Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukusiza Intsha Esenkingeni (April 8, 2005) Lolu chungechunge lwalufundisa kakhulu. Ngezinye izikhathi ukuba musha kuyinselele, kodwa ukuba nezihloko ezikhuthazayo njengalezi kwenza kungabi nzima kakhulu. Yilokhu kwaziswa kanye esikudingayo ukuze sikhuthazeke kulezi ‘zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ (2 Thimothewu 3:1) Izikhumbuzo ezikulezi zihloko ziyosisiza ukuba singabi yizisulu ‘zamaqhinga kaDeveli.’ (Efesu 6:11) Siyanibonga ngokusipha ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.
K. S., United States
Kumelwe Sifake Isandla Ukuze Sigcine Ikhaya Lihlanzekile (June 8, 2005) Lapho ngisakhula, umama nobaba babesebenza, kanti thina zingane sobathathu sasivame ukudlala endlini. Sasiyingcolisa kakhulu. Kuze kube namuhla ngiyakuzonda ukuhlanza indlu. Kodwa ukufunda lesi sihloko kwangenza ngaba nomuzwa wokuthi umama wayengifundisa ngomusa ukuthi indlu ihlanzwa kanjani. Nginabantwana asebekhulile manje, futhi abakuthandi ukuhlanza indlu. Kunezinto eziningi okufanele ngibafundise zona. Singikhuthazile lesi sihloko.
Y. E., Japan
Izihloko Ezingabukezwa Umkhaya (May 8, 2005) Lapho ngibona lesi sihloko (kumagazini wesiNgisi), ngahlengezela izinyembezi. Ngasibonisa indodakazi yami. Yabe isingitshela ukuthi isisifundile isihloko esikhuluma ngondlunkulu olimele futhi yaphendula nemibuzo emibili esihlokweni esithi “Izihloko Ezingabukezwa Umkhaya.”
L. S., United States
Imitapo Yezincwadi—Indlela Eya Olwazini (May 22, 2005) Ngicela ningivumele ngisho ukuthi kwenziwe iphutha lapho kuchazwa ukuthi isithombe esisekhasini 18 (kumagazini wesiNgisi) eseNkosi u-Ashurbanipal wase-Asiriya. Empeleni, lesi sithombe eseNkosi yase-Asiriya u-Esar-haddon.
A. W., Germany
I-“Phaphama!” iyaphendula: Siyabonga ngokusiqaphelisa lokhu. Njengoba kuboniswe encwadini yezikhombo zeBhayibheli ethi “Insight on the Scriptures,” uMqulu 1, ekhasini 757, u-Esar-haddon wayeyindodana encane eyabusa ngemva kweNkosi yase-Asiriya uSaneheribi.a
Ikhalenda Elimangalisayo LamaMaya (April 8, 2005) Lesi sihloko (kumagazini wesiNgisi) sangishukumisela ukuba ngenze ucwaningo kuyi-Internet. Ngathola ukuthi ikhalenda lamaMaya lihlobene kakhulu nokufundwa kwezinkanyezi. Nginomuzwa wokuthi ukunyathelisa izihloko ezinjengalesi kungenza abafundi babe nesithakazelo ekufundweni kwezinkanyezi nasemilingweni.
J. K., Poland
I-“Phaphama!” iyaphendula: Njengoba kushiwo ekhasini 4 le-“Phaphama!,” lo magazini “ubika izindaba, ukhuluma ngabantu basemazweni amaningi, uhlola inkolo nesayensi.” Lokhu akusho ukuthi sivumelana nakho konke okwenzeka kulezi zindawo. Esihlokwaneni okhuluma ngaso, sabika ngamaMaya asendulo, ubuciko bawo obukhulu bokubala obasiza ekwenziweni kwekhalenda elinembe ngendlela emangalisayo. Iqiniso lokuthi leli khalenda lalisetshenziswa ekubhuleni—esikuvumayo kulesi sihloko—akufanele nakancane lenze abafundi balo magazini babe nesithakazelo ekufundweni kwezinkanyezi.
Ngezinye izikhathi sithola imibuzo efanayo ngokuphathelene nezithombe ezivela ezincwadini zethu. Imifanekiso yezithixo, izimpawu zenkolo, noma izinto zemimoya akusetshenziselwa ukuvusa ilikuluku kodwa ukwembula noma yiziphi izimfihlo eziphathelene nalezo zinto nokuxwayisa abafundi ukuba bangazihlanganisi nalezo zinto. Izincwadi eziningi esiye sazithola zibonisa ukuthi izihloko zethu nezithombe ezikuzo kuye kwaba nethonya elizuzisa kakhulu.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.