Intsha Iyabuza . . .
Yini Engalungile Ngokuxoxa Ngobulili Ocingweni?
UMAGAZINI othile odumile waseMelika uthi: “Ukuxoxa ngobulili ocingweni sekuthathe indawo yokubhalelana izincwadi njengendlela yokukhulumisana yezithandani eziqhelelene.”
Kuyini ukuxoxa ngobulili ocingweni? Kuhilela ukuxoxa noma ukulalela izindaba eziyingcaca ezivusa inkanuko yobulili ocingweni.a Labo abahlanganyela kulo mkhuba bavame ukushaya indlwabu ukuze banelise inkanuko yobulili. Kungakhathaliseki ukuthi le ngxoxo eyichilo iphakathi kwezithandani noma kwabantu abangazani, ukuxoxa ngobulili ocingweni kuthandwa ngendlela eshaqisayo. Empeleni, abanye bakukhuthaza obala.
Owesifazane othile uthi: “Lobu ubulili obuphephe kakhulu ongabujabulela.” Kubonakala sengathi baningi abavumelana naye. Ngokwesibonelo, ngo-October 2000, lapho likhuluma ngokwanda kwabantu abathola isandulela-ngculaza, iqembu elithile lochwepheshe bezempilo baseRussia lasebenzisa izikhangiso zamaphephandaba ukuze likhuthaze izingxoxo zobulili ocingweni.
Nokho, abanye abantu bakhuthaza ukuxoxa ngobulili ocingweni ukuze nje bathole imali. Izithangami zezingxoxo zobulili zocingo—abantu abazikhokhelayo ukuze balalele amahlazo—seziyibhizinisi elingenisa ama-dollar ayizigidi eziyinkulungwane e-United States kuphela.
Kodwa kungani ngempela lo mkhuba uthandwa kangaka? Incwadi ethi The Fantasy Factory ikubeka ngale ndlela: “Ukuhlangana ngokobulili nokusondelana ngokomzwelo kuyingozi. Kunengozi yokungenwa yizifo ezithathelwana ngobulili, ingozi yokudaluleka engase yonakalise idumela lakho, uvalo lokwahlulelwa kanye nemiphumela yesifiso ‘esihlanekezelwe.’ Ukuxoxa ngobulili ocingweni kuyazinciphisa lezo zingozi.”
Kuyiqiniso ukuthi ukuxoxa ngobulili ocingweni akuhileli ukuthintana ngokoqobo nomunye umuntu. Kodwa ingabe lokho kusho ukuthi akukho okungalungile ngako noma ukuthi azikho izingozi ezihilelekile?
Ingabe Ukuxoxa Ngobulili Ocingweni Akunangozi?
Isifiso sobulili sinamandla ikakhulukazi ebusheni. IBhayibheli libiza le nkathi lapho izifiso zobulili zinamandla khona ngokuthi “ukuqhuma kobusha.” (1 Korinte 7:36) Phakathi nalesi sikhathi esibucayi sokuphila, osemusha ongumKristu kufanele afunde ‘ukulawula isitsha sakhe siqu ngokungcweliswa nangodumo.’ (1 Thesalonika 4:4) Lokhu kusho ukuthi kumelwe ufunde indlela yokubhekana nokulawula imizwa yakho yobulili. Lokhu kubalulekile ukuze ube nombono onempilo nolinganiselayo ngobulili.
Nokho, ukuxoxa ngobulili ocingweni kufundisa umuntu ukuba anelise izinkanuko zakhe zobulili, esikhundleni sokuba azilawule. Ngaphezu kwalokho, kukhuthaza umbono ohlanekezelwe nolulaza abobulili obuhlukile. IBhayibheli lifundisa ukuthi ubuhlobo bobulili kufanele bujatshulelwe emshadweni kuphela. (Hebheru 13:4) Kodwa ukuxoxa ngobulili ocingweni kukhuthaza intsha ukuba izitike ngenjabulo yobulili ngaphandle komshado. IBhayibheli lifundisa ukuthi injabulo yangempela itholakala ngokupha—hhayi ngokuthola. (IzEnzo 20:35) Kodwa ukuxoxa ngobulili ocingweni kufundisa umuntu ukuba asebenzise abanye njengendlela yokuzanelisa kobugovu. IBhayibheli lifundisa imibhangqwana eshadile ukuba ihlakulele ukusondelana kwangempela ngokuhlakulela ukuthandana nokwethembana. (Efesu 5:22, 33) Nokho, ukuxoxa ngobulili ocingweni kukhuthaza ukuqhelelana nokungazani.
Umlutha Oyingozi
IKorinte lasendulo lalaziwa njengomuzi wemikhuba yokuziphatha okubi. Ngakho-ke, ngesizathu esihle, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu lapho: “Ngiyesaba ukuthi ngandlela-thile, njengoba inyoka yayenga u-Eva ngobuqili bayo, izingqondo zenu zingase zonakaliswe zisuke ebuqothweni nasebumsulweni obufanele uKristu.” (2 Korinte 11:3) Ukuxoxa ngobulili ocingweni kungenye yezindlela uSathane uDeveli azisebenzisayo ukuze onakalise intsha namuhla.
Kwenye intsha, ukushayela izinombolo zocingo zokuxoxa ngobulili sekuwumlutha ongalawuleki. Insizwa esizoyibiza ngokuthi uJim ibonisa indlela abanye “abangalutheka” ngayo. UJim wabona inombolo yocingo yokuxoxa ngobulili ebhodini lesikhangiso. Wayibamba ngekhanda le nombolo futhi kamuva wayishayela enelukuluku. Ukushayela le nombolo kwaqala ukuvama. Ngokushesha, wayesezibangele isikweleti socingo semali engu-R4 300!
Ukuvusa izifiso zobulili ungakashadi kungqubuzana neseluleko seZwi likaNkulunkulu. Liyayala: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili.”—Kolose 3:5.
Izingozi Kwabathandanayo
Kuthiwani ngentsha esikhulile ethandana ngempela? Kumane kungokwemvelo kubantu abathandanayo ukufuna ukuvezelana imizwa yabo. Endulo ezikhathini zeBhayibheli, intokazi ethile eyesaba uNkulunkulu yasho lokhu ngesoka layo: “Ngingowesithandwa sami, futhi sinxanela mina.” (IsiHlabelelo SeziHlabelelo 7:10) Uma umshado ususondela, kulungile futhi kuyafaneleka ukuba umbhangqwana othembisene umshado uxoxe ngezindaba ezithile ezijulile. Nokho, ingabe ukuxoxa ngobulili ocingweni kuyindlela ephephile yokubonisa imizwa yothando?
Cha. Ngisho nemibhangqwana esithembisene ingaphansi kwesibopho sokulalela iseluleko somphostoli uPawulu: “Ubufebe nokungcola kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki, kodwa kunalokho makube ukubonga. Ngoba niyakwazi lokhu, nikuqaphela ngokwenu, ukuthi akukho sifebe noma umuntu ongcolile noma umuntu ohahayo—okusho ukuba okhonza izithombe—onefa embusweni kaKristu nokaNkulunkulu.”—Efesu 5:3-5; Kolose 3:8.
Kusobala ukuthi ingxoxo ejulile evusa ngamabomu imicabango yokuziphatha okubi noma eyenza umuntu ashaye indlwabu ayihlanzekile emehlweni kaJehova. Futhi ingaholela ngisho nasekwephuleni izimiso zikaNkulunkulu okukhulu. Ngokwesibonelo, izithandani ezithile zaziqhelelene kakhulu. Ekuqaleni, zazishayelana ucingo ngenjongo yokwazana. Nokho, kungakabiphi ingxoxo yazo yaqala ukugxila ekuziphatheni okubi. Zaqala ukuba nezingxoxo eziyingcaca ngobulili. Ngakho, akumangalisi ukuthi lapho ekugcineni izimo zizivumela ukuba zibe ndawonye, ngokushesha zahileleka ekuziphatheni okungahlanzekile.
Ngokuqinisekile, thina esifuna ukujabulisa uNkulunkulu siyokwenza konke okusemandleni ethu ukugwema ukubanjwa ugibe lokuxoxa ngobulili ocingweni. Singaphumelela kanjani ekwenzeni lokho?
‘Tuba Umzimba Wakho’
Ukuxoxa ngobulili ocingweni kungamlutha umuntu. Kudingeka ‘sitube umzimba wethu futhi siwuphathe njengesigqila’ ukuze samukeleke kuJehova. (1 Korinte 9:27) Uma njengamanje uba nezingxoxo zobulili ocingweni, kungani ungaceli usizo? Ungaqala ngokutshela abazali bakho abangamaKristu. Yebo, bangase bakuthukuthelele. Kodwa futhi bangaba sesimweni esingcono kakhulu sokuqapha indlela oziphatha ngayo ukuze ungaphindi futhi uhileleke. Abadala ebandleni lakini loFakazi BakaJehova nabo bayokujabulela futhi bakwazi ukukusiza.
Uma kunomuntu othandana naye, zimisele ukuhlala uhlanzekile, ngisho nalapho nixoxa ocingweni. Owesifazane ongumKristu oseyingoduso uLeticia uthi: “Mina nesoka lami siye safunda ndawonye izihloko ezisekelwe eBhayibhelini ezikhuluma ngokuhlala sihlanzekile. Siyayazisa indlela eziye zasisiza ngayo ukuba silondoloze unembeza ohlanzekile.” Yiba nesibindi sokushintsha indaba uma ingxoxo isiqala ukuphambuka. Bonisanani ngesidingo sokugcina izingxoxo zenu zihlanzekile.
Kwamanye amazwe, izikhangiso zezingxoxo zobulili zasocingweni zivela kuyithelevishini ebusuku kakhulu. Mhlawumbe kungaba ngcono ukuba umane ugweme ukubuka i-TV ebusuku kakhulu. Njengoba nokushaya indlwabu kuyovusa imicabango yokuziphatha okubi, esikhundleni sokuyibulala, kubalukekile ukuba uwugweme lo mkhuba ongahlanzekile.b Ungaphumelela ukuxosha imicabango engahlanzekile engqondweni yakho ngokugxila ezintweni ezilungile. (Filipi 4:8) Yiba nabangane abanenkulumo eyakhayo, futhi ufunde iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zobuKristu nsuku zonke ukuze ume uqine ekuzimiseleni kwakho. Ngokwenza kanjalo ngeke uvumele imicabango yokuziphatha okubi ukuba ingene yonakalise ukucabanga kwakho. Okubaluleke nakakhulu, thandaza kuNkulunkulu ucele usizo. Umphostoli uPetru wabhala: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:6, 7.
“Inkulu ingcindezi intsha ebhekene nayo yokuhlanganyela ebulilini obungemthetho,” kusho intombazane engumKristu yaseBrazil. Nokho, uJehova uyazazi izinselele obhekana nazo. Ungaqiniseka ukuthi uyokunika lonke usizo oludingayo ukuze uhlale uhlanzekile emehlweni akhe.—Efesu 6:14-18.
[Imibhalo yaphansi]
a Umkhuba ofanayo omubi, ngezinye izikhathi obizwa ngokuthi i-cybersex, uhilela izingxoxo ezivusa inkanuko yobulili ezingosini zengevu ze-Internet.
b Ukuze uthole ukusikisela kokuthi ungakunqoba kanjani ukushaya indlwabu, bheka incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, amakhasi 198-211, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Izithombe ekhasini 20, 21]
Kokubili ukuxoxa ngobulili ocingweni nasezingosini zengevu ze-Internet kuyanda
[Izithombe ekhasini 20, 21]
Izithandani kumelwe ziqaphele ukuthi ingxoxo yazo ingabi engahlanzekile
[Isithombe ekhasini 22]
Ukufunda iZwi likaNkulunkulu nezincwadi zobuKristu kungaqinisa ukuzimisela kwakho ukuhlala uhlanzekile