Izilwane Zijabulele Kuze Kube Phakade
YEKA ukuthi kunezinhlobonhlobo zezilwane eziningi kangakanani, ngalunye lunesimo nezici ezihlukile! Ukuzithanda nokuba nozwela ngazo kungaba yisici esisondeza umuntu kuMdali wazo. Lokhu kwabonakala endabeni kaMaria.
Eminyakeni engaba mithathu edlule, lapho uMaria esahlala eLisbon, ePortugal, inja ayeyithanda yaduka, ngakho wafaka isimemezelo emsakazweni. Omunye woFakazi BakaJehova, owayeqiniseka ukuthi wayebone inja efanelana nencazelo eyanikezwa emsakazweni, wathintana noMaria. Lapho bobabili behlangana, bakwazi ukuyithola le nja, futhi lo Fakazi wathi njengoba uMaria ethanda izilwane kangaka, ngokuqinisekile angakujabulela ukuphila ezweni elisha elithenjiswe nguNkulunkulu. Lo Fakazi wachaza ukuthi ngaleso sikhathi, abantu bayohlalisana ngokuthula nazo zonke izilwane.
UMaria wasamukela isimemo sokuya emhlanganweni woFakazi. Lokho akuzwa nakubona lapho kwamthakazelisa kakhulu kangangokuba wafuna ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli. Njengoba isifundo sasiqhubeka, uMaria washukunyiswa ngokujulile yilokho akufunda ngoJehova uNkulunkulu nangesithembiso sakhe sokuphila okuphakade emhlabeni ezweni elisha lokulunga. (IHubo 37:29; Johane 17:3) Ekugcineni, ngo-February 16, 2002, wabonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuJehova ngokubhapathizwa emanzini.
Injongo KaNkulunkulu Yasekuqaleni
NjengoMaria, abaningi baye bahlatshwa umxhwele ubufakazi bokuthi injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba abantu baphile phakade emhlabeni oyipharadesi futhi banakekele zonke izilwane ezikuwo iyogcina igcwalisekile. (Genesise 1:28) IBhayibheli lithi uNkulunkulu ‘akazange awudalele ize nje umhlaba’ kodwa ‘wawubumba ukuze uhlalwe ngisho nokuhlalwa.’ Ngokusobala, abantu kwakufanele bajabulele umhlaba nezilwane ezikuwo kuze kube phakade.—Isaya 45:18.
IBhayibheli libuye ligcizelele ukuzimisela kukaNkulunkulu ukufeza injongo yakhe yasekuqaleni yokwenza umhlaba ube yipharadesi. Uyamemezela: “Ngikukhulumile nokukukhuluma,” enezela: “Ngizokwenza futhi.” UJehova uphinde athi: “Liyoba njalo nezwi lami eliphuma emlonyeni wami. Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 46:11; 55:11.
Ngokusobala, injongo kaNkulunkulu yasekuqaleni yayiwukuba abantu bajabulele ipharadesi lasemhlabeni kuze kube phakade. Singaqiniseka ngokugcwele ngokuthi ekugcineni leyo njongo iyogcwaliseka. Ake sihlole amazwibela esiwanikezwa yiBhayibheli endlela ukuphila okuyoba ngayo ezweni elisha likaNkulunkulu. Sizobona ukuthi ngempela, zonke izilwane, ezifuywayo nezasendle, ziyohlalisana ngokuthula futhi zihlalisane ngokuthula nesintu.—Isaya 65:17, 21-25; 2 Petru 3:13.
Izilwane Ezifuywayo Ezweni Elisha LikaNkulunkulu
Ezweni elisha likaJehova, abantu bayokwazi ukuthinta umhlwenga webhubesi, ukuphulula uboya behlosi, yebo, nokulala ehlathini ngaphandle kokwesaba ukulinyazwa yinoma isiphi isilwane. Phawula lesi sithembiso sikaNkulunkulu: ‘Ngokuqinisekile ngiyobangela ukuba kuphele isilo sasendle esilimazayo ezweni, futhi empeleni abantu bayohlala ehlane ngokulondeka balale emahlathini.’—Hezekeli 34:25; Hoseya 2:18.
Ngaleso sikhathi, izilwane zasendle ziyothobela ngisho nezingane ezincane imbala! IBhayibheli lithi: “Impisi iyohlala isikhathi newundlu leduna, ingwe ilale kanye nezinyane lembuzi, ithole nebhongo lengonyama elinomhlwenga nesilwane esikhuluphele konke ndawonye; nomfanyana nje uyoba umholi wako.”
Kodwa akugcini lapho! Lo mbhalo uyaqhubeka: “Inkomazi nebhere kuyoklaba; amankonyane ako alale ndawonye. Ngisho nengonyama iyodla utshani njengenkunzi. Umntwana oncelayo ngokuqinisekile uyodlala emgodini wemfezi; futhi ingane elunyuliweyo iyofaka isandla sayo embotsheni yomgodi wenyoka. Ngeke neze kulimaze noma kubangele incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele; ngoba umhlaba ngokuqinisekile uyogcwala ulwazi ngoJehova njengoba nje amanzi esibekela ulwandle.”—Isaya 11:6-9.
Ezweni elisha likaJehova, ngeke ibe khona inkinga yokunqwabelana kwabantu ndawonye emadolobheni amakhulu abangakujabuleli ukuhlala kuwo bona nezilwane abazifuyile. Yiqiniso, ngisho nanamuhla abaningi bayakujabulela ukufuya izilwane, futhi abaningi bayalinganisela embonweni nasendleleni abazinakekela ngayo. Kodwa ake ucabange ngethemba elimangalisayo lokujabulela ukufuya izilwane phakade ezweni elisha elinokulunga! Ukunakekelwa kwazo ngothando ngempela kuyodumisa uMdali Omkhulu wazo zonke izinto eziphilayo.
Uma ungakafundi ngezinjongo zikaNkulunkulu ezimangalisayo—njengoba kwakunjalo ngoMaria othanda izilwane kwaze kwaba muva nje—sikumema ngemfudumalo ukuba uxhumane nabanyathelisi balo magazini noma omunye woFakazi BakaJehova, oyokujabulela ukukusiza ukuba ufunde ngazo.
[Isithombe ekhasini 18]
Ezweni elisha likaNkulunkulu, izilwane ziyojatshulelwa kuze kube phakade