Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/06 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isimo Sengqondo Ngengcebo
  • Imfucumfucu Ezungeza Emkhathini
  • Izikhali Nempi
  • Izimoto Ezisebenzisa Izinhlobo Ezimbili Zikaphethiloli
  • Ukuphuza Ngokweqile Kanye Nempilo
    I-Phaphama!—2005
  • Ukukhuluma Nezingane Ngotshwala
    Usizo Lomndeni
  • Ukuphuza Ngokweqile—Kuyinhlekelele Emphakathini
    I-Phaphama!—2005
  • Yini Abantu Abaningi Abayesabayo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2006
g 4/06 k. 29

Ukubuka Okwezwe

◼ “Cishe umuntu oyedwa kwabane” e-United States “uba nesifo okungenani esisodwa sokuphazamiseka kwengqondo nganoma imuphi unyaka, kanti cishe umuntu oyedwa kwababili uba nale nkinga esikhathini esithile sokuphila kwakhe.”—I-SCIENCE NEWS, E-U.S.A.

◼ Ngo-September 2004, iSiphepho u-Ivan saphehla okungenani amagagasi angu-24 ayengamamitha angaphezu kuka-15 ukuphakama eGulf of Mexico. Eliphakeme kunawo wonke lalingamamitha angu-27,7.—UMAGAZINI I-SCIENCE, E-U.S.A.

◼ Ukusebenzisa omakhalekhukhwini lapho umuntu eshayela kuwandisa ngokuphindwe kane amathuba engozi engalalisa umuntu esibhedlela, kungakhathaliseki ukuthi abashayeli basebenzisa imishini yokukhuluma bengaluphethe ucingo noma cha.—I-BMJ, EBRITHANI.

◼ Uhlelo olusha lwencwadi eklanyelwe ukusiza abahumushi beBhayibheli luthi kunezilimi ezingu-6 912 ezikhulunywayo.—I-NEW YORK TIMES, E-U.S.A.

◼ Naphezu kwezixwayiso ezithi ukubhema kulimaza izingane zabo, abesifazane basePoland abangamaphesenti angu-30 bayabhema lapho besakhulelwe noma besancelisa.—UMAGAZINI I-ZDROWIE, EPOLAND.

Isimo Sengqondo Ngengcebo

I-ABC News Online ibika ukuthi ucwaningo olwenziwe yi-Australia Institute mayelana nezimo zengqondo abantu abanazo ngengcebo luye lwathola ukuthi kubo bonke abantu abayizinjinga e-Australia, ngumuntu oyedwa kuphela kwabangu-20 ozibheka njengochumayo. UClive Hamilton, umqondisi ophethe i-Institute, uthi “njengoba siqhubeka siceba, ukwaneliseka kwethu ngemali esiyitholayo kuyaqhubeka kuncipha.” Empeleni, bangamaphesenti angu-13 kuphela abantu abathola imali eningi kunabo bonke abazizwa beneliseke ngokuphelele ekuphileni. UHamilton uthi: “Umuntu kufanele azibuze ngempela ukuthi yini eyenza umphakathi wakithi uphishekele ukuchuma ngokwezimali ngaphezu kwanoma yini enye, kuyilapho bonke ubufakazi bubonisa ukuthi ezinye izici zokuphila ezihlukile ezisilethela umuzwa wokwaneliseka kwangempela.”

Imfucumfucu Ezungeza Emkhathini

“Ake ucabange ukuthi bekungaba yinto engenangqondo kangakanani uma abashayeli bebengashiya izimoto zabo emgwaqweni edolobheni ngoba nje ziphelelwe uphethiloli,” kusho umagazini i-New Scientist. Kodwa lokhu kufana ncamashí nalokho okwenzeka ngeziphuphutheki ezingasasebenzi, okwandisa ingozi yokuba izinto ezintsha ezicitshwayo zishayisane nemfucumfucu ezungeza emkhathini. Kulinganiselwa ukuthi kunezinto ezingaba ngu-1 120 ezinobukhulu obungaphezu kwamasentimitha angu-60 ezisemkhathini ozungeze umhlaba, okuyindawo ethandwayo yokuciba imishini yezokuxhumana, kodwa zingaba ngu-300 kuphela kulezi zinto ezisasebenza njengeziphuphutheki. Phakathi kwezinto eziyingozi ezishiywe ezindaweni ezihlukahlukene emkhathini kunemishini engu-32 engasasebenzi yokuphehla amandla enuzi.

Izikhali Nempi

Lapho kuphela iMpi Yomshoshaphansi, ibhizinisi lezikhali lawa. Nokho, kule minyaka embalwa edlule, leli bhizinisi liye lachuma. Umbiko we-Stockholm International Peace Research Institute (SIPRI) ubonisa ukuthi ngo-2004, imali eyachithwa umhlaba wonke kwezempi yafinyelela emaRandini ayizigidi eziyizigidi ezingu-6,62. Leli nani lilingana nokuchitha imali engu-R1 072 ngendoda ngayinye, owesifazane nomntwana ngamunye okule planethi. Ngokwe-SIPRI, ngo-2004 kwalwiwa izimpi ezingu-19 ngayinye eyabulala abantu abangaphezu kwenkulungwane. Kulezo zimpi, ezingu-16 zase zineminyaka engaphezu kweyishumi ziqhubeka.

Izimoto Ezisebenzisa Izinhlobo Ezimbili Zikaphethiloli

Umagazini i-Veja ubika ukuthi ingxenye eyodwa kwezintathu yezimoto ezidayiswa eBrazil manje isebenzisa izinhlobo ezimbili zikaphethiloli. Lezi zimoto zihamba ngophethiloli, nge-alcohol ekhishwa kumoba, noma ngenhlanganisela yakho kokubili lokhu exutshwe nganoma yisiphi isilinganiso. Kusukela ngo-2003 kuya ku-2004, ukudayiswa kukaphethiloli one-alcohol kwenyuka ngamaphesenti angu-34. Lokhu akuhlobene neze nezinzuzo zemvelo. Kumane nje kwenziwa ukuthi kushibhile kubashayeli abaningi ukusebenzisa uphethiloli we-alcohol. Lezi zimoto ezizisebenzisa zombili lezi zinhlobo zikaphethiloli zingavikela “abathengi ezinkingeni zikaphethiloli nasentengweni yawo eguquguqukayo,” kuchaza uRafael Schechtman, umqondisi weBrazilian Center of Infrastructure. “Uma intengo ye-alcohol ikhuphuka, umuntu angasebenzisa uphethiloli, uma kwenyuka uphethiloli, asebenzise i-alcohol.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela