Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g02 3/8 kk. 14-15
  • Imizwa Yecala—Ingabe Ayilungile Ngaso Sonke Isikhathi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imizwa Yecala—Ingabe Ayilungile Ngaso Sonke Isikhathi?
  • I-Phaphama!—2002
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini Umuzwa Wecala?
  • Imizwa Yecala Ingaba Mihle
  • Umbono Olinganiselayo Ngemizwa Yecala
  • Ngidliwa Yisazela—IBhayibheli Lingangisiza Yini Ngizizwe Kangcono?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • ‘Bheka Phambili’ Esikhathini Esizayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • Ingabe Ngenze Isono Esingenakuthethelelwa?
    I-Phaphama!—1994
  • Ungayeki!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2002
g02 3/8 kk. 14-15

Umbono WeBhayibheli

Imizwa Yecala—Ingabe Ayilungile Ngaso Sonke Isikhathi?

ABANTU abaningi namuhla babheka imizwa yecala njengento engeyinhle. Bazizwa njengesazi sefilosofi esingumJalimane uFriedrich Nietzsche, esathi: “Umuzwa wecala uyisifo esibi kunazo zonke ezake zahlasela umuntu.”

Kodwa manje abanye abacwaningi sebenombono ohlukile. “Umuzwa wecala uyingxenye ebalulekile yokuba umuntu onozwela nonokwethenjelwa,” kusho uSusan Forward, Ph.D., umelaphi nomlobi owaziwa emhlabeni kabanzi. “Uyithuluzi likanembeza.” Ngakho-ke, ingabe yonke imizwa yecala ayilungile? Ingabe zikhona izimo lapho imizwa yecala ingase ibe usizo?

Uyini Umuzwa Wecala?

Siba nomuzwa wecala lapho siqaphela ukuthi silimazé othile esimkhathalelayo noma lapho sishiyeka ezindinganisweni esinomuzwa wokuthi kufanele siphile ngazo. Njengoba enye incwadi isho, umuzwa wecala uhlobene “nomuzwa wokukweleta ngenxa yecala lomuntu elibangelwa ukwehluleka, ukona, ubugebengu, noma isono.”

EmiBhalweni YesiHeberu, umuzwa wecala wawuhlobene nokuhluleka komIsrayeli ukuphila ngokuvumelana noMthetho kaNkulunkulu—kanti iBhayibheli libhekisela kuwo izikhathi eziningi encwadini kaLevitikusi nekaNumeri. Ngokuthakazelisayo, le nkulumo iyivelakancane emiBhalweni YamaKristu YesiGreki. Kodwa lapho ivela khona izikhathi ezimbalwa, nakhona ihlobene namacala amakhulu okona kuNkulunkulu.—Marku 3:29; 1 Korinte 11:27.

Ngokudabukisayo, singaba nomuzwa wecala sibe singenacala. Ngokwesibonelo, uma umuntu engezwani namaphutha futhi ezibekela izindinganiso ezingenangqondo, ukuhluleka ngakunye kungabangela umuzwa wecala ongafanele. (UmShumayeli 7:16) Noma singase sivumele ukuzisola okufanele ngephutha noma ngecala elithile kujule kuze kubangele imizwa yokuhlazeka bese sigcina sizijezisa ngokungadingekile. Pho, nzuzoni engalethwa yimizwa yecala?

Imizwa Yecala Ingaba Mihle

Ukuzizwa unecala kungaba kuhle okungenani ngezindlela ezintathu. Okokuqala, kuwuphawu lokuthi siyaziqaphela izindinganiso ezamukelekayo. Kubonisa ukuthi unembeza wethu uyasebenza. (Roma 2:15) Eqinisweni, incwadi enyatheliswa yi-American Psychiatric Association ithi ukungabi nemizwa yecala kuwukuziphatha okuwusongo emphakathini. Labo abanonembeza ongcolile noma ofile abakwazi ukubona umahluko phakathi kokulungile nokungalungile, futhi lokho kungaba yingozi.—Thithu 1:15, 16.

Okwesibili, unembeza onecala ungasisiza sigweme izenzo ezingafanele. Njengoba nje ubuhlungu bomzimba busiqaphelisa inkinga engase ilimaze impilo, ubuhlungu obungokomzwelo obuhlobene nomuzwa wecala busiqaphelisa inkinga yokuziphatha noma engokomoya okufanele siyilungise. Uma sesibuqaphela ubuthakathaka, siba sethubeni elingcono lokugwema ukuphinda sizilimaze thina, abathandekayo bethu, noma abanye esikhathini esizayo.—Mathewu 7:12.

