Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g03 4/8 k. 20-k. 22 isig. 4
  • Ngingawakhetha Kanjani Ama-video Omculo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingawakhetha Kanjani Ama-video Omculo?
  • I-Phaphama!—2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Inselele Yokukhetha
  • ‘Ukukhuluma Iqiniso Enhliziyweni Yakho’
  • Ingabe Kufanele Ngiwabuke Ama-video Omculo?
    I-Phaphama!—2003
  • Sebenzisa Izinsiza-kufundisa Eziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukufundisa Ngama-video
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Sebenzisa Amavidiyo Ukuze Ufundise Ofunda Nabo IBhayibheli
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2019
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2003
g03 4/8 k. 20-k. 22 isig. 4

Intsha Iyabuza . . . 

Ngingawakhetha Kanjani Ama-video Omculo?

“Lapho ngibona igama leqembu noma ingoma esolisayo, ngiyasishintsha isiteshi.”—UCasey.

INTSHA eningi iwathola ethakazelisa kakhulu ama-video omculo. Kodwa njengoba isihloko esandulele kulolu chungechunge sabonisa, ama-video amaningi omculo anezithombe ezishaqisayo zokuziphatha okubi kobulili nobudlova.a Yebo, uma uhlobo oluthile lokuzijabulisa lukhuthaza lokho uNkulunkulu akulahlayo, umKristu kufanele agweme ukulubuka. Nokho, akuwona wonke ama-video omculo anokuziphatha okubi okuyingcaca. Uma kuqhathaniswa, amanye angase abe mahle. Amanye angase angabi nalutho nhlobo olubi. Noma kunjalo, ama-video anjalo angase abe nemiyalezo ecashile engqubuzana neZwi likaNkulunkulu.

Uma abazali bakho bekuvumela ukuba ubuke ama-video omculo, kudingeka ukuba ukhethe futhi usebenzise ‘amandla akho okuqonda’ aqeqeshwe iBhayibheli ukuze ukwazi ukuhlukanisa okufanele nokungafanele ukubuke. (Hebheru 5:14) Iziphi izimiso zeBhayibheli ezingakusiza kulokhu? Nanka amavesi eBhayibheli namazwi angase akusize.

IzAga 4:23: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.” Ingabe unempahla ethile yezemidlalo noma insimbi yomculo eyigugu kuwe? Akungabazeki ukuthi uyinakekela ngokucophelela futhi uyigcina endaweni ephephile. Ngokuqinisekile ubungeke uyishiye emgwaqweni ingabhekiwe, ngisho nomzuzwana nje, funa yoniwe noma yebiwe. Yebo, uyayiqapha. Ngokufanayo, kumelwe unqume ukuthi uyoyiqapha inhliziyo yakho, ungayifaki engozini ngisho nomzuzwana ngokuyichaya ekuzijabuliseni okonakalisayo.

Efesu 2:1, 2: “Yinina uNkulunkulu aniphilisile nakuba nanifile eziphambekweni nasezonweni zenu, enake nahamba kuzo ngokwesimiso sezinto saleli zwe, ngokombusi wegunya lomoya, umoya manje osebenza emadodaneni okungalaleli.” Umoya okukhulunywa ngawo umoya waleli zwe, indlela yokucabanga nezimo zengqondo ezikhuthaza ukuziphatha kokungamesabi uNkulunkulu. Lo moya ubonakala kuma-video amaningi omculo futhi uphikisana ngokuphelele nomoya kaNkulunkulu, oveza izithelo ezinjengenjabulo, ukuthula, nokuzithiba.—Galathiya 5:22, 23.

2 Thimothewu 2:22: “Balekela izifiso zobusha.” Ukubuka izithombe ezibonisa ubulili—ngisho noma kungesikhathi esifushane—kuyobhebhethekisa inkanuko. Intsha eningi iyavuma ukuthi ikuthola kunzima ukukhohlwa izithombe ezinjalo; ngesinye isikhathi ize ithambekele ekuzibukezeni engqondweni ngokuphindaphindiwe. UDave osemusha, owabona i-video evusa inkanuko uyavuma: “Ngemva kokuyibuka, isikhathi ngasinye lapho ngizwa leyo ngoma ngangicabanga ngale video.” Ngakho, ukubuka ama-video anjalo kungakhulisa isifiso sokuziphatha okubi kobulili.—1 Korinte 6:18; Kolose 3:5.

IzAga 13:20: “Osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” Zibuze, ‘Bengingabangenisa yini kwami abantu abayizidlova, abasebenzelana nemimoya, izidakwa, noma abanokuziphatha okubi?’ Ukuzihlanganisa nabo ngethelevishini kuyefana nokubangenisa emzini wakho. Ingabe ukwenza kanjalo kungenza ukuba izinto ‘zikuhambele kabi’? UKimberly uyaphawula: “Sekukaningi ngibona embuthanweni amantombazane egqoke noma edansa ngendlela evusa inkanuko ayeyibone kuyi-video ethile yamuva.” Kungenzeka nawe usuke wabona into efanayo. Ngokulingisa abantu abangenandaba nezindinganiso zokuhlonipha uNkulunkulu, le ntsha ibonisa ukuthi izinto kakade seziqalile ‘ukuyihambela kabi.’ Ngakho zama ngakho konke okusemandleni ukugwema “ukuzihlanganisa nababi.”—1 Korinte 15:33.

IHubo 11:5: “UJehova ngokwakhe uhlola olungile kanye nomubi, futhi ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” Uma sibuka ama-video akhuthaza ubudlova obungenangqondo nobobulwane, ingabe lokho bekungeke kunikeze umbono wokuthi ‘siyabuthanda ubudlova’?

Inselele Yokukhetha

Ngenxa yokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi,” sekunzima kakhulu ukuthola ukuzijabulisa okungangcoliswanga ukucabanga nezimo zengqondo zezwe. (1 Johane 5:19) Ezinye iziteshi zama-video omculo zingase zibonise insada yezinto ezisolekayo. Ngisho noma uhlelo lungenakho ukuziphatha okubi noma ubudlova obuyingcaca, ngokuvamile lusawuthuthukisa umoya wezwe. Umculi othile onguchwepheshe waphawula ukuthi isiteshi esithile esidumile sama-video omculo “asisesona isiteshi somculo kodwa ‘sesiyisiteshi esifundisa izindlela ezithile zokuphila.’”

Ikhambi lingase libe lula: Uma i-video iyimbi, shintsha isiteshi. Inkinga iwukuthi kungase kudingeke uqaphe ngendlela efanayo lapho ubuka ezinye iziteshi ze-TV. Eziningi zibonisa izinhlelo ezinobudlova obuyingcaca noma ukuziphatha okubi noma zibonisa abantu abasezimweni ezihlazisayo. Kuyiqiniso ukuthi kungase kucasule—mhlawumbe kuze kukhungathekise—ukuzama ukujabulela ukuzijabulisa okuthile kuyilapho uhlala uqaphile ukuze ushintshe isiteshi. Futhi ngokuvamile, lapho umuntu eshintsha isiteshi, umonakalo usuke usudalekile kakade. Izithombe zokuziphatha okubi zisuke sezibhalekile kakade engqondweni. Noma kunjalo, ungaqiniseka ukuthi uJehova uNkulunkulu uyobusisa noma yimiphi imizamo eqotho oyenzayo ukuze uqaphe inhliziyo yakho.—2 Samuweli 22:21.

Kunezinye futhi izinyathelo ezingokoqobo ezingaba usizo. UCasey, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wachaza ukuthi yini ayithola iwusizo: “Ngokuvamile igama leqembu nesihloko sengoma kuyavezwa ekuqaleni kwe-video. Iqembu ngalinye laziwa ngedumela elithile, ngakho cishe umuntu uyazi njalo ukuthi yimaphi amaqembu nezingoma ezingaba zimbi. Ngakho lapho ngibona igama leqembu noma ingoma esolisayo, ngiyasishintsha isiteshi. Lokho ngikwenza zisuka nje.”

‘Ukukhuluma Iqiniso Enhliziyweni Yakho’

Ngisho noma uzazi izimiso zeBhayibheli, kusengenzeka uqale ukukubekezelela okungafanele. Kanjani? Ngokubeka izaba. (Jakobe 1:22) IBhayibheli lisitshela ukuthi umngane kaNkulunkulu umuntu “okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe.” (IHubo 15:2) Ngakho thembeka kuwe ngokwakho. Gwema ukuzikhohlisa. Uma uzithola ubeka izaba ngokubuka okuthile okusolisayo, zibuze, ‘Ingabe uJehova ubengakwamukela ngempela ukuthi ngibukele lokhu?’ Khumbula ukuthi ngokuvamile inselele ayikona ukwazi ukuthi yini elungile noma engalungile kodwa ukunquma ukuthi uzokwenza yini okulungile! Kumelwe ubheke ubuhlobo bakho noJehova njengobuyigugu ngaphezu kokuzijabulisa kohlobo oluthile.—2 Korinte 6:17, 18.

Ngokuvamile akwanele ukwenza isinqumo esingaqinile sokukhetha okubukayo. Ukuzimisela kwakho kungashabalala ngokushesha uma kungaqinile. IBhayibheli lisitshela indlela indoda eyesaba uNkulunkulu uJobe eyazimisela ngayo ukuhlala ithembekile kumkayo. Yathi: “Ngenzé isivumelwano namehlo ami. Ngakho ngingaba kanjani ngonaka intombi?” (Jobe 31:1) Cabanga ngalokho! UJobe wenza isivumelwano nenhliziyo yakhe sokubekela amehlo akhe umngcele. Nawe empeleni ungenza okufanayo. Zimisele ngokuqinile—ufunge enhliziyweni—ukuthi ngeke uzibuke izinto ezimbi. Zibekele imingcele ethile. Kubeke emthandazweni. Khona-ke thembeka esivumelwaneni sakho, uze usibhale phansi uma kuzokusiza ukwenza kanjalo. Uma udinga ukusekelwa, kungani ungaxoxi nothile omdala omethembayo—mhlawumbe abazali bakho?

Icabangela izingozi, enye intsha engamaKristu iye yanquma ukuba imane ingawabuki nhlobo ama-video omculo. Kungakhathaliseki ukuthi yini oyinqumayo kule ndaba, sebenzisa amandla akho okuqonda. Londoloza unembeza ohlanzekile. Ngokunamathela ekuzijabuliseni okwakhayo nokuqabulayo, ungagwema ukuzilimaza futhi ulondoloze ubungane bakho noJehova.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ingabe Kufanele Ngiwabuke Ama-video Omculo?” kumagazini wethu ka-March 8, 2003.

[Isithombe ekhasini 21]

Ama-video athile angenakho ukuziphatha okubi okuyingcaca asakhuthaza imibono eyingozi

[Isithombe ekhasini 22]

Zimisele ukuthi ngeke uzibuke izinto ezingamukeleki kuNkulunkulu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela