Maduzane—Izwe Elingenazo Izidakamizwa
Ucabanga ukuthi lingaba khona yini izwe elingenakho ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa?
UNOBHALA-JIKELELE weZizwe Ezihlangene uKofi Annan wacela wonke amazwe ukuba asebenzele ekwenzeni izwe elinjalo libe khona. Wamemezela: “Kumelwe sithathe izinyathelo ezintsha neziqatha ukuze silwe nalobu bubi; lolu bhadane olubambe eziningi zezingane zethu.”
Nakuba abaholi bengase bavume ukunciphisa ukukhiqizwa nokusatshalaliswa kwezidakamizwa emhlabeni wonke, inselele ababhekene nayo iyethusa. UHennadiy Udovenko wase-Ukraine, osebenza njengomongameli wesigaba esikhethekile soMkhandlu-jikelele we-UN, wathi “njengoba ibhizinisi lemilaliso lenza imali engamaRandi angaba yizigidi eziyizigidi ezingu-3,75 ngonyaka, lingelinye lamabhizinisi omshoshaphansi anembuyiselo enkulu kakhulu, . . . elinamandla okonakalisa noma ukuntengantengisa izimakethe zezimali embulungeni yonke.” Wanezela ngokuthi inkinga yezidakamizwa “isiyinkinga yembulunga yonke futhi akukho sizwe esingase sizizwe silondekile kulolu songo.”
Akulula ukuba nombono wezwe elingenazo izidakamizwa eziyingozi. Ngokuqinisekile ohulumeni babantu babonakalé behluleka ukuziqeda. Nokho, akekho onganqanda uNkulunkulu uMninimandla onke ukuba agcwalise injongo yakhe yokuletha ipharadesi lasemhlabeni okuyokwaneliswa kulo zonke izidingo ezingokomzwelo, ezingokomzimba nezingokomoya. (IHubo 145:16; Luka 23:43; 2 Petru 3:13) Ngokomprofethi u-Isaya, iZwi likaNkulunkulu ‘ngeke libuyele kuye lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho akujabulelayo, futhi liyophumelela kulokho alithumele kona.’—Isaya 55:11.
Ukuthembela kulezo zithembiso kungaba nezinzuzo ezinkulu kwamanje. Ngokwesibonelo, u-Edmundo wayesebenzisa izidakamizwa. Kodwa lapho amukela isithembiso seBhayibheli sezwe elisha lokulunga wakuhlaziya kabusha ukuphila kwakhe. Manje u-Edmundo uthi: “Yeka ukuthi ngangiyisiwula kangakanani lapho ngisaphaza isikhathi sami.” Njengoba efuna ukuhlala amukeleka kuNkulunkulu, manje ushukumiseleka ukuba angazithinti nhlobo izidakamizwa. Yebo, ukwazi uNkulunkulu nezithembiso zakhe manje kungasishukumisela ukuba ‘sigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.’—Efesu 4:24.
Abanye abaningi ngokungenakubalwa ababehileleke ekusebenziseni kabi izidakamizwa ngaphambili nabo sebejabulela ubuhlobo obuseduze noMdali wabo. Kulaba amazwi omhubi abaluleke ngokukhethekile: “O ungazikhumbuli izono zobusha bami nokuvukela kwami. Ngikhumbule ngokomusa wakho wothando, ngenxa yobuhle bakho, Jehova. UJehova muhle futhi uqotho. Yingakho efundisa izoni indlela.” (IHubo 25:7, 8) Yeka ukuthi kubaduduza kanjani abazali bezingane eziphambukayo ukwazi ukuthi izingane zabo zingashintsha! Ngomzamo wenkuthalo, abazali bangazisiza izingane zabo ukuba zimelane nobhadane lokusebenzisa kabi izidakamizwa futhi ‘zibambisise ukuphila kwangempela,’ okuyotholakala ezweni elisha likaNkulunkulu.—1 Thimothewu 6:19.
[Izithombe ekhasini 10]
Ithemba lokuphila ezweni elisha likaNkulunkulu liye lashukumisela abantu abaningi ababesebenzisa izidakamizwa ukuba bashintshe ukuphila kwabo