UKRAINE
Kwakungakaze nanini kwenzeke ingozi efana naleyo eyenzeka esikhungweni samandla enuzi eChernobyl eminyakeni engu-20 edlule. Ngo-April 26, 1986, omunye wemishini emine ephehla amandla kulesi sikhungo waqhuma, kwaba yinhlekelele. Ngemva kwezinhlekelele eziningi—ezibangelwe umuntu noma ezemvelo—abantu bayakwazi ukuhlanza indawo baphinde bakhe futhi. Kodwa le ngozi yashiya ukungcola okuye kwaba nemiphumela emibi ehlala isikhathi eside.
EMINYAKENI yamuva nje, njalo ngo-May 9, abantu ababeyizakhamuzi emadolobhaneni aseduze nale ndawo—ngezinye izikhathi behambisana nabangane nezihlobo—bavakashela imizi ababehlala kuyo engamanxiwa. Ngezinye baya lapho beyongcwaba. Ososayensi baye bavakasha beyocwaninga ngemiphumela yokukhishwa kwemisebe. Ngaphezu kwalokho, eminyakeni yamuva nje izinkampani zezokuvakasha zase-Ukraine ziye zahlela usuku lokuvakashela le ndawo ngaphansi komqondisi.
Ngo-June 2005, ekhasini layo lokuqala, i-New York Times yakhuluma ‘ngohambo olufushane ngaphansi komqondisi’ lokuya ePripet “olungabachayi abantu ezingozini zempilo.”a IPripet—idolobha elinabantu abangu-45 000 elingaba amakhilomitha amathathu ukusuka kulesi sikhungo—yaba khona ngawo-1970. Kodwa yashiywa dengwane ngemva kwale nhlekelele yenuzi—njengoba kwaba njalo nangamanye amadolobha amaningi. Abantu babe sebenqatshelwa ukungena kulezi zindawo ngenxa yengozi yemisebe. Ngesikhathi kuqhuma isikhungo, u-Anna noVictor Rudnik base benonyaka behlala ePripet.b
Idolobhana elincane laseChernobyl (okubuye kube igama lalesi sikhungo senuzi) lingaba amakhilomitha angu-15 ukusuka kulesi sikhungo. Sekuyiminyakana abantu ababehlala khona bevunyelwa ukuba bavakashe kanye ngonyaka. Njengoba abakwaRudnik bakhulela eChernobyl, baye bavakashela khona ngalezi zikhathi. Ake ngikuchazele ukuthi kwakunjani lapho mina nomkami sibavakashela eminyakeni embalwa edlule.
Iholidi Lethu Elidabukisayo
Sasuka eKiev, inhloko-dolobha yase-Ukraine, sabamba umgwaqo oyimizila emibili obheke enyakatho. Sadlula emadolobhaneni amancane anemigwaqo enohele lwemizi enezimbali zohlobo lwe-tulip ezihlobise amagceke angaphambili, futhi abantu batshalé izivande. Phakathi kwala madolobhana, umuntu wayengahamba aze ayoshona ngalé ebona amasimu ommbila, ukolweni nobhekilanga.
Nokho, kukhona lapho sawela khona umngcele ongabonakali. Kwakungekho phawu lomgwaqo olubonisa ushintsho, kodwa saluzwa egazini. Amadolobhana esadlula kuwo ayethule ngendlela esabisayo. Imizi eyayisiqale ukuwohloka yayinamafasitela aphukile neminyango ehluthulelwe ngezingidi. Emagcekeni angaphambili kwakugcwele ukhula, kanti nezingadi zazenile.
Sase singene endaweni enemingcele—engaba amakhilomitha angu-30 ukusuka esikhungweni senuzi. U-Anna wathi: “Amadolobhana akule ndawo anezinga eliphakeme lemisebe. Kula madolobhana nemizana eminingi kwasuswa abantu abangaphezu kuka-150 000 bayiswa emakhaya amasha kulo lonke izwe elaliyiSoviet Union ngaphambili.”
Njengoba siqhubeka nohambo, ngokushesha safika kwenye indawo, ebiyelwe ngocingo oluphakeme oluhlabayo oluyihlukanisa ngokuphelele. Buqamama, kwakunonogada endlwaneni yokhuni—efana nendawo yokuhlola izimpahla—ababegade zonke izimoto ezingenayo. Unogada wahlola izincwadi zethu, wabhalisa imoto, wabe esevula isango.
Manje sase singene endaweni evikelwe. Umgwaqo wawusitshekelwe yimithi eluhlaza. Ihlathi lalinohlaza oluyisinindolo—okuyisimo esihluke ngokuphelele ezihlahleni ezishile nohlaza olubunile engangilindele ukulubona. Phambili, kwakunophawu olumhlophe lwezitini olubhalwe ngamagama aluhlaza okwesibhakabhaka, olubonisa ukuthi leli dolobhana yiChernobyl.
Emngceleni weChernobyl kwakunekhemisi. Unina kaVictor wake wasebenza lapho. Kwakunophawu oluphuphile olubonisa izikhathi zokuvula olwalusalenga efasiteleni elingcolile elinothuli. Ngasepaki elisenkabeni yaleli dolobhana kwakunesakhiwo sezobuciko. U-Anna ukhumbula indlela yena nezinye izakhamuzi ababephumula ngayo lapho ngemva komsebenzi, babukele imidlalo yezingcweti ezihlukahlukene. Eduze kwakunendawo yamabhayisikobho, okuthiwa i-Ukraina, lapho izingane zaziya khona zibalekela ukushisa kwelanga, kanjalo zibukele amabhayisikobho amuva endaweni epholile. Sekuphele isikhathi eside impela lungasazwakali uhleko olwaluqhuma ngaphakathi ehholo elimnyama. U-Anna noVictor basiyisa emzini wabo—oyibangana nje uma usuka enkabeni yedolobha. Umnyango wangaphambili wawusuvalwe yimithi enganqunywa, ngakho sashaya uhele sidabula phakathi kokhula sayongena ngomnyango ongemuva—manje okwase kuyintuba nje odongeni.
Ngaphakathi, yonke into yayiyincithakalo. Kwakunomatilasi okhuntile phezu kohlaka olugqwalile. Iphepha lokuhlobisa udonga lalilenga njengemicu yokuhlobisa engcolile. U-Anna wacosha isithombe esidala kudoti owawugcwele phansi. Ekhuluma ngephimbo elilusizi, wathi: “Bengilokhu ngifuna ukubuya ngithole yonke into injengoba yayinjalo. Yeka indlela okungizwisa ubuhlungu ngayo ukubona umuzi wethu usuphenduke indawo kadoti; impahla yethu ilokhu yebiwa njengoba iminyaka iqhubeka!”
Saphuma kwaRudnik sathi ukuhambahamba emgwaqweni. Kwelinye ijika kwakuneqembu labantu ababexoxa ngomdlandla. Sahamba isigamu sekhilomitha saya lapho umgwaqo uphela khona epaki elingasechwebeni elibheke emfuleni omkhulu othule. Kwakunezimbali ezimhlophe zemithi ye-chestnut ezazinyakaziswa umoya ohelezayo. Ngo-1986 kwakunamakhulu abantu ababelinde ukutakulwa ngesikebhe laphaya ezitebhisini ezehlela ebhulohweni.
Ngonyaka odlule, abakwaRudnik bavakashela umuzi abehlala kuwo ePripet ngokokuqala ngqá. Babeshiye leli dolobha ngemva kokuqhuma kwenuzi eminyakeni engu-19 ngaphambili.
Isikhathi Sokuzindla
Ngo-April 2006, kuzokwenziwa imikhosi ehlukahlukene yokukhumbula iminyaka engu-20 kwenzeka le nhlekelele yenuzi. Kubantu abaningi le mikhosi iyisikhumbuzo esinamandla sokuthi nakuba umuntu enza imizamo eqotho, uyehluleka ukusingatha izindaba zomhlaba ngokuphumelelayo ngaphandle kwesiqondiso sikaNkulunkulu.—Jeremiya 10:23.
Ngo-September nyakenye kwakhishwa imiphumela yombiko wesayensi owawuhlaziya le nhlekelele. Lo mbiko, owawugunyazwe yiZizwe Ezihlangene, wathi ekuqaleni le ngozi yabulala abantu abangu-56, futhi wabikezela ukuthi bangu-4 000 kuphela ababeyogcina befile ngenxa yokuchayeka ngokuqondile emisebeni. Ngokuvamile, izibikezelo zangaphambili zazithi abantu ababengase bafe baphakathi kuka-15 000 kuya ku-30 000. Ingosi yomhleli we-New York Times ka-September 8, 2005 yaphawula ukuthi “amaqembu amaningana okulondolozwa kwemvelo ahlasela [lo mbiko we-UN] ethi uwumzamo ongenalo iqiniso wokufihla izingozi ezingase zidalwe amandla enuzi.”
UVictor, owafunda ngoMdali wakhe, uJehova uNkulunkulu, ngemva kwale nhlekelele, wathi: “Asisacindezelekile, ngoba siyazi ukuthi lapho uMbuso kaNkulunkulu ufika, izingozi ezimbi njengale ngeke ziphinde zenzeke. Sibheke phambili esikhathini lapho izindawo ezisemaphandleni ezizungeze umuzi wethu esiwuthandayo eChernobyl ziyosimama esimweni ezikuso manje futhi zibe ingxenye yepharadesi elimangalisayo.”
Isithembiso seBhayibheli sokuthi iPharadesi lokuqala lasemhlabeni liyophinde limiswe, landiswe emhlabeni wonke siye saqinisekisa izigidi zabantu kusukela kwenzeka le nhlekelele yaseChernobyl. (Genesise 2:8, 9; IsAmbulo 21:3, 4) E-Ukraine nje kuphela, abantu abangaphezu kuka-100 000 baye bamukela lelo themba kule minyaka engu-20 edlule! Kwangathi nawe ungashukumiseleka ukuba uhlole ikusasa eliqhakazile elithenjiswa labo abafuna ukufunda ngezinjongo zikaNkulunkulu.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba izazi ezihlukahlukene ziye zathi lokhu kuvakasha kwesikhashana akuyona ingozi, i-Phaphama! ayitusi noma ikhuthaze muntu ukuba enze noma imaphi amalungiselelo okuvakashela le ndawo.
b Bheka i-Phaphama! ka-April 22, 1997, amakhasi 12-15.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 16]
Isikhumbuzo Sabahlanzi Bendawo
Lesi sikhumbuzo esikhulu esokubonga izisebenzi ezahlanza iChernobyl ngemva kwenhlekelele. Lezi zisebenzi zacisha umlilo, zavala isikhungo senuzi esasilanguka amalangabi, zasusa nemfucumfucu. Ngokuhamba kwesikhathi, lezi zisebenzi zagcina sezibalelwa emakhulwini ezinkulungwane. Kubikezelwa ukuthi bangaba ngu-4 000 abantu abayokufa ngenxa yale nhlekelele ngokuqondile nokuthi iningi labo liyobe liphakathi kwalezi zisebenzi.
[Izithombe ekhasini 15]
Uphawu lwedolobhana laseChernobyl, kanye nendawo yamabhayisikobho
[Izithombe ekhasini 15]
AbakwaRudnik nomuzi wabo eChernobyl
[Izithombe ekhasini 16]
Isikhungo senuzi esaqhuma, esingaba amakhilomitha amathathu ukusuka efulethini labakwaRudnik ePripet (esithombeni esincane)