Okokugcina, ukuvuma icala kungasiza kokubili onecala nalowo owoniwe. Ngokwesibonelo, umuzwa wecala weNkosi uDavide wawuhambisana nosizi olujulile ngokomzwelo. Wabhala: “Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke.” Kodwa lapho ekugcineni evuma isono sakhe kuNkulunkulu, ngenjabulo uDavide wahuba: “Ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa.” (IHubo 32:3, 7) Ukuvuma icala kungenza ngisho nowoniwe azizwe engcono ngoba ukuvuma icala kungaqinisekisa owoniwe ukuthi lowo muntu umthanda ngokwanele ukuba azisole ngokumzwisa ubuhlungu obukhulu.—2 Samuweli 11:2-15.

Umbono Olinganiselayo Ngemizwa Yecala

Ukuze uthole umbono olinganiselayo ngokuphathelene nomuzwa wecala, phawula umahluko omkhulu endleleni uJesu nabaFarisi ababebheka ngayo izoni nesono. KuLuka 7:36-50, sifunda ngowesifazane owayeziphethe kabi owangena endlini yomFarisi, lapho uJesu ayedla khona. Lona wesifazane wangena ngokuthula waqonda kuJesu, wageza izinyawo zakhe ngezinyembezi, wayesezigcoba ngamafutha abizayo anamakha.

UmFarisi onokuzenzisa wameya lona wesifazane, embheka njengomuntu okungafanele amnake. Wathi ngenhliziyo: “Lomuntu [uJesu], ukuba ubengumprofethi, ngabe uyazi ukuthi ubani lona omthintayo nokuthi uluhlobo luni lowesifazane, ukuthi uyisoni.” (Luka 7:39) UJesu wakulungisa ngokushesha ukucabanga kwalo mFarisi. UJesu wathi: “Awuzange ugcobe ikhanda lami ngamafutha; kodwa lona wesifazane ugcobe izinyawo zami ngamafutha anamakha. Ngenxa yalokhu, ngiyakutshela, izono zakhe, nakuba ziziningi, zithethelelwe, ngoba ethande kakhulu.” Akungabazeki ukuthi la mazwi anomusa amkhuthaza lona wesifazane amthoba nenhliziyo.—Luka 7:46, 47.

UJesu wayengakuvuni neze ukuziphatha okubi. Kunalokho, wayefundisa lowo mFarisi oqhoshayo ukubaluleka kothando njengesisusa sokukhonza uNkulunkulu. (Mathewu 22:36-40) Kwakuyinto efanelekayo ukuba lona wesifazane azizwe enecala ngokuziphatha kwakhe okubi kwesikhathi esidlule. Ngokusobala, wayephendukile, ngoba wakhala, wangabeka zaba ngokuziphatha kwakhe kwangaphambili, futhi wathatha izinyathelo eziqondile zokudumisa uJesu obala. Ebona lokhu, uJesu wathi kuye: “Ukholo lwakho lukusindisile; hamba ngokuthula.”—Luka 7:50.

Ngakolunye uhlangothi, umFarisi waqhubeka embukela phansi owesifazane njengesoni. Mhlawumbe wayethemba ukuthi ‘uzomenza esabe uNkulunkulu’ futhi ahlazeke. Kodwa ukuzama njalo ukwenza abanye bazizwe benecala uma bengenzi izinto ngendlela esicabanga ukuthi kufanele bazenze ngayo akunaluthando, futhi kugcina kulimaze abanye. (2 Korinte 9:7) Kuba nemiphumela emihle kakhulu uma silingisa uJesu—ngokubeka isibonelo esifanele, sincome abanye ngobuqotho, futhi sibethembe yize ngezinye izikhathi kungase kudingeke sibasole noma sibayale.—Mathewu 11:28-30; Roma 12:10; Efesu 4:29.

Ngakho-ke, ukuba nomuzwa wecala kungaba kuhle, futhi kudingekile, uma senzé okuthile okungalungile. IzAga 14:9 (Knox) zithi: “Iziwula zikuthatha kalula ukuba necala okudinga ukuhlawulelwa.” Unembeza onecala ungasishukumisela ukuba sivume icala futhi sithathe ezinye izinyathelo ezifanele, futhi kufanele usishukumisele kulokho. Nokho, isizathu sethu esiyisisekelo sokukhonza uJehova kufanele njalo kube uthando, hhayi umuzwa wecala. (Jobe 1:9-11; 2:4, 5) IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi uma abantu abalungile bekhuthazwa futhi benziwa baqabuleke ngalo mbono, bayokwenza konke okusemandleni abo. Okubaluleke nakakhulu, bayokujabulela ukwenza kanjalo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela